Kuzokweqana izibiba kubaqeqeshi kwawomhlaba
Amaligi ahlonishwayo emhlabeni ashiya abathandi bakanobhutshuzwayo bedukuza ebumnyameni
AKWAZIWA mbhantshi ukujiya kumaligi angaconsi phansi kubalandeli bakanobhutshuzwayo emhlabeni njengoba umjaho wesicoco seligi kusenzima ukuqagula ukuthi iliphi iqembu elingakhala lemuke naso.
Abathandi bakanobhutshuzwayo uzwa bechomelana bethi “phansi amaphaphu ngoba umjaho wemarathon”, abanye bathi “kophela sofana”, ngenxa yothando lwamaqembu abo abawafisela impumelelo ekutheni adle umhlanganiso kumaligi awo. Amaligi ahlonishwayo njenge-English Premier League (EPL) yase-England, iSpanish La Liga eSpain, iGerman Bundesliga eGermany, i-Italian Serie A yase-Italy kanye ne-Absa Premiership yaseNingizimu Afrika yiwona abhekwe ngabovu izigidigidi zabathandi balo mdlalo umhlaba wonke jikelele.
Okwenza la maligi agqame futhi abe nedumela ukuthi anabaqeqeshi abahlonishwayo nabadlali abakhothwa phansi njengoshukela. Phakathi kwabaqeqeshi abangondabuzekwayo singabala u-Antonio Conte wase-Italy ocija iChelsea ku-EPL kumanje eqhwakele phezulu kulogi, ngeke wamshiya uPep Guardiola ocija uManchester City esigabeni esifanayo ofike ethwelwe ngeqoma kuCity, muva nje izinto ezithanda ukumphika, uZinedine Zidane ocija iReal Madrid owenze umlando enqoba isicoco se-Uefa Champions League njengomdlali wasiphinda lesi sicoco esengumqeqeshi eqenjini elifanayo. Omunye umqeqeshi oyaziyo into ayenzayo nguStuart Baxter ocija iSupersport United ku-Absa Premiership. Unqobe isicoco seligi kabili neKaizer Chiefs kumanje uqhwakele nezakhe kulogi yePremier Soccer League (PSL).
Nakuba kusesemome ukuba amaligi amaningi agoqwe, eloHlanga lisika elijikayo ngosekwenzekile, nokungase kwenzeke.
Ku-Absa Premiership
Okwamanje kubukeka umbango uphakathi kweSupersport United, iBidvest Wits kanye neCape Town City njengoba bebambene ngamaphuzu angama-25. IKaizer Chiefs ilele endaweni yesine ngamaphuzu angama-24. ISupersport neWits kubukeka kuyibona abasethubeni elihle lokuthi oyedwa wabo akhale emuke nalesi sicoco ngenxa yabadlali abanamava okuwina iligi, la maqembu anabo. UDaine Klate ogijima kuWits usewine isicoco seligi kahlanu (neSupersport United kathathu, ne-Orlando Pirates kabili), kuthi uMorgan Gould weSupersport naye usenze esifanayo eyinqoba kahlanu (kathathu neSupersport kabili neChiefs). Abaqeqeshi bala maqembu omabili okunguStaurt Baxter noGavin Hunt banamava okunqoba le miqhudelwano njengoba benzile eminyakeni edlule benqoba eseligi neChiefs neSupersport United. Nokho iMamelodi Sundowns evikela lesi sicoco ngeke ikhohlakale ngenxa yomqeqeshi wayo uPitso Mosimane okhombise obukhulu ubuhlakani enqoba isicoco seCaf Champions League ngonyaka owedlule.
