Uyisisulu sonya lwabezindaba nokwenzelela uMkhwebane
Ipolitiki ibonakala ingena ngomkhono nesiphanga kweloMvikeli Womphakathi
ABEZINDABA sebakushaya indiva ukuba ngumlomo weqiniso kepha sebengene basithela emdlalweni wepolitiki. UMvikeli Womphakathi uBusisiwe Mkhwebane ongakaqedi nanyanga ethathe isihlalo sakhe usebe yibhola labezindaba. Kusukela ekuqokweni kwakhe lo Mvikeli Womphakathi abezindaba basebemhleli emahlombe begade ukuthi enze abakubona njengephutha bese bekunekela izwe. Ngeshwa loMvikeli akutholakalanga kahle ukuthi wayenzani phambilini okwaholela ekutheni bamnuke njengempimpi yakuleli eyayizinze kakhulu kwelaseChina. Usakuphika-ke nokho uMvikeli lokhu asolwa ngakho. Yize zazikhona lezi zinsolo wakwazi ukuyiphendula kahle imibuzo ayephekwa ngayo ePhalamende wabahlula ozakwabo abanye ababekhonjwe ngomunwe ngabahlaziyi bathi yibo abayodla lo mhlanganiso.
Kusukela ngosuku aqokwa ngalo wabe esenaphazwa ngabamaqembu aphikisayo ezepolitiki ababemsola ngokuzovikela isithunzi se-ANC.
UMvikeli waphambilini uThuli Madonsela akungabazeki ukuthi wenza umsebenzi oncomekayo, kepha i-ANC yayimsola ngokuzenza sasitha kuyo. Nokho akayiyekanga le nhlangano uMadonsela kwazise waqala ngomhlonishwa uMalema esenguMengameli wenhlangano yentsha i-ANC ukumphenya wathula, enamacala enkohlakalo, nokho yamvuna inkantolo okunanamhlanje usahamba lawo macala uMalema. UMengameli uZuma singathi wamphenya kabili yize okwesibili kwakungabhekile kuye siqu sakhe njengoba kwakubhekwa ukuhaqwa kwamandla ombuso okwabaleka khona inqwaba yabantu.
Abamaqembu aphikisayo ikakhulukazi iDA ithi uMvikeli omusha uzoqeda ngalo msebenzi omuhle owawenziwa nguMvikeli waphambilini. Yize lezi zinsolo zisuka kuDA kodwa nabezindaba sebezenze ezabo. Kuyaxaka lokhu budlelwano babezindaba neDA njengoba sihlezi sizwa okuhle kodwa ngabo. Abezindaba bayaziwa ngokuthanda ezokuxabana nokuhlukana kwenhlangano, kepha kwathi lapho sekukhona ukungahoshelani phakathi kwentokazi uLindiwe Mazibuko nonkosikazi uHelen Zille ebuholini beDA, kwacweba iziziba sangezwa lutho ngalolu daba. Sekuze kwavela ngaye unkosikazi uZille osezisholo yena ukuthi kwakuvele kungasekho ukuhoshelana phakathi kwakhe nentokazi yakwaMazibuko eyake yaba ngundabamlonyeni kwezepolitiki yakuleli. Ezokungahoshelani ngaphakathi kwe-ANC, iCOPE, i-IFP, i-NFP kanye ne-EFF sizithola mihla yonke kwabezindaba. Kubonakala kuyisimo esifanayo lesi nesenzeka kuMvikeli uMkhwebane.
Abezindaba bacheme kakhulu noMadonsela kanti futhi zibonakala zibaluleke kakhulu izinsolo eziphuma kuDA kubona. Okumanje uMkhwebane usolwa ngokuvulela uMadonsela icala lokuputshukisa inkulumo yakhe noMengameli eyathatha amahora amane ngesikhathi embuza ngezinsolo zokuphisana ngombuso wakuleli. Inhlangano iDA igiya phambili ngalolu daba ithi lo Mvikeli wayevele eqokelwe ukuba ngunopopi kaMengameli. Izinsolo zeDA nabezindaba bakhomba ukuzithakasela njengoba kwase kugcwele izinkundla zokuxhumkana ukuthi uMvikeli omusha uzama ukuvikela uMengameli. Okuphumile ngukuthi akakaze avule icala uMkhwebane yize wakukhombisa ukungenami uMengameli ngalesi senzo soMvikeli waphambilini.
