Okuqale kuwukungcweka kugcine kuwukubulalana
Imindeni emibili ilokhu ibambelene amagqubu asenezidumbu phansi
KUFUFUSA impi engagcina ingumbhedukazwe phakathi kwesizwe saKwaMadlebe ngaphansi kweNkosi uZenzo Zungu nesizwe saseMazimeleni ngaphansi kweNkosi uThanda Mzimela okuyizizwe ezakhelene eMpangeni.
Lokhu kulandela ngemuva kokuqothwa komndeni wakwaKhumalo owakhele isizwe saseMazimeleni okuthiwa uqothwa ngumndeni wakwaShange wesizwe saKwaMadlebe. Kuthiwa lo mndeni wakwaShange ungosomatekisi endaweni.
Ngokusho komunye welungu lomndeni wakwaKhumalo elisekubhaceni elicele ukuba kungagagulwa igama lalo ngokwesabela impilo lithi le mpi esiqede cishe wonke umndeni wakwaKhumalo iqale ngowe-1974 ngesikhathi kunomdlalo wenduku kade kusemgcagcweni.
“Kwangcweka insizwa yakwaShange neyakwaKhumalo, ngebhadi yasuke yashona eyakwaShange. AbakwaShange bahlasela abakwaKhumalo ngenhloso yokuzophindiselela ukushona kwelungu lomndeni walo. Kulokho kuhlasela kwadutshulwa kwabulawa uMnu uMpempe Khumalo owayeyinduna,” kusho umthombo.
Ngowe-1993 baphindile futhi abakwaShange babulala uMnu uBhabhaza Khumalo bemhlasela emzini wakhe. Baphinde babulala nomfowabo uMshudo Khumalo yena abamhlasela ebuya emsebenzini. Zombili lezi zigameko zenzeka ngezikhathi zakusihlwa.
Kuphinde kwabulawa uMnu uSifiso Sibisi ngowezi-2005 wesizwe seNkosi uZenzo Zungu ebulawelwa ukuthi usondelene nabakwaShange.
Ngowezi-2009 kuphinde kwabulawa uMnu uMahube Khumalo. Ngowezi-2010 kubulawe umzala kaMahube, uSandiso Khumalo yena owahlaselwa wadutshulwa elele ebusuku.
Ngowezi-2012 kubulawe uMnu uMandla Xulu ohlobene nomndeni wakwaKhumalo. Ngowezi-2014 kubulawe ngokudutshulwa uMnu uSihle Khumalo owadutshulwa engena ekhaya ngezikhathi zakusihlwa.
Umndeni wakwaKhumalo nawo waziphindiselela ngokuhlasela umndeni wakwaShange ediphini okuyisigameko esenzeke ngoNcwaba wezi-2015. Kuleso sigameko kushone uMnu uMbambo wabulawa ngephutha njengoba abakwaKhumalo babeqonde abakwaShange manje naye ehambisana nabo.
Ngaleso sigameko kuboshwe uMnu uSibusiso Khumalo owabhadla esitokisini unyaka wonke kodwa icala lagcina lihoxisiwe kuye ngenxa yokushoda kobufakazi.
“AbakwaShange kubathukuthelisile ukuhoxiswa kwecala kuMnu uSibusiso Khumalo base behlasela uMnu uMkhombeni Khumalo abamfica esaqaqa izimbuzi ekwakhe. Kuleso sigameko esenzeke ezinyangeni ezintathu ezedlule, UMnu uMkhombeni Khumalo udubuleke emlenzeni wase ebalekela ekhweni lakhe eliseduze emtholampilo iNtenetshane khona eMazimeleni,” kuqhuba umthombo.
Umthombo uqhuba uthi: “Abahlaseli bamlandele baze bambulalela khona ngokumchitha ubuchopho ngenhlamvu. Ngosuku angcwatshwe ngalo abakwaKhumalo nabo baziphindisele ngokuthi bayohlasela abakwaShange bafike babulala ubaba wakhona uMnu uShange, kanye noMnu uTawu Cele kanye nowesilisa ababeluse kanye naye,”
Ngosuku obekungcwatshwa ngalo uMnu uShange abakwaShange nabo bahlasele abakwaKhumalo bafike babulala uMnu uBheki Xulu ongumfowabo kaMandla Xulu. “Manje sebefuna uThokozani Msomi abamsola ngokuthi wayekhona kubulawa uPhendu Shange oyindodana kaMnu uShange. Umuntu ongubhongoza kuyo yonke le nto nosatshiswa okwenyoka nguMnu uBhekifa Shange oteketiswa ngelikaNde noma uNkathenkulu Shange ongusomatekisi endaweni. Izinkabi azithumayo ukumenzela lo msebenzi wokuqotha abakwaKhumalo kubalwa kuzo uMnu uMakhombe Lembede, uMnu uMbonkoza Lembede kanye noShooter Shozi. Ngikhuluma nje abantu abaningi babhace emahlathini manje ngenxa yokwesabela impilo yabo,” kuqhuba umthombo.
Indodana yakwaKhumalo, uMnu uMntungwa Khumalo naye osekubhaceni ukuqinisekisile ukuthi sekubulewe amalungu amaningi omndeni wakubo okubalwa nobaba babo, nathi lokhu kwenziwa ngabakwaShange ngenxa yombango owasuka ngomdlalo wokugcweka.
“Kumanje nami ngingabulawa noma yinini. Ngizobulawelwa into engingayazi. Okokuqala le ngxabano yaqala mina ngisesesiswini sikamama kodwa namhlanje nami sengiyahlukumezeka. Ngikhuluma nje ngabulawelwa ubaba ngisemncane,” kusho uMnu uKhumalo.
