Now Reading
Bafuna uCele anganyanyalati kolwasoGwini
Dark Light

Bafuna uCele anganyanyalati kolwasoGwini

UKUNGENELELA kukaNgqongqoshe Wamaphoyisa ezigamekweni zokusocongwa buthule kwamalungu aqavile kaKhongolose esifundeni iLower South Coast kwamukelwe ngezandla ezimhlophe kulesi sifunda, kodwa kukhona ukukhuluma okuthi uMnu uBheki Cele kumele uphenyo lwakhe lungakhethi amabala.

Labo abaqhamuka nalo mbono noma bengalibeki ngembaba elokuthi kumele kuphenywe nasekhaya, kodwa bathi nalabo abasebuholini eqenjini kumele baphenywe.

NgoLwesibili uCele uhambele umndeni kaMnu uS’fiso Cele  obenguMgcinimafa egatsheni lakuWard 4 oShabeni obulawe ngoMsombuluko ekuseni elungiselela ukuhambisa izingane zakhe esikoleni. Amadoda amabili kuthiwa angene emzini wakhe abavalela ekamelweni maqede asesha umuzi wonke ngaphambi kokuba amdubule. Ubulawa nje kusanda kusocongwa elinye ikhansela kulesi sifunda uNks uNombuso Mqadi obeyilungu legatsha lakuWard 5. Ilungu le-ANC oShabeni elicelwe ukwaziwa ngelikaThulani lanqaba laphetha nesibongo lithe amaphoyisa ewodwa angeke afike ndawo nophenyo uma umphakathi kanye nabo abasebuholini emagatshani nasesifundeni bengasondezwa eduze basho abakwaziyo. “Mfowethu  okwenzeke kuComrade uS’fiso kuyizinkomba zokuthi asikho ndawo eLower South Coast, kodwa uma abaphenyi bezohambela kude alukho ulwazi olungagcine luvelile lwasiza ophenyweni,” kuphawula leli lungu.

UCele uthe baphenya ukuthi lesi sigameko asithintene yini nepolitiki. Abahlaseli bathathe iselula nemali eyizinkulungwane ezi-R3 okungaqinisekisa ukuthi lokhu bekungukulahla umkhondo nje ngenjongo okuyiyona yona yokubulala.”

Uthe sekujwayelekile ukuthi abantu babulawele ipolitiki eMzimkhulu‚ eMgungundlovu, naseRichmond

“Sengihlangene noKlebe nethimba labaphenyi kuleli cala namanye amaningi engikholwa ukuthi ahlobene nezepolitiki kusukela ngowezi-2012.” Uthe iKwaZulu-Natal isona kuphela isifundazwe esinikezwe ithimba elikhethekile elibhekene nokuphenya amacala okubulala okuhlobene nezepolitiki, okuyinto ekutshelayo ukuthi wonke umuntu ukwamukele ukuthi kunenkinga yokubulalana okuhlobene nezepolitiki. Ukubeke kwacaca ukuthi akaneme ngokuthi abekho ababoshwayo bagqunywe emajele ngalokhu kubulala okuhlangene nezepolitiki. “Sengikhulumile noNgqongqoshe Wezobulungiswa uMnu uMichael Masutha ukuze enze konke okudingekayo ekulekeleleni ophenyweni ukwenza isiqiniseko sokuthi ababulali bayaboshwa. Elinye ilungu le-ANC kulesi sifunda elihlala esigungwini esikhulu segatsha lakuWard 5 lapho kusanda kubulawa khona uNks uMqadi lithe inkulu inkinga kulesi sifunda futhi ukubulawa kwalabo abasezikhundleni kwenzeka njalo uma sekusondele izikhathi zokhetho noma kuzoba nezingqungquthela zezifunda. Leli lungu lithe kusobala ukuthi umbango ungezikhundla namandla.

“Ubani ongafuni ukuba likhansela ezohola nje ehleli ekhaya ngoba empeleni amakhansela kule ndawo awenzi lutho ngaphandle kokuqinisekisa ukuthi azizungeze ngabantu abanamandla futhi abanezwi nasemphakathini.”

Ngowezi-2012 kwabulawa uMnu uWandile Mkhize owayenguNobhala wesifunda iLower South Coast. UMkhize wahlaselwa engena emzini wakhe ephuma engqungqutheleni yenqubomgomo ye-ANC eGoli.

See Also

Ngaphambi kwalokhu ngowezi-2015 kwabulawa uMnu uMlungisi Ngcobo owayeyilungu leRegional Executive Committee (REC) eLower South Coast. Nakuba uNgcobo wayengusomatekisi eceleni kodwa ukubulawa kwakhe kwavela ukuthi kwakuhlobene nezepolitiki. UCele uthi angeke akuthole ukuphumula bengakabikhona abagqoka izingubo ezisawolintshi ngalezi zigameko.

Okhulumela i-ANC eLower South Coast uMnu uSelvan Chetty unxuse amalungu ukuba ehlise umoya adedele amaphoyisa aqhube umsebenzi wawo.

“Sinxusa kwabomthetho ukuba benze isiqiniseko sokuthi abashiyi lutho ophenyweni lwabo  ukuze abenzi bobubi zibakhalele. Sihlaba ikhwelo nakuNgqongqoshe Wamaphoyisa ukuba abhekisise izenzo zokubulawa kwabantu ezihlobene nezepolitiki kulesi sifunda kule minyaka emithathu edlule.”

Scroll To Top