UGordhan noma umgomo oyoqeda nge-ANC neSACP?



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Lowo owayengumholi we-African National Congress, uMnu u-Oliver Reginald Tambo wabeka kanje ngobudlelwano phakathi kwe-ANC kanye neSouth African Communist Party (SACP). “Ubudlelwano obuphakathi kwe-ANC neSACP akubona ongabuthatha kalula njengokudlala amagenda. Ungebufanise futhi nalobo oke uzwe ngabo benzeka kwamanye amazwe akuleli lizwekazi. Ngithanda ukugcizelela ukuthi abudalekanga ngokuhlangana kwabaholi bala maqembu kwase kusayindwa isivumelwano sokusebenzisana, kodwa lobu buwumbimbi oluboshwe izibopho eziqinile ezavela emzabalazweni.”
Nokho lobu budlelwano bubukeka busencupheni njengoba amabovu esephumele obala odabeni oluthinta uMengameli we-ANC kanye noNgqongqoshe weZimali. Lokhu likwenze izolo (ngoLwesine) esithangamini sabezindaba eGoli, ukuthi kayihambisani nokuxoshwa koMphathiswa Wezezimali Kuzwelonke uMhlonishwa uPravin Gordhan okuvela ukuthi ulolelwa izembe uMengameli uJacob Zuma. Ngokusho kukaMnu uSolly Mapaila oyiphini likaNobhala kumaKhomanisi, uMengameli uZuma ubesewazisile amaKhomanisi ukuthi ibhantshi lizogcwala umoya kuGordhan nephini lakhe uMnu uMcebisi Jonas.
“UMengameli uZuma usesazisile ngezifiso zakhe zokuguqula iKhabhinethi. Uveze ukuthi uzimisele ngokususa esikhundleni uNgqongqoshe Wezezimali nephini lakhe. Sesike saba nezingxoxo neqembu elibusayo ngasekuqaleni kwesonto sidingida lona lolu daba, kepha ngifisa ukukusho kugcwale umlomo ukuthi kasihambisani nokuchithwa kukaNgqongqoshe weZezimali. Naye uMengameli sikuvezile kuyena ukuthi kasiyizwa eyokushintshwa kukaNgqongqoshe uGordhan,” kusho uMapaila. Eqhuba uMapaila uthe bayakuhlonipha ukuthi uZuma unawo amandla okubeka nokususa oNgqongqoshe kuKhabhinethi, kepha ekugcineni uyilungu leqembu elibusayo i-African National Congress (ANC), okusho ukuthi kufanele alandele imiyalelo ye-ANC namalungu ayo.
AmaKhomanisi aveze ukuthi kaweneme ngendlela okuhlukunyezwa ngayo amandla ngabaholi abathile ukufeza izidingo zabo kwezepolitiki. “Siyazi ukuthi kunabantu abasetshenziswayo ukuthola imiqingo enemibandela ngabantu engamanga, bese iyiputshuzela umphakathi ukuze kuzosuka uthuthuva. Konke lokhu siyakwazi futhi akusiphethe kahle. Hleze kungenzeka ukube ngezinye zezehlakalo ezibeke udaba lukaGordhan lapho selukhona njengamanje. Thina njengamaKhomanisi kangeke nakancane sikuvumele ukuphathwa izinswelaboya, ezizophendula izwe kube ngelezigebengu. Kufanele sizivikele izisebenzi zikaHulumeni ezenza umsebenzi wazo ukuze zizoqhubeka ngaphandle kokwesaba nokwenzelela,” kuqhuba uMapaila.
Ukukhuluma kanjena kwamaKhomanisi kushiya imibuzo yokuthi uma uZuma engaqhubeka nokuchitha uGordhan, ngabe sekuzoba kusho ukugqabuka kwegoda yini phakathi kwe-ANC neSACP abaziwa ngokudlelana ndawonye. Sekunesikhathi kunamahebezi athi uMnu uBrian Molefe ofungiswe njengelungu lePhalamende isigubhukane ngenyanga eyedlule, nguyena okulindeleke ukuba abe nguNgqongqoshe weZezimali omusha. Nokho ngokwemibiko eputshuke kwabezindaba ngoLwesithathu, kuthiwa amalungu e-ANC asesigungwini esiphezulu ehlukene phakathi ngodaba lokuxoshwa kukaGordhan uZuma. Kuthiwa kukhona athi uMsholozi kufanele aqale ngokuxosha oNgqongqoshe abangawenzisisi umsebenzi wabo, okubalwa kubo uNgqongqoshe Wezenhlalakahle uMhlonishwa uBathabile Dlamini, uNgqongqoshe Wezokumbiwaphansi uMhlonishwa uMusebenzi Zwane, uNgqongqoshe Wezokuxhumana uMhlonishwa uFaith Muthambi, uNgqongqoshe Wezamanzi nokuthuthwa kwemfucuza uMhlonishwa uNomvula Nokonyane kanye noNgqongqoshe Wezokubusa Ngokubambisana uMhlonishwa uDes Van Rooyen.
Ngokwemibiko eputshuke maphakathi nesonto, uZuma omfuna ephumile uGordhan wesekwa nguSihlalo we-ANC uMhlonishwa uBaleka Mbete kanye noNobhola uJessi Duarte. Iphini likaMengameli uMnu uCyril Ramaphosa, uNobhala Jikelele we-ANC uMnu uGwede Mantashe kanye noMgcinimafa kaKhongolose uMnu uZweli Mkhize bayaphikisana nokuxoshwa kukaGordhan. UZuma akawudingi umbono wamalungu ayi-6 esigungu esiphezulu ku-ANC ukuthatha izinqumo ekuxoshweni nasekuqashweni koNgqongqoshe. Nokho uma engaqhubeka nokuxosha omunye woNgqongqoshe isigungu esiphezulu singahambisani nalokho, kungamakhela amazinyo abushelelezi eqenjini kwehlise namandla akhe.