Now Reading
Ukufa kukaMkhonto nokwanda kwesizwe amaCele
Dark Light

Ukufa kukaMkhonto nokwanda kwesizwe amaCele

Kwathi ngemuva kokubulawa kukaMagaye kwafika izithunywa ezathi zivela eNgonyameni uDingane eMgungundlovu. Izithunywa zakhuluma iqiniso zathi uDingane uthi uMagaye akabulawanga ngesinqumo esasikhishwe nguye. INgonyama yathi yona ayifuni ukuthi isizwe sikaMagaye sihlakazeke. Yaqhubeka yathi uMagaye wayebulewe yizigilamkhuba. Kuliqiniso ukuthi izigilamkhuba zaziziningi ngoba amabutho eNgonyama uShaka ayephumile ephikelela oBhalule. Wonke lawa asala angaya oBhalule kwakungabantu okwakuye kuthi uma kuphuma impi bona babalekele emahlathini, baphume uma impi isihambile. Yingakho-ke uDingane wababiza ngokuthi bangoHlomendlini. Labuthwa kanjalo ibutho uHlomendlini. Leli butho kwakulula ukusetshenziswa kwalo yisandla esinoboya ngokungalawuleki kalula kwalo. Lokhu kusho ukuthi kwayena uDingane wayesazi ukuthi kwasekunezigilamkhuba ezazilawulwa yisandla esinoboya. Wacela kufunwe indodana kaMagaye eyayizobekwa ibe yinkosi yamaCele. Nembala isizwe sakwaCele sahlangana saqoka uMkhonto ukuba asihole. Kwaqhamuka izwi lithi kudingeka uMkhonto nesizwe sakhe siyogawula izintingo ukuze kwakhiwe umuzi kaDingane.Umuzi wakhiwa ngaphansi koholo lukaSotobe kaMpangalala Gazu/Sibiya. Wayebekwe nguDingane waba yinduna kaHlomendlini. UHlomendlini kwakulibutho elalingayanga oBhalule elalibaleke layocasha uma kuthiwa impi ayiphume. Lalingenabulungiswa kulula ukuthi lisetshenziswe yisandla esinoboya. Nembala impi yaphuma kodwa ngaphambili yabulawa ngenye impi okwakuthiwa yayithunywe nguDingane. UMkhonto wafela khona lapho. Abaphehli balolo dweshu kwakungumshoshaphansi wabahlaseli bamaNgisi owawuzinze eSibubulungu. Abanye abantu bakwaCele ngemuva kokubulawa kukaMkhonto batholwa ngamaqhawe akwaZulu: uKhokhela Mncwango wathola uMntungwana, uSondoda kaMbelekwana wathola uMagidigidi nabanye, uMpangazitha Mncwango wathola uKwefunga, uMdumadwa kaDibandlela noSintwangu owagcina eyinkosi yabakwaCele enyakatho yoThukela; iNgonyama uMaphumzana yaganwa yindodakazi yakhe. EMampondweni kwakunoZibula kaMagidigidi. Phesheya koMzimkhulu ePort Alfred kube noMshweshwe kaMagidigidi. Kwathi uma kudingiswa iNkosi uNjengabantu Ngubane eMvoti yadingiselwa esizweni sikaMshweshwe Cele.

Nganeno koMzimkhulu ingxenye yabakwaCele yayingaphansi kukaMabhojana. Enhla noMzimkhulu kwakhe ingxenye yabakwaCele ngaphansi kukaBhekameva. EMpambanyoni kwakunenye ingxenye yabakwaCele eyayiholwa nguShonkweni kaMntungwana kaMagaye kaDibandlela. AmaCele ngaphansi kukaShonkweni ayakhe phakathi kwemifula iMpambanyoni namaHlongwa. UMageza kaKwefunga wazalelwa kuleyo ndawo. UMkhwebi kaDibandlela wabaleka waya kwaNdwandwe noMande. UZwide ehlulwa yiLembe wangabuya noMande kuMagaye kodwa waphikelela enyakatho wayokhonza kuMzilikazi, wagcina ekhanda intelezi yempi.

