Ayihlabi ngakumisa i-EFF KwaZulu-Natal


Igama i-Economic Freedom Fighters (EFF) lilunjaniswa nesishingishane sepolitiki esiguqule okuningi eNingizimu Afrika ikakhulukazi indlela okustshenzwa ngayo ePhalamemde. Nokho lesi sishingishane kubukeka siphelela kuzwelonke eKapa njengoba ezifundazweni kungezwakali lutho. Lokhu kufakazelwe yinkulumo ekhethekile elaboHlanga elibe nayo nobuholi bale nhlangano KwaZulu-Natal nelikuvumile ukuthi KwaZulu-Natal ngelinye izwe njengoba kusengumqansa kulo ukuthola ukwesekwa. Nokho leli qembu liyazithethelela ngokuthi okuyinkinga kubo akuqali ngabo ngoba namaqembu amakhulu azabalaza ukuba lapho ekhona.
Ephawula ngalokhu uMhlonishwa uVukani Ndlovu oyilungu leSishayamthetho elimele i-EFF uthe, amaqanda ababewabale ngale kokhetho akakachamiseli: “Ngingasho ukuthi aseneme neze ngendlela iqembu lethu elenze ngayo selokhu saqala ukuba ingxenye yokhetho kusuka kolukazwelonke kuya kolomasipala. Nokho siyakuqonda ukuthi abantu baKwaZulu-Natal abafani nabakwezinye izifundazwe. Akulula ukuthi uvele ubaguqule imiqondo ubasuse kulokhu abasuke besakholelwa kukho ngaleso sikhathi. Ubufakazi balokho ukuthi ngisho i-ANC kuyithathe iminyaka eli-11 ukuzuza izinhliziyo zabantu baKwaZulu-Natal. Uzokhumbula ukuthi kusuka ngowe-1994 abantu besifundazwe bebekholelwa kakhulu ku-IFP bevotela yona kusuka ngowe-1994. Nokho izinto zize zajika emuva kwesikhathi eside ngowezi-2004 kwayima uKhongolose abantu beqala ukumethemba. Ngakho akuqali ngathi lokhu okwenzekayo futhi siyakholelwa ekutheni sizongena ezinhlizweni zabantu,” kusho uNdlovu.
Okunye okuqaphelekayo nge-EFF ukuthi kuze kube manje kuyo kusengumqansa ukuthola izigceme emikhandlwini lapho ingenele khona ukhetho. Okhethweni lwangoNcwaba ngonyaka owedlule i-EFF yakwazi ukwenyusa izinombolo nokwesekwa kwayo esifundazweni njengoba yathola amaphesenti amathathu nengxenye. Lokhu kwenzeka ngemuva kokuthi okhethweni lwangowezi-2014 lukazwelonke yathola iphesenti elilodwa.
Isinqumo esinqala
Ezinyangeni ezedlule elaboHlanga lishicilele udaba oluthinta isinqumo sobuholi bale nhlangamo kuzwelonke sokumisa amakhansela angenzanga kahle ngesikhathi sokhetho, laba ngabantu abangatholanga amavoti ali-100 ezindaweni zabo. Isifundazwe saKwaZulu-Natal naso sithinteke kakhulu njengoba amagama ekhona amakhansela akuloluhlu. Emagameni akhona abaKwaZulu-Natal kukhona okhansela, uKhanyisile N. Mpontshane kuMasipala uMtubatuba, uRajdev S. Sivnath kuMasipala uMsunduzi, uSiphamandla R. Myeni kuMasipala iJozini, uCromwell S Shinga kuMasipala iHibsiscus Coast, uZibuyisile L. Buthelezi kuMasipala Umlalazi, uMondli N. Shezi kuMasipala Umshwathi, uLindani I. Mthembu kuMasipala iKwaDukuza, uMbuyiseni Nkosi kuMasipala iLadysmith/Waaihoek, uFuthi Mlambo kuMasipala i-Emadlangeni, uNkosinathi E. Sithole kuMasipala i-Estcourt/Loskop, uZwelethu F Mbambo kuMasipala uMkhambathini, uSibongile Nkwanyana kuMasipala iMandeni.
