Izingqinamba ezikhona e-Afrika zisabalulekile ku-ANC


Odabeni lweSwaziland, kuzokhumbuleka ukuthi umqulu owawukhishwe ngaphambi kwale Ngqungquthela wawuthe izingqinamba ezibhekene naleli lizwe komele zisombululwe izakhamuzi zalo. Kodwa, iNgqungquthela iyidlulisele phambili le ndaba ngokuthi ithi, iqembu elibusayo kumele liqinise ubudlelwane futhi lizibandakanye nalabo baseSwazini, abalwela ukuthi kube khona intando yeningi ezweni, futhi kuphele nokungaphathwa kahle kwamalungelo abantu. Iphinde yaphakamisa ukuthi uHulumeni waseNingizimu Afrika kumele uqiniseke ukuthi lesi simo saseSwazini sike sidingidwe yiSouthern African Development Community (SADC). Lesi siphakamiso seNgqungquthela singesokuqala lapho iqembu elibusayo libonakala sengathi liyavuma manje ukuthi angeke ayaseSwazini ilokhu ishaywa ndiva uma kuhlangene oHulumeni ezingqungqutheleni zeSADC.
Amalungu aphinde aphakamisa ukuthi uHulumeni kaKhongolose kumele uqoke aManxusa Akhethekile (Special Envoys) azobhekana ngqo nezimo ezimbili, okungesaseWestern Sahara, kanye neziphathelene nezinhlelo zabesimame. KoweWestern Sahara, umqulu owawukhishwe ngaphambi kweNgqungquthela wawuthe iqembu elibusayo kumele liqhubeke nokuxhasa imizamo yokuthi abangokudabuka kuleli lizwe bakwazi ukuba nethuba lokuthi bakhethe ukuthi bafuna ukuba yizwe elizimele noma babe yingxenye yeMorocco. Amalungu abekade eseNgqungqutheleni akuxhasile lokhu, kodwa aphinde eza nesiphakamiso sokuthi kuqokwe inxusa elizobhekana naloludaba okuyisiphakamiso esikhombisa ukuthi, uKhongolose uzimisele ukuqhubeka nokuxhasa iWestern Sahara. Isiphakamiso sokuthi uHulumeni aqoke inxusa elizobhekana ngqo nezinhlelo ezimisiwe e-Afrika zokuthi indima okumele ilinywe ngabesimame ingazitshwa ikakhulukazi ezimweni zokuqeda izimpi, kanye nokudala intuthuko emazweni, sibalulekile kakhulu Ukuqokwa kwenxusa elifana naleli kuhambisana nezinhlelo ezimisiwe ezwenikazi kanye nasemhlabeni jikelele, zokuthi kuqhutshekwe ukuvikelwa kwamalungelo abe simame. Lezi zincomo zikhombisa ukuthi uKhongolese usezithathela phezulu impela lezi zimo ezimbili, ngoba ukuqokwa njengenxusa elikhethekile kusho ukuthi uba ngumaphum’engena, kuba nguwe ontininizayo ukuze izwe likwazi ukubhekana kalula nangokushesha nezingqinamba ezingavela mayelana nesimo obekelwe ukuthi usebenze kusona. iNingizimu Afrika wobe ungaqali ukuba namanxusa akhethekile, ngoba phambilini kwake kwabakhona inxusa elalibhekene neGreat Lakes Region.
Amalungu abekade ekwi Ngqungquthela aphinde aphakamisa futhi asiseka isinqumo sikaHulumeni sokuhoxa ku-ICC. Kuzokhumbuleka ukuthi iNingizimu Afrika wazithola usenkingeni emveni kokuba uvumele ukuthi onguMengameli waseSudan, u-Al-Bashir, angene ezweni futhi aphinde aphume, noma ngabe i-ICC yase ithe kumele umbophe. Lesi siphakamiso siza nje kulindeleke ukuthi i-ICC ikhiphe isinqumo sayo kuleli sonto mayelana neNingizimu Afrika. Futhi siza emveni kokuba uHulumeni esabhekene nesinqumo saBehluleli eNkantolo Ephezulu esathi indlela enza ngayo mhla ethi uyahoxa ku-ICC iphambene nezinhlelo ezimisiwe zoMthethosisekelo. Bakhona-ke abazobona lesi siphakamiso njengesingesihle kodwa okumele kungakhohlwa ngukuthi iNgqungquthela iphinde yaphakamisa ukuthu uHulumeni kaKhongolose kumele ulime indima yawo ekuqiniseni ukusebenza kwe-Afrikcn Court on Peoples and Human Rights. Ngamanye amazwi, ukuhoxa ku-ICC akumele kubukwe njengento echaza ukuthi iqembu elibusayo aliyishayi ndiva eyokuvikelwa kwamalungelo ezakhamuzi emazweni ase-Afrika.
Mayelana nenhlangano iBRICS, okuvelayo ngukuthi amalungu abekade eseNgqungqutheleni aphakimise isexwayiso esithi uHulumeni kumele athole indlela yokuthi abhekane nokungalingani kwezohwebo okukhona phakathi kweNingizimu Afrika kanye namanye amazwe ayingxenye yeBRICS. Ngakho-ke, noma iNgqungquthela iyivuma iBRICS, kodwa ikwazile ukuza nesincomo esithi akungathulwa uma kubonakala ukuthi iNingizimu Afrika kanye namanye amazwe ase-Afrika awahlomuli ngokugcwele nangokulingana ikakhulukazi kwezomnotho nokuhwebelana kulobu budlelwane obukhona namazwe ayingxenye yeBRICS.
Konke lokhu, kanye nokunye okuze neKhomishana ebidingida ezangaphandle eNgqungqutheleni kaKhongolose kuseyiziphakamiso nezincomo okwamanje. Izinqumo sezothathwa eNgqungqutheleni ezobanjwa ngoZibandlela. Akuthenjwe ukuthi lezi zincomo, ikakhulukazi lezi esizi fingqile lapha, ziyithole inxaso, ngoba zingezinye ezibaluleke kakhulu kubudlelwane phakathi kweNingizimu Afrika kanye ne-Afrika yonkana.
– UMnu uSenzo Ngubane, unguGeneral Manager: Operations, e-ACCORD, okuyinhlangano ezimele esebenza ucwaningo lokudala uxolo ezwenikazi i-Afrika.