Umkhonyovu kwaNdabazabantu


Seyigcine iphumile ingonyuluka odabeni oluthinta umgunyathi omayelana nokuthengiswa kwamaphepha ngenhloso yokuthola izimvume zobuzwe kwabokufika kuleli. Esikhathini esingangenyanga elaboHlanga liveze lo mkhonyovu owenziwa esikoleni iMaxulwini Primary School eseHammarsdale eNtshonalanga yeTheku. Ngokophenyo loZul’ azayithole lo mkhonyovu uthinta uthishanhloko, uthisha kanye nesisebenzi soMnyango Wezasekhaya. Kanti yonke le mikhuba igilwa emaHhovisi oMnyango Wezasekhaya ePinetown.
Kuleli sonto iBAYEDE igasele esikoleni kanye nasemaHhovisi emuva kokuthola obunye ubufakazi ngalolu daba. Ngesikhathi ithimba loZulázayithole litheleka emaHhovisi ePinetown , umsolwa uMnu uSithembiso Dube uvele wazivumela ngokwakhe wagcina esekhipha nokuningi obekufihliwe. Lifika ithimba leBAYEDE lamukelwe nguzakwabo kaDube nozethule ngokuthi unguNkk uMbhono nokuqinisekisile ukuthi nembala ukhona umuntu onguDube emahhovisi. Uthe nxa elandwa uDube wazikhalela kuqalwa nje: “Hhawu ngazile ukuthi le nto izogcina isifinyelele lapha,” kusho uDube.
UNkk uMbhono ube esembuzisisa uDube ukuthi kanti uyazana nalolu daba yena waphendula ngokuthi impela uyazana nalo. “Hhayi-ke ngicela ukukushiya nazoke izintatheli ngoba nakhu uthi uyazana nalolu daba,” kusho uNkk uMbhono eshingila eyophuma ngomnyango. UNzwakele (abakwaDube) ube esehlala phansi nethimba lezintatheli ethi: “Cha madoda ngizokhuluma konke engikwaziyo ngalolu daba akukho engizokufihla. Ngiyaxakeka ukuthi lolu daba seluvuswa yini manje ngoba bengithi seluphelile ngoba lwaxazululeka ngendlela okwaxoxwa ngayo esikoleni nabo bonke abathintekayo,” kwendlalela uDube.
Ngesikhathi etshelwa uDube ukuthi abasolwa bathi nguye owathi lolu daba alunyathelwe ngezinyawo akaphikanga. “Hhawu madoda! Kanti banjani laba bantu. Mina bengithi ngenza ubuntu bengingazi ukuthi kanti sengizifaka ekukhulumeni,” kusho uDube. “Impela bafowethu kuyiqiniso ukuthi ngasho ukuthi lolu daba alunyathelwe ngezinyawo ngoba ngibadabukela ukuthi bazoboshwa futhi baphelelwe ngumsebenzi. Phela ngangibadabukela njengabazali njengoba nami ngingumzali. Ngiyakuqinisekisa mfowethu akukho mali abangikhokhela yona.” Eyizeka indaba uDube uthi isizathu esenza wayokwenza uphenyo eMaxulwini kwakungenxa yokukhathazeka kwehhovisi lakhe ngabantu bokufika ebebefika ePhayindane abanye babo bezobhalisela omazisi.
UDube uthi lokhu kunqwabelana kwabokufika emahhovisi asePinetwon bezobhalisela omazisi bekubanikeza enkulu inkinga bona njengabasebenzi. “Bafowethu impela ngiyile kulesiya sikole ukuyophenya ngemuva kokuthi njalo besithola ukukhathazeka kuleli hhovisi ngenqwaba yabantu bokufika ebebefika lapha abanye babo bezofaka izicelo zokuthola omazisi. Okwasolisa ukuthi iningi lalaba bantu ebebethi bahlala eGeorgedale bebesivezela amaformu aqinisekisa ukuthi babefunda esikoleni iMaxulwini Primary School,” kusho uNzwakele. “Okunye okwakusolisa ngalaba bantu ukuthi abanye babo bese beneminyaka engama-30 ubudala kodwa kuyima bezobhalisela omazisi. Lokhu kwakuletha imibuzo ngokuthi kwakwenzeke kanjani ukuba lesi sikole singabanikezanga la mafomu. Laba babntu besebancane njengoba manje iningi labo sebeqhamuka sebebadala,”
UDube uthi ngenxa yokuthi lokhu kunqwabelana kwabokufika emahhovisi oMnyango Wezasekhaya bese kubaphazamisa, umphathi wakhe wabe esemjuba ukuba ayophenya kulesi sikole ukuthi ngabe kudalwa yini ukuthuthekela kwalaba bantu sebebadala ukuzofuna omazisi. Uqhube wathi wamthinta ngocingo uMnu uMkhize onguthishanhloko wesikole iMaxulwini ecela umhlangano ophuthumayo naye nokuthi usafuna ukuzobheka namabhuku esikole aqukethe uhlu lwezingane ezifunda khona kanye nalezo ebezifunda khona.
“Lowo mhlangano wabhuntsha ngoba uthishanhloko ethe sekukhona okumxinile. UMkhize wabuye wathi akasaliboni ibhuku lesikole elinohlu lwabafundi ababefunda khona. Ngenxa yokubabucayi kwalolu daba ngiphindile ngamfonela uKhabazela ngifuna omunye umhlangano wagcina evumile ukuba sibonane ngemuva kokuthi ngimexwayisile ukuthi kwamanye alamafomu kunanesiginesha yakhe. UMkhize wathi yena akazani nalutho nalolu daba ethi kukhona okokotele isiginesha yakhe,” kuqhuba uDube.
