Now Reading
Umdlalo wepolitiki kungaba yiwona okwenyusayo
Dark Light

Umdlalo wepolitiki kungaba yiwona okwenyusayo

Lona Kungenzeka simbone esekuHulumeni umengameli weCOSATU uSdumo Dlamini

KUYASOLISA ukungachithi sikhathi komfelandawonye wezinyunyana iCOSATU igxumele ukweseka onguSekela Mengameli uCyril Ramaphosa ukuthi aqhoqhobale esobumengameli ku-ANC emva kokuphela kombuso kaMengameli uZuma. Yize ongoti babekulindele ukuthi weseke uSekela Mengameli kepha kwakungalindelekile ukuthi kube ngokushesha okungaka.

UMengameli walo mfelandawonye owaqokelwa kulesi sikhundla eminyakeni eyisikhombisa edlule, abaningi bebembona njengomngani omkhulu kaMengameli uZuma kwazise waqokelwa ebuholini beCOSATU ngonyaka ofanayo nokuqokelwa kwesobumengameli wezwe kukaMengameli uZuma. Yize sekungaba yihaba uma singathi lesi senzo seCOSATU singukushintsha izicathulo okusho ukuthi uDlamini usejikela umngani wakhe wakudala, kodwa emva kwakho konke osekwenzekile kulo mfelandawonye okulifakayo igama likaMengameli, bekungalindelekile ukuthi lo mfelandawonye ungacwayizi kumele uthathe isinqumo sokuthi weseka bani.

Imbangi enkulu kaRamaphosa nguMaDlamini-Zuma abasenobudlelwano obuhle noMengameli, mhlawumbe naye ubezithembisile ngokwesekwa yilo mfelandawonye. Omunye engathi akuyena uDlamini oweseke uRamaphosa kepha yizinhlaka zeCOSATU okwenze isinqumo saphuma njengesalo mfelandawonye. Impendulo yami kungahle abe nalokhu kudideka kungaba ngukuthi ayihlukaniseki iCOSATU noMengameli wayo uDlamini.

Komele kunakeke indlela awuphethe ngayo uDlamini lo mfelandawonye ukuze sibone ukuthi usuwaphenduka into yakhe yedwa. Iqhingasu lokubusa lo mfelandawonye likaDlamini mhlawumbe singalichaza kangcono uma singaliqhathanisa nalelo likasihlalo we-ANC KwaZulu-Natal uSihle Zikalala. Lo mholi uyakuqonda ukuthi enhlanganweni kukhona abakwesekayo nabayizitha, ngakhoke ukubusa kwakhe wakugxilisa lapho. Akwenzayo uZikalala ngukuthi labo abamesekayo bathola amadlelo aluhlaza bese kuthi labo abayizitha bebonwe yilanga. Singathatha ukuqokwa kukaNkk uZandile Gumede mhlazana eshenxisa uMhlonishwa uJames Nxumalo kwesobuMeya yaseThekwini. Engqungqutheleni eyaqoka lomholi, uZikalala waqinisekisa ukuthi abeseka uNxumala abeneme ngale ndlela yokuthi baze bayidube le ngqungquthela. Lokhu kuduba kwabo yikhona okwenza uNkk uGumede waqokwa kalula. nasekuqokweni kwakhe uZikalala wenza esifanayo, okuyinamhlanje izimbangi zakhe zisaphikelela ezinkantolo.

Uma sibuyela kuCOSATU nasekubusweni kwayo sibona okufanayo. Kuzokhumbuleka ukuthi ukuxoshwa kweNUMSA kulo mfelandawonye kwaba ngezinye izinyunyana ezathi zikhathele ukutshelwa yile nyunyana. Owuqonda kahle umdlalo wezepolitiki uzonaka ukuthi iNUMSA yayingahambisani kanjani nobuholi bukaDlamini. Kwaba ngumdlalo nje wezepolitiki owenza kube sengathi izinyunyana azeneme ngeNUMSA ekubeni ingezwani noMengameli womfelandawonye.

