I-ANC isazimisele ukuqinisa ubudlelwano ne-Afrika yonkana



UNgubane ungungoti wezindaba ezimayelana ne-Afrika nezokubusa.
UKHONGOLOSE ungelinye lamaqembu ezepolitiki ambalwa akhona ezweni onezinqubo ezimisiwe zokuthi abangamalungu awo, bakwazi ukuzwana amandla, futhi bacobelelane ngenqubomgomo ababona ifanele kube eyeqembu labo. Nonyaka, intaka izobekelwa amazolo ngoNhlangulana, lapho amalungu aleli qembu ayobe ebuthene ukuze ahlahle indlela eya phambili yaleli qembu. Ukulungiselela le ngqungquthela, uKhongolose ushicelele imiqulu eyahlukene yenqubomgomo okubalwa kuyona othinta ubudlelwano phakathi kweNingizimu Afrika kanye namanye amazwe omhlaba. Inhloso yalo mbalo ukucaphuna okubalulekile ukuze nalo mqulu wezangaphandle, ikakhulukazi lokho okuthinta izwekazi i-Afrika. Siphinde sibheke ukuthi yini uKhongolose athi uzoyihambisa phambili ebudlelwaneni namazwe ase-Afrika.
Okokuqala, lo mqulu uyagcizelela ukuthi njengoba iNingizimu Afrika iyingxenye yezwekazi, uKhongolose usazimisele ngokuthi njengeqembu lezepolitiki, uphinde ube yiqembu elibusayo, uqhubeke ulime indima yawo ekudaleni uxolo, ukuthula, kanye nokudlondlobala emazweni ase-Afrika. Umqulu uphinde uveze ukuthi, le ntshisekelo ayiyintsha, ngoba uHulumeni oholwa nguKhongolose kumele uzigqaje ngeqhaza osulibambile phambilini emazweni afana noBurundi, iSouth Sudan, iSudan, iZimbabwe, iComoros, iMadagascar, ekudaleni ukuthula noxolo.
Okwesibili, lo mqulu ukhala ngokuthi izinhlelo ezikhona ezibhekiswe ekuthuthukiseni, nokuqinisa ubudlelwano namanye amazwe ase-Afrika, zivamise ukwesekwa kakhulu izinhlaka zoHulumeni kuphela. Umqulu-ke uphakamisa ukuthi kumele kutholakale izindlela zokuthi nezinye izinhlaka ezikhona ezweni ezingeyona ingxenye kaHulumeni zizibandakanye ezinhlelweni zokuxhumanisa nokwandisa ubudlelwano namanye amazwe ase-Afrika. Kodwa umqulu awucacisi ukuthi yini uKhongolose ayibona kumele yenziwe ukuze isizwe sikuthakasele ukuqinisa ubudlelwano nezwekazi i-Afrika. Ithemba-ke ukuthi amalungu kaKhongolose azokwazi ukuza phambili nezinyathelo ezizwakalayo ezizothathwa ukuze le ntshisekelo ifezeke.
Okwesithathu, umqulu ukhombisa ukuthi uKhongolose ukhathazekile ngezimo ezike zivele eNingizimu Afrika ezikhombisa ukuthi kukhona ukungathelelani amanzi phakathi kwezakhamuzi kanye nabangabokuhamba abazinze ezweni, ikakhulukazi abavela kwamane amazwe ase-Afrika. Kulokhu umqulu uthi uKhongolose kumele aqale izinhlelo zokuxhumana kahle nemiphakathi ukuze wandise ulwazi mayelana nenzuzo ngokuba khona ezweni kwababuya ngaphandle. Lokhu-ke bese iphinde ikuhlanganise nokuthi ekuqiniseni kwayo ubudlelwano nezinhlangano ezazilwela inkululeko kanye namanye amazwe e-Africa, uKhongolose uzogxila kakhulu ekutheni izwekazi libe nemigomo ezokwazi ukuletha inzuzo futhi iphucule impilo yabantu emazweni ase-AfriKa wonkana.
Okwesine, umqulu uphinde ugxile ekubalulekeni kwe-African Union Commission (AUC) ekudaleni ukubuyisana nokudlondlobala e-Afrika. Ngakhoke uKhongolose uphakamisa ukubaluleka kokwesekwa komhlahlandlela obizwa nge-Agenda 2063, okunguwo oqukethe izincomo zokuthi yini okumele yenziwe ukuze i-Africa idlondlobale, kuphele nobuhlwempu emazweni amaningi. UKhongolose uzibophezela ekutheni uzokwenza ngakho konke ukuthi lo mhlahlandlela wesekwe eNingizimu Afrika kanye nakwamanye amazwe.
Okwesihlanu, umqulu ukhala ngokuhamba ngonyawo lo nwabu kwezinhlelo zokuqinisa ubudlelwano kwezohwebo phakathi kwamazwe angamalungu eSouthern African Development Community (SADC). Lokhu kuvela ngoba izivumelwano zangaphambilini zazithe kumele ukuthi ngonyaka wezi-2008, iSADC ibe isiguquliwe yaba yiCustoms Union, ukuze kubelula ukuhwebelana, kodwa lokhu akukenzeki. Umqulu ke uthi uKhongolose kuyomele agqugquzele uHulumeni ukuthi ayihlalele le ndada.
Okwesihlanu, umqulu uphakamise okuningi okumele kube yingxenye yemikhankaso kaKhongolose eminyankeni ezayo. Kulokhu, kubalwa, ukweseka ilungelo labase-Western Sahara ukuthi bazibuse; ukugcizelela ukuthi izinguquko kwezokuphatha eSwaziland kumele zize nezakhamuzi zakhona; ukulwela ukuvimba kokuphuma kwemali e-Afrika ngezindlela eziyinkohlakalo, ukulwa nezenzo zalabo ababephethe i-Afrika ngesikhathi sengcindezi sokuthanda ukugxambukela ezindabeni eziphathelene nezamaqembu ezepolitiki ikakhulukazi lawa ayelweka inkululeko; kanye nokuqinisa ubudlelwano phakathi kweNingizimu Afrika, yizwekazi i-Afrika, kanye nalabo boHlanga abahlezi kwamanye amazwe angaphandle kwezwekazi. Umqulu uphinde ubophezelele uKhongolose ekuzeni nezinhlelo ezizogqamisa indima okumele iqathwe yintsha yase-Afrika kanye nabesifazane ukwenza ngcono indlela okuhlalwa ngayo emiphakathini.
Lo mqulu uphetha ngokuthi ubuze imibuzo okubhekeke ukuthi uma ingqungquthela isihlala ngoNhlangulana, amalungu eqembu akwazi ukuyiphendula. Enye yemibuzo ithi: uKhongolose angabhekana kanjani nesimo somnotho esintengayo eNingizimu Afrika, kuthi kunjalo kube kukhona izimo kwamanye amazwe ase-Afrika ezidala ukuthi kubekhona izakhamuzi zawo ezibhace ezweni? Iliphi iqhaza elingabanjwa uKhongolose ukuze i-Afrika ikhulume ngezwi elilodwa odabeni lokuguqula indlela iNhlangano Yamazwe, (United Nations) ephethwe ngayo?
- UMnu uSenzo Ngubane, unguGeneral Manager: Operations, e-ACCORD, okuyinhlangano ezimele esebenza ucwaningo lokudala uxolo ezwenikazi i-Afrika.