UDube uqhuba uthi: “Ophenyweni lwami emabhukwini esikoleni sakhe ngithola ukuthi bonke laba bantu obekuthiwa babefunda khona akukho ngisho noyedwa emabhukwini esikole.” Uthishomkhulu wabe esengibikela ukuthi umuntu odokotele isiginesha yakhe nguNkk uThulile Miya oyiHOD (Head of Department) kanye noNks uCeliwe Ntuli onguthisha kulesi sikole.” UDube uthi ngenxa yobucayi becala weluleka uKhabazela ukuba udaba ayolubikela amaphoyisa.
“UMkhize wenqaba ethi asikho isidingo ngoba uzoxoxisana nabo labo thisha. UMkhize ube esebabizela bobabili ehhovisi lakhe sonke savalelana khona. Kuthe uma bebuzwa bobabili bazivumela ngokwabo ukuthi bayazana nalolu daba base bexolisa. UNkk uMiya wavuma futhi ukuthi nguye owadokotela isiginesha kaMkhize. Ngiyazazi futhi nezitatimende zabo abazibhala bevuma icala,” kuqhuba uDube.
“Ngamtshela uMkhize ukuthi njengoba kukokotelwe isiginesha yakhe konke sekukuyena noma ubavulela icala emaphoyiseni kodwa yena wathi ubona kungcono asale eseluyekela udaba angaluqhubezeli phambili ngoba ozakwabo sebexolisile.” UDube uthi naye-ke wabe esebeluleka ukuba bangaphinde bakwenze lokhu abakwenzile ngoba kuyicala elibovu. “Ekuqaleni, uNkk uMiya ubekade esola ukuthi umuntu obampimpile nguMkhize ngoba nakhu yena enqabe ukumupha isamba esithile semali ayesicelile sefa lomyeni wakhe,” kuqhuba uDube.
Umyeni kaNkk uMiya obengusomatekisi odumile eHammarsdale ushone nyakenye ngemuva kokugula isikhashana. UDube uqhuba uthi, “Phela uNkk uMiya wambhobokela ukuthi bebenobudlelwano bezothando noMkhize kusaphila umyeni kodwa babuye baxabana ngenxa yemali. Uthi ngemuva kokwenqaba baphenduke izitha noMkhize bengasabhekani. Sengiyazisola ukuthi angibabophanga ngani bheka manje sengingena ezinkingeni zabo. Ukube bengazi ukuthi kuzoba nje ngabe ngivele ngababopha. Manje ngisuke ngabazwela ngoba bengabalapha eNingizimu Afrika.” Nangesikhathi iBAYEDE ikhuluma noNkk uMiya ngesonto eledlule naye ukuvezile lokhu okushiwo nguDube kokuthi uhlukunyezwa ngoba kukhona abagaqele ifa lomyeni wakhe. UNkk uMiya waphinde wathi maningi yena amahlazo azowadalulela izwe uma kungukuthi uMkhize uyaqhubeka nalolu daba. “Bafowethu njengoba ngisho nje kuningi okungahambi kahle ngokuphathwa kwalesiya sikole,” kuqhuba uDube.
UDube ube esecela izintatheli ukuba zimlandele ehhovisi lakhe ukuze afonele uMkhize ukuze zizizwele konke azombuza khona. Nangempela uNzwakele ube esemfaka esipikheni uKhabazela ukuze ezwakale kuwo wonke umuntu ukuthi uthini. Kuthe nje uDube esamtshela ukuthi uvakashelwe yizintatheli zeBAYEDE nokuthi sebelifakelani igama lakhe kulolu daba waphendula ngokuthi: “Zifunani lapho lezo zintatheli ngoba kade zilapha esikoleni ngafike ngazixosha. Ziyahlupha lezo zintatheli ziyathanda nokwenza ihaba into,” kusho uMkhize enxenxa noDube ukuba naye azixoshe izintatheli.
UMkhize uqhube wathi uthumele amaphoyisa ukuba azixoshe izintatheli. “Ngenhlanhla lezo zintatheli zifike kukhona amaphoyisa aqaphe isimo esikoleni. Ngiwathumile amaphoyisa ukuba ayozixosha. Ngithe emaphoyiseni awazitshele ukuthi umthetho olawula izikole awukuvumeli ukuba zizokhuluma nothisha kumele zixhumane nokhulumela uMnyango wezemfundo,” kusho uMkhize. UDube ube esembuza uMkhize ukuthi sekubangwani manje esikoleni ngoba yena ubazi ukuthi udaba selulungisiwe.
Inhloko yoMnyango Wezemfundo KwaZulu-Natal, uDkt uVusi Nzama uthe ubengenalwazi ngodaba lokudayiselwa kwabokufika amafomu okuthola izimvume zokuba ngabakuleli okuthiwa kwenziwe ngothisha besikole iMaxulwini Primary School eHammersdale. “Mhlawumbe lowo mbiko usazolethwa kithina, njengoba imibiko enjalo siyilethelwa yihhovisi lethu lezokuxhumana. Kodwa-ke nami ngisazobuza kuMnu uMuzi Mahlambi ukuze sikwazi ukuphawula ngalolu daba. Ngakho ngicela usinikeze isikhashana sisazoyobuza ehhoviusi lethu lezokuxhumana,” kusho uDkt uNzama.