Omunye umdlalo omuhle awenza uDlamini ngukuketula uMnu uZwelinzima Vavi owayehlezi engaphansi kwesithunzi sakhe uma kuziwa ekubuseni lo mfelandawonye. Okumanje bancane abaziyo ukuthi sekungubani unobhala walo mfelandawonye emva kokuxoshwa kukaVavi. Kusobala ukuthi uDlamini wayezicabela indlela yakhe yezepolitiki, kanti ekwesekeni kwakhe uRamaphosa kusobala ukuthi leyo ndlela ibhekephi. uDlamini angeke wamhlukanisa neCOSATU, lo mfelandawonye ungunye; asibuke nje ukuthi namhlanje usehlukene kangakanani phakathi okwenza kube lula ukuthi isinqumo sakhe kube yiso esihlalayo. Ngabe senza iphutha uma singacabanga ukuthi lesi siqnumo sokweseka uRamaphosa siphuma kuzona zonke izinhlaka zeCOSATU evele ingezwani yodwa lapho sibona khona iSADTU isolwa ngokuziphathisa kweNUMSA, iFAWU isafunga iyagomela ukuthi ayisophinde yahambela izingqungquthela zalo mfelandawonye ewusola ngokuphathwa ngabathize.

See Also

Kusobala ukuthi lesi sinqumo sokweseka uRamaphosa siphuma kuDlamini uqobo mhlasimpe nabathize abavele belalela yena. Okwenza ngithi kungenzeka simbone esekuHulumeni lo mholi ngonyaka wezi-2019 ngukuthi uma kwenzeka eqokelwa kwesiphezulu ku-ANC uRamaphosa iphinde le nhlangano idle umhlanganiso okhethweni lukazwelonke, lo mholi uyofuna ukukhokhela labo abamxhasa ukuba afike lapho ekhona.

Yize iCOSATU iseyingxenye enkulu ku-ANC kepha ikusasa layo alaziwa njengoba izimbangi zayo iNUMSA isikaza ukusungula owayo umfelandawonye oyoholwa ngoyintandokazi kwabaningi uMnu uVavi. Kungaba ngumqondo ophusile kuDlamini ukuthi awushiye lo mfelandawonye ngaphambi kokusungulwa kwalo mfelandawonye osikazwayo. Lo mfelandawonye kaVavi no-Irvin Jim uzoyenza ibebuthaka iCOSATU okuvele kulindeleke ukuthi izinyunyana eziningi zixebuke kuyo. Angingabazi ukuthi uDlamini uyakubona lokhu, kanti futhi angingabazi ukuthi kukhona abakuxoxa noSekela Mengameli uRamaphosa ngaphambi kokuthi ameseke.

Okumele bakunake abantu ngukuthi ipolitiki ingumdlalo oyingozi lapho umsebenzi wakho ungaphela nanoma yinini. Indlela ayiphethe ngayo iCOSATU uDlamini iyingozi nakuye uqobo. Owayenza njengaye, uWilly Madisha, wahamba kanjani kulo mfelandawonye? Kusobala uDlamini ufuna ukugcina umsebenzi wakhe kwezepolitiki uphephile, kungakho ngisola ukuthi ukweseka kwakhe uRamaphosa kunobuhlakani bezepolitiki phakathi. Okuhle ngoDlamini ngukuthi awukho umnyango angeke angena phansi kwawo kuHulumeni njengoba evele enguMengameli womfelandawonye wezinyunyana zaseNingizimu Afrika. Lo mholi udlala umdlalo ojwayelekile kwezepolitiki kanti ukuqokwa kukaRamaphosa kosinika isithombe esihle ngohambo lwakhe lwezepolitiki.

  • UMnu uNtobeko Shozi ongumfundi wezePolitiki e-UKZN
Scroll To Top