Abasebenzi boHlanga baba yizinxibi ngenxa kaJay Singh



UZulu uyintatheli ephenyayo esimkatshubovu.
Sebeyizinkubela zomnotho nezinxibi abasebenzi abangama-81 boHlanga ngenxa yale ndoda enomgolo
UTHATHWA njengomunye wosomabhizinisi abahamba phambili KwaZulu-Natal. Izinkampani zakhe zinikezwa imisebenzi ekhokha izigidi zamarandi. Kepha abasebenzi amanga-81 ababesebenzela inkampani yakhe yamabhasi iKZT Transport CC nanamuhla basakhexe umlomo ngesenzo abesenza. OZul’azayithole banayo ikhophi yesinqumo seCommission for Conciliation, Mediation and Arbitration (CCMA) esakhishwa mhla ziyisi-6 kuZibandlela 2011. UKhomishana owabe ehlalele lolu daba kwabe kunguMnu uPhillip van Zyl nowathola inkampani kaMnu uSingh inecala kwakhishwa isinqumo sokuthi ayikhokhele abasebenzi imali eyizigidi ezi-R 3 501 675.72.
Yize iCCMA yanquma ukuba lokhu kwenzeke ezinsukwini ezingamashumi amathathu abasebenzi nemindeni yabo baba nokhisimusi kanye noncibijane omnyama ngoba inkampani yasishaya indiva leso sinqumo nokushiya imibuzo ngamandla e-CCMA. Esinqumeni sakhe uKhomishana uvan Zyl wathi: “Sekwenziwe imizamo eminingi yokuthola umqashi kodwa kungaphumeleli. Abafake izicelo basele dengwane bengatholi lutho oluyingenisomali. Iningi labo lisebenzele ummangalelwa iminyaka eminingi. Owami umbono uthi bekuyoba nobulungiswa ukuba bengingaphoqa ummangalelwa ukuba akhokhele ummangali ngamunye imali engangeyezinyanga eziyisithupha ngokuxoshwa kwabo okungenabulungiswa.”
Ukhomishana uqhubeke wathi: “Ummangalelwa utshelwe ukuba akhokhele ummangali ngamunye. Lokhu kwenzeke zingakapheli izinsuku ezingama-30 kusukela ngosuku atshelwe ngalo.”
IBAYEDE ikhulume nomunye owayemele abasebenzi bakwaKZT ngaleso sikhathi uMnu uMichael Thamsanqa Gumede nosole umndeni wakwaSingh osuphenduke izinjinga KwaZulu-Natal ngokubaleka nezigidi zemali zabasebenzi. “Ibuhlungu le nto eyenziwa yilo mndeni wakwaSingh ukuba ubaleke nezimali zethu kujike kucwebe iziziba. Ngisho nempahla yalo mndeni okwakuthiwe kumele idliwe ngemuva kokwehluleka ukuhlangabezana nomnqamulajuqu ababewubekelwe yiCCMA ayikaze idliwe,’’ kusho uGumede.
Uqhuba uthi: “Empeleni yizikhulu zoMnyango nenyunyana iSatawu abasidayisa emaNdiyeni ngoba begwazelwe. Sesizwile futhi ukuthi wona futhi lamaNdiya abaleka nezimali zethu aseshaye ibuya kule nkampani kodwa manje esibizwa ngo-Ugu Transport ekubeni singakhokhelwe izimali zethu,’’ Omunye umsebenzi okhulume neBAYEDE kube nguMnu uFrank Malunga nowethula ubufakazi kwaCCMA. Ngokwalobu bufakazi uMalunga waqala ukusebenzela le nkampani mhla lulu-1 kuNhlangulana ngowe-1987. Lapha wayeqshwe njengomelekeleli kachwepheshe (assistant technician). Uphawule wathi abanye ozakwabo badlula emhlabeni ngenxa yokhwantalala nezifo zenhliziyo ngenxa yalokhu okwagilwa ngabakwa KZT Transport.
“Iningi labasaphila selaphenduka ojikanelanga emakhaya, libhuqwa bhuqwa yinkemane ekubeni imali yezithukuthuku zabo ikulo mndeni wakwaSingh. Inkampani yathi ngeke ikwazi ukusikhokhela izimali zethu ngoba ayisenayo imali ngenxa yokuthi inkampani yayisicwile ezikweletini ngenxa yokuthi uHulumeni wayengabakhokhelanga imali yabo yomxhaso engama-R500 000,’’ kusho uMalunga.
IBAYEDE inayo nencwadi eyathunyelwa yinkampani yabameli eyayimele abasebenzi. Le ncwadi eyabhalwa mhla ziyisi-8 kuZibandlela 2011 ivela enkampanini yabameli iMcGarr duPlessis Inc. eyabe yeluleka abaphathi benkampani iKZT Transport CC ngesikwelethu. Ababhali bayo kabagcini lapho ngoba baxwayisa abaphathi benkampani ukuthi manxa bengakhokhi kuzodliwa izimpahla zabo. Kulokhu uMnu uMalunga uphawule wathi: “USingh kwayona leyo ncwadi yommeli wethu wavele wayishaya indiva njengoba bavele bavala inkampani bashaya bachitha nezimali zethu. Okunye okwatholwa ngummeli ukuthi ngesikhathi kufunwa izimpahla zabo kwatholakala ukuthi inkampani sebeyibhalise ngegama lomunye umuntu okwakungumfana omncane nentombi yakhe. Kwabuye kwatholakala ukuthi amabhasi abo ayesefihlwe kwezinye izifundazwe. Ummeli wathi ukuwaqoqa kwakuzosidla enkulu imali. Amanye amabhasi abo kwatholakala ukuthi asebenzisa amalayisense ezithuthuthu.’’