Elinye iqhawe eladuma kakhulu esizweni sakwaCele nguJuda kaMalitshe. UMzilikazi kaMashobane wayemnikeza izinkomo eziningi uMkhwebi uma impi yakhe isinqobe izizwe, eziningi zathunjwa amaBhunu wagcina eseseMnguni ngasePort Elizabeth. Indodana kaMkhwebi uSidinane yasuka eMnguni izwe ukuthi kwakukhona abakwaCele ababakhe eningizimu yoThukela. Yahamba isuka ngase Port Elizabeth yagcina ifinyelele eMampondweni lapho yabuza abakwaCele. UMqikela iNkosi yamaMpondo watshela uSidinane ukuthi kwakunendodakazi kaMagidigidi.

Kwajatshulwa iNkosi uMagidigidi yahlaba inkomo yase ikhipha abantu ukuba bahambise uMkhwebi kuXabhashe wendlu yakubo wathokoza wabutha isizwe sakwaCele sahlangana kulalelwa umlando kaSidinane. Wachazela isizwe ukuthi wayeyindodana kaMkhwebi owayengumnawa kaMande. Kwahlatshwa izinkomo ngowe-1873 kubongwa ukuhlangana noSidinane. EMlaza kwakunengxenye yabakwaCele iholwa nguNdunge kaCabatshe kaMande kaDibandlela. KwaZulu kwakunengxenye eyayiholwa nguSintwangu. Abantu abanye abaningi bakwaCele babesakazeke ezizweni eziningi kwaZulu, njengalezi: iziNkumbi, iZembe, eNsimbini, Dumisa, emaDungeni, kwaNdelu, amaGwabalanda, Tolane, kwaTomukane, uSomjoyise, uSintwangu owakhonza eNgonyameni uCetshwayo. Kunabanye abantu bakwaCele eNgele eduze kwaseHarding kanti abanye babengaphansi kwesizwe sakwaLuthuli esasiholwa nguMnini. Eminye imizi yaMakhosi akwaCele amadala kwakuseziNdabe okwakungumuzi kaMaganga.

See Also

USintwangu kaNtenjane Cele wayeyiSangqu elalibuthwe yiNgonyama uMpande libuye kuthiwe amaTshitshi. USintwangu wayelinxusa leNgonyama uCetshwayo elalithunywa enhlokodolobha yeKoloni yaseNatali uma kunesidingo. Amanye amanxusa uSintwangu ayaye ahambe nawo ngoNkomesiswebhu Xaba, uSidindi Xulu noMpepha Mdlalose. Ngenxa yokuthi uMbuso wamaNgisi wawuvele ufuna ukuqumba phansi uMbuso wakwaZulu, baphikelela ePietermaritzburg engakahlaseli eSandlwana amaNgisi bethwele isaka lophoko. Isaka bafika balibeka phambi kukaTheophilus Shepstone bathi iNgonyama uCetshwayo ithe akabale izinhlamvu zophoko. Bagcizelela ukuthi uZulu ungangazo. UTheophilus Shepstone wathukuthela wakhipha isikhumba senkomo wanikeza amanxusa kaCetshwayo, oSintwangu wathi kumele uCetshwayo abale uboya baleso sikhumba senkabi ukuthi izindosi zabo zazingaki. Waqhubeka wathi amaNgisi ayengangoboya benkomo. Watshela oSintwangu ukuthi yena Shepstone wayebona ukuthi uCetshwayo wayedakwe uMbuso. Ngakho-ke oSintwangu babengesabi lutho ekuvikeleni izwe labo. Kuthe sekubusa uMaphumzana kwaZulu waganwa indodakazi kaSintwangu.

– Lo mlando ucashunwe encwadini: Umlando Wamakhosi Esifundazweni saKwaZulu, Umqulu II. Uma ufisa ukutholale ncwadi enothe ngomlando wezizwe ungabhalela uSolwazi Maphalala kule email: maphalalajs@vodamail.co.za; noma ushayele kulezi zinombolo: 082 730 5782 noma ku-083 548 1918.

Scroll To Top