Now Reading
Umnotho wensangu ungagcina kogombelakwesabo
Dark Light

Umnotho wensangu ungagcina kogombelakwesabo

Isinqumo sangomhla zingama-31 kuNdasa wezi-2017, esiphume eNkantolo Enkulu yaseKapa silethe elikhulu ithemba kulabo asekade balinda mayelana nokusetshenziswa kwensangu. Ethula isinqumo uMehluleli uDennis Davis ukubeke kwacaca ukuthi sekuvunyelwe ukusetshenziswa kwalesi sidakamizwa esiyinsangu, kuphela endaweni yomuntu ngamunye, kungabi ukuyisebenzisela ukudayisa okwamanje. Eqhubeka uMehlulelo, ubuye futhi wanikezela ngomyalelo wezinyanga ezingama-24 ePhalamende ukuthi malibuyekeze ngokushesha liphinde lifake izichibiyelo emithethweni esabandlulula ukusetshenziswa kwaleli khambi. Le mithetho ibandakanya uMthetho Wokushushumbiswa Kwezidakamizwa (Drug Trafficking Act)‚ kanye noMthetho Wokulawulwa Kwemithi (Medicines Control Act). Kuzokhumbuleka ukuthi nyakenye, umbiko owaphuma ngokoMkhandlu Olawula Imithi (Medicine Control Council), ucacisa kabanzi ngokuthi sekumele uHulumeni abhekisise vele umsebenzi walesi sihlahla maqondana nezifo ezinye ezingakwazi ukwelapheka ngenqubo yamakhambi aseNtshonalanga.

Kuzokhumbuleka ukuthi ezweni laseMelika, izifundazwe cishe ezingaphezu kwamashumi amabili sezigunyaze ukusetshenziswa kwensangu. Lokhu sekuyenza ikwazi ukusiza ekwelapheni izifo ezithile, ibhenywe futhi ngokusemthethweni. Ngokocwaningo, okufike kuphawuleke ukuthi iNingizimu Afrika ingelinye lamazwe ahamba phambili ekutshaleni insangu. Kangangoba izibalo zikhombisa ukuthi, cishe amaphesenti alishumi labantu baseNingizimu Afrika basebenzisa insangu.

Yikho lokhu, nokunye okwenze zaqina kakhulu izizathu zokwenza umthunzi wezinkukhu lo, ube semthethweni. UMnu uJeremy Acton, obemele abensangu ukuvezile ukuthi lo muthi wezimanga uyinsakavukela ezweni laseNingizimu Afrika futhi uyahlonishwa kakhulu ngaboHlanga, nabenkolo yamaRasta. Yikho bahambe baze bachitha nomthetho owabe uholwa yilunga lePhalamende elingasekho, elabe liyisishabasheki sokusetshenziswa kwensangu ekwelapheni, uMnu uMario Abrosini. Bechitha lo mthetho obizwa ngeMedical Innovation Bill, baxwayise ngokuthi, nxashana sekunikwa izimvume zokutshala lesi sihlahla, lokho kuyonqinda ukuthi abantu bangasakwazi ukuzitshalela isihlahla sabo, kwazise phela ongxiwankulu bangavese bagolombele izimvume zokutshala lo muthi, kugcine sekuzuza bona bodwa. Enanela omunye wofakazi benkantolo, uyewachaza ukuthi igalelo lokuvunyelwa kwensangu liyosiza ngisho ekuqoqweni kwentela eningi esizweni, kuphinde kusize namaphoyisa ukuba angabe esalokhu egijimisana nabantu abaphethe insangu, kunalokho ayokwazi ukubhekana nezigilamkhuba zangempela. Kuphinde kwavela futhi ukuthi empeleni lesi sihlahla esiyinsangu sesisize kakhulu kubantu abanezigulo ezithile ngezifo ezinhlobonhlobo ezingakwazi ukwelapheka ngemishanguzo ejwayelekile.

Noma kungakafinyelelwa kuvuthondaba ngalesi sinqumo maqondana nokusabalalisa ukusetshenziswa kwaso, kepha okubaluleke kunakho konke ukuthi emuva nje kweminyaka emibili, izobe seyidubukele ngalesi sihlahla. Abantu abazobe bezilungisele ngaleli khambi yibo abazozuza kakhulu ngalo. Ngokwemibiko yomnotho yonyaka wezi-2016, ezifundazweni zase-USA intengo yensangu ilinganiselwa ngaphezulu kwezigidigidi eziyisi-$6.7. Futhi akungabazeki ukuthi nakwelakithi ukuvunyelwa kwensanu kuyokhulisa umnotho ngesivinini.
AboHlanga, bayozuza kanjani kule mboni enkulu ezovuleka na?

See Also

Lesi sihlahla esasisetshenziswa nangokhokho bethu sekutholakale ukuthi sinomsebenzi omkhulu ongasiza ekwelapheni izifo ezahlukene. Yingakho nje savinjelwa saze sathweswa isijeziso amazwe aseNtshonalanga ngokuthi asidingeki ngoba, njengeminye imithi esiyaziyo efana nentshungu neminye, yize ibaba, kodwa ibikwazi ukushaya izifo ziphele nya. Nxa ukhuluma-ke ngalesi, akumangalisi ukuthi sikwazi ngisho ukukhiqiza izindwangu kwakhiwe ngaso izingubo, kuyaphekwa futhi ngaso, sikhiqiza uketshezi olunguwoyela okwazi ngisho ukuwuhlikihla lapho kubuhlungu khona umuntu asizakale ngaphandle nangaphakathi emzimbeni. Nalabo futhi abasibhemayo bayabika ngemiphumela abayizwayo nxa sebesibhemile ngokulinganisa. Yebo njengesisho esithi “Akukho soka lingenasici” insangu nayo ayimsulwa ekuthenini iyisidakamizwa okumele sisetshenziswe ngokwesilinganiso.

– UMnu uGugulethu Xaba ungumsunguli we-Adamopix, onothando olunzulu lwezindaba eziphathelene nentuthuko yezezenhlao nomnotho. Uyilulungu leBhodi yenkampani eklelisiwe kuJSE iCorwil Ltd.

Scroll To Top