Now Reading
IMbube yexwayisa ngamahalanjonjo
Dark Light

IMbube yexwayisa ngamahalanjonjo

Imayini ebese kuvalwe amehlo ngayo isiqalile ukukhiqiza

 

ISILO samabandla sidonse ngendlebe aMakhosi nezinkampani ngamahalanjonjo, okungabantu abavuma ukusetshenziswa abathile ukuthi benze sengathi izinkampani ezabo ekubeni kungenjalo. INgonyama ikusho lokhu ngoLwesibili enkulumweni yayo yokuvula ingxenye entsha yemayini yasoKhukho, iZululand Anthracite Colliery (ZAC). Le nkampani eke yaba nezinkinga isithengwe yinjinga yaseTurkey, uMnu uVuslat Bayoglu. Enkulumeni yaso ISILO sikhale ngomkhuba wokufolosa ngaboHlanga ekubeni ekugcineni bengatholi lutho. Lo mkhuba owaziwa ngokuthi yifronting, ISILO sithe kuveza isithombe esingelona iqiniso ngobunini bokuphatha izinkampani kwaboHlanga ikakhulukazi emkhakheni wezimayini.

“Ngibabaza ngomkhuba walaba bantu abangamahalanjonjo abavuma ukuphathiswa izinkampani kube sengathi ezabo kanti ezabathile bona benziwe izichuse nje, ngicela le nto naMakhosi nezinduna ayiqaphele futhi ayivimbe kule ndawo yasoKhukhu ukuze baphenywe izinqa babekwe obala abenza lowo mkhuba.” Kusho Ongangezintaba. Khona lapho iMbube iphawule ngomkhuba esiwubize ngokuxhaphazwa kwaboHlanga nokuqhathwa kwabo ngabomu ngabaqashi.

“Ngithi angikhuze le nto eyenziwa izinkampani yokuthi uma zivula amathuba emisebenzi bese zibeka phambili abantu bokufika kuqashwe bona kuqala ngoba zifuna ukubaxhaphaza. Nalokho azikwenzi ngoba zibabonelela kodwa zisuke zifuna ukudlala ngabo zingabaholeli ngendlela. Ngakho sibheke ukuba abantu bendawo bahlomule ngale mayini, nalapho uma ngithi abantu bendawo angisho abasoKhukho kuphela kodwa nabakhele isifunda iZululand”, kusho ISILO. Siqhube sathi izindawo zasemakhaya akufanele ziyekelelwe kodwa abatshalizimali abeze kuzo bezofaka umnotho kuzo.

“Siyawadinga amaqhinga okuba kuthuthukiswe izindawo zasemakhaya ngokuthi kulethwe abatshalizimali ukuze umphakathi uhlomule. Esingakuthandi ukuba kuhlomule umuntu othile esikhundleni somphakathi wonkana. Ngaphandle kwalokho ngithanda ukubonga abafowethu baseTurkey ngokuqoka le ndawo yasoKhukho ukuba bazotshala kuyo umnotho. Bafowethu ngicele niqhubeke nalokhu enikwenzile nilande nabanye basezweni lenu nibatshele ukuthi abeze lapha eNingizimu Afrika bazotshala umnotho wabo. Ngicela nathi bantu bendawo sikwamukele lokhu okwenziwe abafowethu baseTurkey. Isikhathi lesi sokuba silwe nendlala abantu basebenze bangene nakwezolimo ngoba yiwona mgogodla womnotho wethu lona,” kusho ISILO. Sibuye sakhala kakhulu ngomkhonyovu obubikwa oKhukho odale uthuthuva emphakathini. Kulo mkhonyovu bekusolwa abantu abathile ngokudayisa imisebenzi ngenani elithile mali bese kuthi uma umuntu engaqashwa kuqale umsindo eselwa nalabo abebemgwazisa bethi uzoqashwa ngaphakathi.

“Labo abadayisa imisebenzi lapha ngaphakathi abayeke ngoba kugcina sekusuka udlame olungenasidingo ngenxa yabasuke bengaqashwanga. Ungafunga ukuthi kusembonini yamatekisi ngoba abantu bayabulalana kubangwa le misebenzi edayiswayo. Ngithi ayiphele lento ngoba ayisakhi isizwe,” kusho ISILO. Siphinde sadonsa ngendlebe uhulumeni ukuthi uma engazimisele ngokuphuthumisa intuthuko ezindaweni zasemakhaya kuzokonakala ngoba kuseduze ePitoli bangangena namabutho sebehlehla, befuna intuthuko.

See Also

Sibuye sacela abasebenzi ukuba bahloniphe imisebenzi yabo futhi bakuqonde ukuthi abanikazi benkampani nabo bafake imali eningi ukuze bathole inzuzo ngakho bayadinga ukwesekwa.
Sithe abantu basoKhukho kumele bazi ukuthi le mayini eyabo futhi kumele bayivikele, sadalula nokuthi ngendlela le mayini enomlando ngayo isikhiqize inqwaba yabantu abahlonishwayo, abanye asebedume iNingizimu Afrika yonke ngokuthi babanga umsindo inyakaze ezinyunyaneni.

Sikhulume konke lokhu nje ISILO izinto zicishe zonakala emayini yasoKhukho ngenxa yesiteleka abantu bekhala ngamaholo. Abaphathi bemayini baphambilini okuyiBHP Billiton, bebebhekene nenkinga yezimali okuyisikweletu esibalelwa ezigidini ezingama-R700. Ngakolunye uhlangothi abasebenzi nabo bebengazibekile phansi beteleka kwazejwagcina kungenelele sona ISILO nesajuba uMehluleli uJerome Ngwenya ukuze kulungiseke isimo njengoba nomphakathi nawo ububhikishela ukuthi awuhlomuli lutho kule mayini.

ISILO sibe sesicela uHulumeni ukuba akwesekele ukuza kwezinkampani ezindaweni zasemakhaya, saphinde samkhuza ukuba ayeke indaba yokuthi izinto zenziwe uma kuza ukhetho kubantu, sathi izinhlelo ezibekelwe intuthuko yabantu kulo nyaka azifezwe, kungalindwa ukhetho lapho kube sekubonakala khona abaholi behla benyuka bedudulana bethi bazoletha izidingo emphakathini. Abaphathi bakaZAC abasha batuswe kakhulu ngokuguqula izinto esikhathini esifushane nokuyinto egweme inhlekelele yokuphela kwemisebenzi nendlala endaweni yasoKhukho naseZululand yonkana.

Scroll To Top