Umumeli uDu Plessis ethintwa yiBAYEDE ukuqinisekisile ukuthi wayemele abasebenzi kodwa wala ukunikezela ngemininingwane yecala ethi kumele athole igunya kuqala kubantu ayebamele.
USingh uyaziphendulela
ElaboHlanga alibange lisananaza labe seliqonda kuye umsolwa uMnu uJay Singh lamazisa ngezinsolo lezi kanye nodaba lakwaCCMA. USingh oqale wamamathintanyawo ukukhuluma neBAYEDE ugcine ephendulile.
“Asinyamalalanga nezimali zabasebenzi kodwa inkinga yokungabakhokheli ukuthi inkampani yahlakazwa ngenxa yokuthi uMnyango Wezokuthutha KwaZulu-Natal wenqaba ukusikhokhela imali eyizi-R500 000 eyengeziwe yomxhaso. Ngisho nenyunyana iSatawu eyayibamele iyazi ngalokho,’’ kusho uMnu uSingh. OZul’azayithole babe sebembuza ngokuthi ukungakhokhelwa kwenkampani yakhe nguMnyango kwabe kuhlanganaphi nesivumelwano abanaso nabasebenzi, uvele washaya ungqimphothwe wathi akubuzwe umnikazi wenkampani ngoba yena akasiye. “Buza kuMnu uSuren Singh ongumnikazi wenkampani,’’ kusho uJay Singh.
Igama lika uMnu uSuren Singh (okuvela ukuthi unobuhlobo noMnu uJay Singh) kaliqali ukuphatheka kwelaboHlanga nasodabeni oluthinta izinsolo zomkhonyovu wamabhasi kanye nemizila KwaZulu-Natal. Oshicilelweni lamhla zili-11 kuNhlolanja kuya mhla zili-18 kuNhlolanja elaboHlanga labika ngokuvulelwa icala kwakhe nguMnu uGezani Chili. Leli cala lalimayelana nezinsolo zokukhwamanisa nayilapho kuthiwa wamqola inkampani iThalente LamaAfrika, amabhasi ali-11 nezimali ezazisebhange. Icala leli elabe libhaliswe ngezinombolo 1453/7/2012 kalikaze linyakaze ngoba kuthiwa umphenyi wahudula izinyawo.
Ebuzwa ngokuxhumana kwakhe nenkampani entsha uGu Transport uSingh uthe: “Leyo yinkampani kaMnu uMandla Gcaba yize naye esebhekene nezakhe izinkinga,” kuphetha uJay Singh ogcine esethi akasazimisele ukuphendula eminye imibuzo iBAYEDE ebiyiphosa kuye ngalolu daba. Eminye yale mibuzo ngowokuthi uyogcina eyikhokhe nini imali yabasebenzi kwazise uthi inkampani yabe isithengiselwe omunye umuntu. Kanjalo nokuthi ngabe uMnyango wabe usumgixabeza kanjani eminye imisebenzi ekubeni ahlangabezana nezinkinga nabasebenzi oGwini.
Naphezu kombiko wezobunhloli, uMnu uSingh ngowezi-2013 uphinde waba sezindabeni ngokubhidlika kwesakhiwo senxanxathela yezitolo abezakha oThongathi. Kuleyo nhlekele yokubhidlika kwaso kwashona umsebenzi kwaphinde kwalimala inqwaba yabasebenzi abazithola bembozeka kuso ngesikhathi sibhidlika. Ophenyweni lwamaphoyisa kwavela ukuthi isakhiwo sale nxanxathela yezitolo sasingekho ezingeni eligculisayo.
Kuthiwa uMnu uSingh waqhubeka ngenkani nokwakhiwa kwalesi sakhiwo senxanxathela yezitolo naphezu kwemizamo yomkhandlu weTheku yokumbhalela izincwadi zokummisa. Kuthiwa uMnu uSingh wazishaya indiva izincwadi zoMkhandlu weTheku zokumisa waqhubeka ngenkani. Kumanje usahamba uphenyo ngokubhidlika kwale nxanxathela yezitolo.
Umbiko wezinhloli udweba isithombe esibi ngoJay Singh
OZUL’AZAYITHOLE sebehlangane nombiko oyimfihlo woPhiko Lwamaphoyisa Ezobunhloli oqukethe izinsolo ezishaqisayo ngalowo othathwa njengogalagala kwezobugebengu KwaZulu-Natal.