Ku-English Premier League
Lena ngenye yamaligi ehleze iba nezimanga njengoba unyaka nonyaka kuba nompetha omusha. Njengamanje iChelsea iyona ezihola phambili ngamaphuzu angama-49, ngemva kwemidlalo engama-20. Umgadli wamaBlues (iChelsea) uDiego Costa uvutha engabaselwe njengoba kunguyena ozihola phambili ekuhlohlweni kwamagoli. Usevalele phakathi amagoli ali-14. Isitha esikhulu seChelsea iLiverpool elele isibili ngamaphuzu angama-44. Leli qembu elicijwa uJurgen Klopp waseGermany libukeka likwazi ukuthola imiphumela nakuba kwesinye isikhathi lingadlali ibhola eligculisayo. USadio Mane waseSenegal odlala isizini yokuqala ku-EPL namaReds (iLiverpool), ufike kwezwakala njengoba esevalele phakathi amagoli ayisi-9, wakha namanye. IMan City kaGuardiola ne-Arsenal ka-Arsene Wenger babonakala bezolwela indawo ye-Uefa Champions League njengoba ku-EPL kungena amaqembu amane kuphela kulo mqhudelwano.
KuSpanish La Liga
Kuhleze kulindelekile ukuthi iBarcelona evikela eseLa Liga nezimbangi zayo ezinkulu iReal Madrid bazobanga isicoco seligi. Kule sizini kubukeka engathi la maqembu afuna okungafani. IBarcelona ibonakala igxile kakhulu ku-Uefa Champions League njengoba izimbangi zayo zikhale zemuka nayo ngesizini edlule, nokugcine ngokuthi uChristiano Ronaldo ongumgadli weMadrid abe ngumdlali ovelele emhlabeni ahlule imbangi yakhe enkulu uLionel Messi ogijima kuBarca. Ngakolunye uhlangothi iMadrid ibonakala ifuna ukunqoba isicoco seligi osekuphele iminyaka emihlanu yehluleka ukusinqoba. ISevilla neVillarreal babonakala bezolwela indawo kuChampions League. I-Atletico Madrid iyona engase ibamise kabi njengoba izofisa nayo ukungena kuChampions League njengoba ihambe yaze yafika kowamanqamu kulo mqhudelwano kweyedlule.
Ku-Italian Serie A
IJuventus isisinqobe kahlanu kulandelana isicoco seSerie A kusuka ngowezi-2011. Kumanje izihola phambili ngamaphuzu angama-42 emva kwemidlalo eyi-17. Ilandelwa iRoma FC enamaphuzu angama-38 emva kwemidlalo eyi-18. Okwenza i-Old Lady (iJuventus) yehluke kwamanye amaqembu ukuthi idlala njengeqembu ibambisene kuzo zonke izingxenye zenkundla. Nokho iNapoli FC elele isithathu neLazio FC elele isine babonakala bezolwela indawo okungenani kuChampions League.
KuGerman Bundesliga
IBayern Munich iyona ekhonyayo eGermany. Isinqobe amahlandla amane kulandelana isicoco seBundesliga kusuka ngowezi-2012. Okwenza iBayern yehluke ukuthi ithenga abadlali abanohlonze ezimbangini zayo. Yilokhu okwenza kugqame yona yodwa kulo mqhudelwano, amanye amaqembu agcine ngokulandela ngemuva njalo. Kumanje iyona eqhwakele ngamaphuzu angama-39 emva kwemidlalo eyi-16. Ilandelwa iRB Leipzig elele isibili ngamaphuzu angama-36, kube iHertha BSC elele isithathu ngamaphuzu angama-30 neEintracht Frankfurt enamaphuzu angama-29. IBayern iyona okulindeleke ukuba ikhale yemuke nesicoco, ikakhulukazi njengoba izimbangi zayo zeminyaka, iBorussia Dortmund isendaweni yesithupha kulogi, isele ngamaphuzu ali-12. Okunika ithemba iDortmund ukuthi ingalivala igebe eselivulekile ukuthi umgadli wayo uPierre-Emerick Aubameyang odabuka eGabon, nguyena ozihola phambili ngokuhlohlwa kwamagoli kubagadli baseGermany. Useshaye amagoli ali-16.