Ephawula ngalokhu uNdlovu uthe iqembu lilusingethe ngobunono udaba lwala makhansela ngoba akuliwa nawo futhi akufanele kubenesihluku uma ecelwa ukuba ahoxe. “Iqembu lizama ngakho konke okusemandleni ukusingatha lolu daba ngobuchule nangobunono. Okunye ukuthi nakuba becelwa ukuba bahoxe labo abathole amavoti amancane kodwa kubuye kubhekwe nokukhuthala komuntu. Kukhona lawo makhansela angazitholanga lezi zibalo ezidingekayo kodwa ukukhuthala kwawo kwenza iqembu lkisibuyekeze isinqumo sokuwakhipha,” kusho uNdlovu.
Omasipala abathinteke kakhulu ngalesi simo, yilabo abasemakhaya afana noMhlabuyalingana, uNongoma, Ulundi, uMthonjaneni, iJozini nakwabanye. Amakhansela aseThekwini wona asindile yize umsindo waqala ngawo kwaze kwagcina ngokuthi amanye amalungu eqembu, ayeholwa uMnu uMthandeni Zungu, alaxaze iqembu ayosungula inhlangano nayo egcine ingaphumelelanga, ebibizwa ngokuthi yi-Effective Economic Emancipation (EEE).
UNdlovu uthe ababoni ukuthi bazodala inkinga noma kulimale iqembu ngabo balinde ukuba basihloniphe isinqumo esesithathiwe. Uthe ucabanga ukuthi kuzothi kuphela lo nyaka babe sebeluphothulile. Mayelana nokubakhona kwe-EFF eSishayamthetho, uNdlovu uthi bayawubona kakhulu umehluko ngoba kulo mzuzu owodwa abawutholayo ababinaso isikhathi sokulwa kodwa bagxila emaphuzwini abakholwa ukuthi asuke ezosiza umphakathi.
“Sifuna nokuthi kuphele nalokhu kukhuluma sokubizwa ngokuthi siyiqembu lezingane ekubeni sikhuluma izinto ezibalulekile ezithinta umphakathi wonkana. Yithi njenge-EFF esiqinise udaba lomhlaba ukuze lunakwe. Siphinde saphakamisa ukuba uHulumeni asungule inkampani yakhe ezokwenza zonke izinto eziphathelene nokwakha ngoba sibona ukuxhaphazeka kwabantu bakithi kula mathenda akhishelwa izinkampani zabathile. Okunye ukuthi silwa nokucindezelwa kwabantu boHlanga njengoba sibona mihla namalanga bethukwa amaNdiya ebabiza ngezinkawu, babaxhaphaze ngisho ezindaweni zokusebenza,” kusho uNdlovu.
Ngaphandle kwalokho uthi bagculisekile ngendlela abayimele ngayo i-EFF eSishayamthetho benoMnu uVusi Khoza.
UNdlovu ubenguSihlalo weqembu KwaZulu-Natal kodwa isigungu sakhe sahlakazwa ngoba ubuholi bukazwelonke bungagculisekile ngokusebenza kwakhe. Kumanje lizama ukuvuselela izinhlaka zalo kabusha kanti uNdlovu ukholwa ukuthi bazokwenza kangcono ngokuzayo ngoba bafuna abantu babo babekuzona zonke izingxenye zesifundazwe futhi babonakale emphakathini. Leli qembu limelwe amalungu ayisithupha ePhalamende likazwelonke eKapa, asuka KwaZulu-Natal.
Kula malungu kukhona uNkk uMakoti Khawula, uNkk uHlengiwe uMaHlophe Mkhaliphi, uMnu uMarshall Dlamini, uMnu uPhillip Mhlongo noMnu uSipho Mbatha.