Lokhu kulandela ngemuva kokuthi lo mbiko wezobunhloli uveza ukuthi usomabhizinisi weziga KwaZulu-Natal, uMnu uDaniel Jay Singh (52) obuye ateketiswe ngelika‘Dido’ futhi osondelene nosopolitiki abaphezulu ukuthi wafa wavuka esenelinye igama nesibongo ngenhloso yokudukisa umkhondo.
Ngokwalo mbiko wamaphoyisa osayindwe yinhloko yamaphoyisa ePitoli uMajor–General uJ.W. Meiring NgokweSigaba 29 Somthetho Wobunhloli Bezimali Wezi-2001 (uMthetho Nombolo 38 wezi-2001): iNombolonkomba: STR 20/05/2010 owawuthunyelelwe umkhuzi wamaphoyisa osoPhikweni Lobugebengu Ngezimali KwaZulu-Natal ngomhla zi-3 kuNhlaba 2010, udalula ukuthi uMnu uSingh waziguqula igama nesibongo ngenhloso yokubalekela icala elibi lenkohlakalo ayebhekene nalo nabanye abasolwa.
Ngokwalo mbiko uveza ukuthi igama langempela likaJay Singh nguDaniel Jagerdesan owayebhekene necala lenkohlakalo.
“Umfowabo uRonnie Jagerdesan wadlula emhlabeni ngaphambi kokuqala kokuqulwa kwecala likaDaniel Jagerdesan,’’ kufundeka umbiko.
Umbiko uqhuba uthi: “Isitifiketi sokushona kukaRonnie sabhaliswa ngokuthi kushone uDaniel Jagerdesan. UDaniel Jagerdesan wabe esethatha isitifiketi sokushona sikamfowabo wasihambisa kumshushisi kwaba sengathi nguyena [uDaniel] oshonile. Ngaleyo ndlela icala lahoxiswa ngoba inkantolo ikholelwa ngukuthi ummangalelwa ushonile. UDaniel Jagerdesan wabe esethatha isitifiketi sokushona sikamfowabo wazishintsha igama nesibongo wayeseba nguJagerdesan Singh,’’
Empeleni isibongo sakwaSingh ngesakubo kanina bese kuthi uJagerdesan kube yisibonga sikayise.
Ngokwalo mbiko kuthiwa uDaniel Singh wazama kwaze kwaba kathathu ukuzishintsha isibongo njengoba agcina ephumelele ukuzishintsha waba nguDaniel Singh.
Kuthiwa uMnu uSingh iningi lamabhizinisi akhe uwabhalise ngezihlobo zakhe.
Nokwathi lamabhasi isiwakhahlazile abazikorokoro yabuye yawadayisela umasipala weTheku ngesamba esizigidi ezingama-R405.
Ngokwalo mbiko, uMnu uRajen Naidoo uxhumene noJay Singh ngenkampani yamabhasi iRemant Alton Land Transport (Pty) Ltd eyathenga inkampani yamabhasi eTheku kumasipala weTheku ngezigidi ezingama-R70 kodwa yathi isiwacekele phansi yabuye yawadayisela lo masipala ngezigidi ezingama-R405. Uphinde axhumane noShireen Annamaly ngenkampani iMeadowvale Investments cc. UShireen Annamalay ungumqondisi weGralio Precast okuyinkampani eyafaka imali ku-akhwunti yenkampani iStarwood Civils ne-Earthworks ebiphenywa ngamaphoyisa ngaphansi kwenombolo ethi: 1251/2008. Lo mbiko uveza ukuthi ukushintshisana ngalesi samba semali eyayifakwa kule akhawunti yeStarwoord Civils ne-Earthworks kwaqubula izinsolo zokuthi kwakuhloswe ngakho ukubalekela ukukhokha intela nokushintshisana ngemali.
Lo mbiko uphinde uveze ukuthi inkampani iGralio Precast okwakungabathuthukisi bendawo (developer) ezokwakha isakhiwo iDolphin Whispers eyayibolekwe yiThala imali eyizigidi ezingama-R80 ukuthi kwakuyinkampani kaRavi Jagerdesan oyindodana kaJay Singh. Futhi lezi zinkampani zazisebenzisa ikheli elilodwa njengoba zisebenzisa ikheli lasePhoenix Industrial Park. “Ngemuva kwezinyanga eziyisithupha inkampani iStarwood Civils ne-Earthworks cc zisunguliwe zenze inzuzo yezigidi ezili-R10 eyayiqhamuka enkampanini iGralio Precast nakummeli uRajen Naidoo and Co Inc,’’ kufundeka umbiko.
Ngokwalo mbiko uphinde udalule nokuthi, UMnu uRajen Naidoo waxoshwa njengommeli ngemuva kokulahlwa yicala lenkohlakalo. “Kumanje usebenzela inkampani kankosikazi wakhe uNkk uLoshnee Naidoo,’’ kufundeka umbiko.
Lo mbiko uphinde uqhube uthi: “URajen Naidoo noDaniel Singh basungula inkampani yezokwakha basebeyisebenzisa ukukhwabanisela iThala imali eyizigidi ezingama-R80 ngesakhiwo iDolphin Whispers. Kunezinsolo zokuthi, uRajen Naidoo uhlela ukuyozinza ezweni i-Australia.’’