Umbuzo: Enzani amaciko ngesimo sezwe?
Emasontweni edlule kade kunemibhikisho eminingi yawo iholwa amaqembu ezepolitiki aphikisayo. Eqhulwini kule mibhikisho igama ebeliphambili bekuyilelo likaMengameli wezwe uZuma. Okuphawulekayo lapha ukuthi abelungu bebehamba phambili ngisho nohlu lwezikhalo beluqhakambisa okubahluphayo kunokuhlupha izwe. Okunye okuphawulekile nokucace bha ukuthi aboHlanga bebezihlanganise ndawonye nabamhlophe bezakhele amaqoqwana abo nokuze kwaphoqa abaholi abaphikisayo ukuba becele kube nokuxubana bebona ihlazo asebengene kulo. Lokhu kuyinkomba ecace bha ukuthi okuhlupha aboHlanga kuyizinhlobo ezedukelene nokukhathaza abelungu kuleli. Abelungu inkinga yabo ingomuntu oyedwa, uMengameli, nabambona eyisiphazamiso kunhlalakahle yabo. Ukuze angasali ngemuva namaqembu aphikisayo abeNgabadi nabo bazibona sebegibela le nqola ukuze kungabi sengathi awenzi lutho. Lesi yiscript esihle kakhulu kwabezobuciko ababuka izinto ngeso elibanzi lobuciko.
Kumele amaciko uma eyisibuko sezwe aphumele obala abuze ukuthi kungani imibhikisho ingomuntu oyedwa hhayi izinto namanje ezingalungisiwe. Amaciko kumele abhale sakubuza nakukhuza ukuthi kungani okungokulingana kwezomnotho kungabonwa njengento esemqoka abamhlophe! Kungani ungekho umsindo nemibhikisho eholwa amaqembu akhathalele leli lizwe emayelana nokungabibikho kwaboHlanga ngobuningi eJohannesburg Stock Exchange (JSE) nalapho kwenziwa khona imali yizinkampani zabelungu ilanga nelanga! Uma amaciko ethule ngalezi zinto ubani oyovusa isizwe?
Namanje kukhulunywa kungafihlwa ukuthi kulukhuni kangakanani kwaboHlanga ukungena kwezomnotho ngenxa yezingqinamba abahlangabezana nazo uma beyofuna usizo emabhange. Kwamabhange lawa akukho nelilodwa eliphethwe abeNgabadi. Lokhu kuchaza ukuhlala komnotho kubelungu nokungamsizi ngalutho owoHlanga kodwa kuyena kudingeka ivoti lakhe kuphela ukuze isimo sihlale sinjena. Kungani abamhlophe besaba ukuthi umnotho waleli lizwe ube ngaphansi kukaHulumeni, eChina izinkampani ezinkulu ezibalelwa e-104 zingaphansi kukaHulumeni kanti ngisho iMelika isiboleka imali eChina. Kungani leli lizwe lisatshiswe uma umnotho ungabuyiselwa kuHulumeni ukuze kusizakale iningi laboHlanga? Uma abamhlophe bekholelwa ngempela kuRainbow Nation yini abayesabayo ngokulingana kwezomnotho?
Siphuma emlandweni wokucindezelwa nowamaKoloni. Umzabalazo ubuhlale unjalo ungokukhululeka kwabeNgabadi ngokwezepolitiki nomnotho. Okucacayo ukuthi umzabalazo wezomnotho uzoba ngonzima kakhulu ukwedlula owepolitiki ngenxa yokuthi sekunababegqilaziwe asebethokomele ngenxa yokuzwa uju lomnotho nabangasafuni lolu ju lukhothwe uwonke wonke. Lokhu kufanele ngabe amaciko acula ngakho, abhala ngakho imidlalo, enza ngakho izinkondlo, ayadweba kodwa kuthule nje ngasohlangothini lwawo ikakhulu amaciko aboHlanga. Amaciko abelungu awazibekile phansi ngokudemelayisa abaholi boHlanga bakuleli bekwenza lokhu bekubiza ngobuciko kodwa kube kungukuhlambalaza nokwethuka abaholi boHlanga.
Iphutha okumele ngabe amaciko afunda ngalo bese eliqhakambisa ukuthi amazwe amaningi asezwenikazi i-Afrika akhululeka ngaphambi kweNingizimu Afrika azuza inkululeko kodwa hhayi eyezomnotho nokuwenza nanamuhla ahlupheke yize enezimbiwa ezinhle namanje umnotho wazo osadliwa emazweni aseNtshonalanga ayeqhoqhobele la mazwe phambilini. Sifundani isizwe sakuleli ngalokhu? Enzani amaciko ukuveza lesi sithombe kubantu bakuleli?
Kuyiqiniso ukuthi kule minyaka engaphezu kwamashumi amabili eyedlule leli lizwe lenze kahle ekuhleleni ezepolitiki kuleli nokwenza nokungebani kuzisholo noma yini noma nini noma ikanjani ngisho ukuhlambalaza konke kubizwa ngokukhuluma ngokukhululeka (freedom of expression). Namanje umndeni omhlophe usahola ngokuphindaphindwe kahlanu kwezomnotho kunaboHlanga. Ngisho izimeneja ezinkulu kwezomnotho ngaphezu kwama-72% ezabamhlophe nokungabesilisa!