Ebuzwa uMnu uKhumalo ukuthi aMakhosi enzani ukubhula lo mlilo osubhubhise abantu abaningi kangaka njengoba bethi le mpi yaqala ngowe-1974 uphendule ngokuthi nawo ayazama, ayeluleka ngoba abakwaShange bayiziqhwaga ezesatshwayo ngisho nasematekisini.
UMnu uMntungwa Khumalo uthi abasazihluphi ngokuyobika emaphoyiseni ngoba nawo awabasizi ngalutho esikhundleni salokho ujike ubone abaseshi bedla inyama nabasolwa.
“Ngisho namaphoyisa awasizi ngalutho ngoba ajike ahambisane nabo. Kuthi wena obuthi uzovula icala bajike bakumpimpe kubo bese bezokusoconga. Ngikhuluma nje ezinyangeni ezintahthu ezedlule babulale ubaba omncane, uMkhombeni Khumalo abamqedele esebhace ekhweni lakhe ngemuva kokumdubula emlenzeni,” kusho uMnu uMntungwa Khumalo.
UMnu uMntungwa Khumalo uqhuba uthi: “Phela ubaba uMkhombeni ubekade evule icala waze wenza nesitatimende ngoba wababona abantu abamhlasela bamdubula emlenzeni. Kodwa ngemuva kokuvula icala abahlaseli bakhe bamfuna baze bamthola ekhweni lakhe bafike bamqedela khona ngenhloso yokucisha ubufakazi. Kuze kube manje asizwa lutho ngecala abelivulile, Ngisho nezinkabi ezithunywayo ukuyoqotha abantu ziyaziwa futhi ziyazicanasela ngaphandle.”
UMnu uBhekifa Shange walile ukuphawula ngalezi zinsolo ezibhekiswe kubo ethi usematasa. “Ngicela ubuye ungithinte ngemuva kwehora ngoba kukhona engisematasatasa ngakho,” ngaphambi kokuvala ucingo.
Nobaba wakhona omncane uMnu uThulani Shange kanye noMnu u-Olie Shange benqabile ukuphawula ngoba bethi basesemhlanganweni.
Ayazikhulumela aMakhosi
INkosi uZungu ikuqinisekisile ukuthi sebephelile abantu ngenxa yale mpi eqhubekayo phakathi komndeni wakwaKhumalo nowakwaShange.
“Kuningi singaMakhosi esesikuzamile ukuhlanganisa le mindeni ukuba ikhumelane umlotha kodwa kunhlanga zimuka nomoya. Kumanje sisanda kuba nomhlangano lapho ngangicele namanye aMakhosi ukuba azosilekelela ukubhula lo mlilo. Ngokwami besithi le nto isidambile kodwa manje siyamangala ukuthola ukuthi kusaqhubeka ukubulalana. Nginxusa ukuba abantu babeke phansi izikhali kuxoxiswane ngoba le mpi isidale omkhulu umonakalo kwadaleka nezintandane emindenini ikakhuukazi ohlangothini lweNkosi uMzimela. Ukubulala omunye umuntu akusilo ikhambi kodwa kubhebhezela ukubulalana ukuba kuqhubekele phambili,” kusho iNkosi uZungu.
INkosi uZungu iqhuba ithi ngoLwesibili ithole umbiko wokuthi sekubulawe uMnu waKwaNkwanyana wangasohlangothini lwakwaShange.
“Sinakho ukwesabela ukuthi le nto isazobhebhetheka kakhulu njengoba kuvalwa nabantu abaningi bejoja bebuyela emakhaya,” kuqhuba iNkosi uZungu ngokuthi yona ibingazi ukuthi kanti le ngxabano yaqala ngowe-1974, isuka ngenxa yomdlalo wenduku.
“Mina ngokwazi kwami bengazi ukuthi le nto iqale ngeminyaka yowe-1990 ngenxa yombango wezepolitiki. Phela abakwaShange banguKhongolose kanti abakwaKhumalo bayi-IFP. Nomphathisiteshi wamaphoyisa ubegcine ethe usazobiza omunye umhlangano wokubahlanganisa,” kuqhuba iNkosi uZungu.
INkosi uMzimela nayo ikuqinisekisile ukuthi kukhona okwenziwayo ukuzama ukubhula umlilo okubandakanya namalungu omphakathi namaphoyisa.
“Kodwa ngingethande ukusheshe ngidalulele abezindaba ngezinhlelo esinazo ukubhekana nalesi simo. Ngokwami le mpi indala kangangoba ibikhona nangesikhathi esihlalweni kusekhona ubaba ongizalayo. Kodwa ibisithule isiqubuka manje ngoba sekuhlezi mina esihlalweni.”
Ngokwamaphoyisa
Okhulumela amaphoyisa uCaptain Mdlalose ukuqinisekisile ukuthi sekutshalwe amaphoyisa amaningi ukuqapha isimo ukuba singabhebhetheki njengoba abantu abaningi bebuyela emakhaya ukuvalela amaholide.
“Kumanje sitshale inqwaba yamaphoysa okubalwa nawo phiko olubhekelele udlame emphakathini nelezobunhloli. Kumanje iningi lamaphoyisa liyazulazula endaweni lipequlula kwasani ukuqinisekisa ukuthi abantu bahlala ngokuthula ngamaholidi. Impela isimo sisiqaphe ngelokhozi. Kumanje kukhona asebebalekele eGoli okuthiwa bayathinteka kula macala okubulala,”kusho uCaptain uBongumusa Mdlalose.