Uma amaciko engavuli amehlo esizwe ngezinto ezinjena kuzophindeka esenqubo yobandlululo. Kungani amaciko engakhulumi ngokunganikwa kwamathuba oqeqesho aphezulu kwaboHlanga kodwa enikwa kakhulu abamhlophe kwezomnotho? Ukwenza iMBA kuleli kumba eqolo angisaphathi-ke uma uzama ukuyenza phesheya abamhlophe kuphela abakwaziyo ukuzikhokhela ngoba vele imali iphethwe yibo. Athule athini amaciko ngokunganikezwa isabelomali esikhulu eminyangweni yezobuciko? Kungani lokhu amaciko engakuboni njengento ehlelelwe ukuwanqinda amandla? OZapiro banemali yonke yokudweba abakuthandayo futhi bakhokhelwa kahle? Bangaki abadwebi boHlanga abathokomele njengoZapiro?
Ngisho ubuka imali yezobuciko efakwa ezikhungweni eziqhakambisa ubuciko baseNtshonalanga inkulu ngendlela yokuthi zikwazi ngisho nokuziqashela amaciko aphesheya. Ngaphezu kwalokho lezi zinhlangano nezikhungo zibuye zigixabezwe ngezigidi yiyo yonke iminyango kahulumeni (okazwelonke, owesifunda, nowasekhaya). Uma ungakholwa yilokhu hamba ubuke izimali ezifakwa kokhehlegume bemiculo yokwaseNtshonalanga – eKapa, KwaZulu-Natal naseGoli! Iphi elinganayo efakwa kokhehlegume boMdabu, ezobuciko zoMdabu, ingoma yoMdabu nokunye. Kungathi amaciko anamhlanje akasenamazinyo. Mhlawumbe lokhu kudalwa ukuthi amaningi awo asephusha okwezisu zawo phambili kunokungasiza isizwe!
Umlungu wethuka umuntu omnyama kodwa akukho maculo nazinkondlo namafilimu abhalwayo. Zolo lokhu lo mama weDA uHelen Zille usanda kuncoma ubukoloni njengento enhle kakhulu kodwa amaciko awakaze ahlangane enze imibhikisho izwelonke! Kuthule nje! Ngeke ngimangale uma sekuthiwa asikhohlwe ngoba uzoxolisa. Bangaki abeNgabadi abalahlekelwa imizi yabo, imihlaba yabo, imindeni yabo, imfuyo yabo nempilo yabo ngenxa yobukoloni? Kunamhlanje elaKwaZulu limahlephuhlephu yibo ubukoloni bamaNgisi namaBhunu! Ngisho umuzi omkhulu wesizwe samaZulu – uLundi washiswa wabhujiswa amaNgisi waba umlotha kwabuye kwahlazwa ngokuboshwa kweNgonyama uCetshwayo yaze yaphoqwa ukuyokhothama phambi kweNdlovukazi yamaNgisi eNgilandi. Konke lokhu kwenziwe ubukoloni kwabeNgabadi. Bangaki aboHlanga abaphelele emigodini yegolide nedayimane namanje abasemathunjini omhlaba kwamindeni yabo engazange ithole nendibilishi emnyama? Uma selingaphezu komhlaba lelo golide abamhlophe bahlale belindele ukulithatha beyozicebisa ngalo bengabazi ubunzima basemathunjini omhlaba! Manje-ke kufanele sishaye ihlombe sithi uHelen Zille akenzanga lutho? Nangu-ke umuntu okufanele ngabe kwenziwa imibhikisho ngaye, amaciko abe sekhaleni kume nse izwe lonke ngoba khona lena eKapa lapho ephethe khona amaciko adla imbuya ngothi!
Ukuthula kwamaciko leli lizwe lifakwa ehlathini abazandla zabo sezigcwele uju, asebebanjwe yindlu yolwembu yongxiwankulu, asebenezikhundla emaqenjini angenandaba nokukhathaza izwe, befuna kunganakwa ubudlabha obenziwa amabhange aphethwe abamhlophe, kunganakwa ukudayiswa kweRandi ngabomu izinkampani zabamhlophe ukuze zizuze kakhulu, kunganakwa ukuthi kungani leli lizwe namanje lisakhokha isikweletu sezigidi esadalwa abelungu phansi koHulumeni wobandlululo! Kungani iningi labamhlophe lihlala koMhlanga, Zimbali, Ballito kubelula nje kubona ukuzithengela izindlu zezigidi kuthi abeNgabadi uma bengena khona banindwe ngamachashaza odaka? Athule athini amaciko ngalesi simo sezwe? Ngabe amaciko asephelelwa amandla obuciko bokuveza izinto njengoba zinjalo njengoba kwakwenza oGibson Kente (Isikhalo, How Long), uMbongeni Ngema (Asinamali, Woza Albert), uPercy Mtwa (Bopha)? Kufanele ngabe amaciko ayabuza engayeki ukuthi uma iminyango yezobuciko ikhona kodwa ingawasizi ayivalwa ngani ngoba bonke abaqashwe khona baqashelwe ukuphakamisa ezobuciko. Kungabe “The Beautiful Ones Are Yet to Be Born” na?