Abezindaba abazihluphanga ngokufuna iqiniso kepha bathatha amazwi kaMmusi Maimane, onguMholi weDA, njengoba enjalo bawashicilela. Yize owaqala lezi zinsolo kwakungowayeyilungu le-ANC nalo elingeneme uVytjie Mentor, kepha kuzonakeka ukuthi akazange aqhubekele phambili nalezi zinsolo. Kusobala ukuthi inhlangano iDA ifuna ukumsusa lo Mvikeli mhlawumbe ifake ongase avune yona kangcono, okuyishwa nje yikho ukuthi bathola usizo kwabezindaba. Kusho ukuthini lokhu ngabezindaba bakuleli? Lokhu kusho ukuthi abezindaba sebengene basithela nabo emdlalweni wezepolitiki. Ukuchema nezinhlangano zezepolitiki sikujwayele emazweni aseNtshonalanga lapho isiteshi noma iphephandaba thizeni liphumela obala lithi lona leseka bani kanti injongo yalo ukudicilela isithunzi sikabani.
Yize bengakuphika lokhu abezindaba kodwa bavele sebeyakwenza ikakhulukazi uma uzobuka ngendlela okutatanyiswa ngayo iDA. Kuyasolisa ukuthi abanye abaholi bamanye amaqembu bayalandelelwa ngisho nasezimpilweni zabo zangasese kepha asikaze sikubone nakanye kwenzeka enhlanganweni iDA. Kungani iDA ingamfuni uMkhwebane? Lo Mvikeli omusha wakubeka kusaqala nje ukuthi akazokuba yinomfi yamaqembu ezepolitiki. Wakhombisa ukukhathazeka ngendlela abasebenzi bakhe beHhovisi loMvikeli Womphakathi ababe ngazimisele ngayo. Waveza-ke ukuthi uzoqala ngokuqondisa izigwegwe eHhovisi lakhe. IDA icasulwa ngukuthi lo Mvikeli wayeka amathuba amahle okudicilela isithunzi se-ANC evele isenkingeni yokujikelwa ngabalandeli bayo.
Kwaqala lapho uMengameli efaka isicelo enkantolo sokuphikisana nokuphuma kombiko wokushaqwa kwamandla ombuso. UMvikeli omusha wathi angeke aphikisane nalesi sicelo njengoba wayengakatholi kahle amatomu okubamba lo msebenzi ayeqashelwe wona. IDA ngokwesaba ukuthi lesi sicelo sikaMengameli singase sibe yimpumelelo, yabe impi yayo isiyibhekisa ngqo kuMvikeli omusha.
Okwesibili ngukuthi uMvikeli waphambilini wayebonakala eseyishaya okhakhayeni i-ANC, ukube wafika wasebenza ngaleli zinga ayesebenza ngalo uzakwabo uMvikeli omusha kwakuyoyithokozisa iDA, kepha uMvikeli omusha wathi akukona okwakhe ukulingisela uMvikeli waphambilini ngoba naye unenqubomgomo asebenza ngayo. Abantu komele bakhumbule ukuthi uMkhwebane akakaqedi nanyanga engenile ekubeni nguMvikeli Womphakathi.
Lo mdlalo wabezindaba okhomba nokuchema nabathize abantu abangawulandeli. Uma singabheka kolukaMadonsela nje, ukube uMkhwebane wamvulela icala kwakuyobe wayenza okufanele njengoba lo mqopho kaMengameli kwakuyimpahla yeHhovisi loMvikeli Womphakathi hhayi ekaMadonsela siqu sakhe. Okusho ukuthi uMadonsela mabili amacala awenza ngokuputshukisa lo mbiko. Elokuqala ngukweba impahla yeHhovisi loMvikeli Womphakathi. Elesibili ngelokunekela izwe inkulumo yangasese noMengameli okwakungavunyelwanga ukuthi iyonekelwa izwe. UMvikeli omusha akanikwe ithuba, eqinisweni elimsulwa akukakabi bikho okubi akwenzile.
- UMnu uNtobeko Shozi ongumfundi wezePolitiki e-UKZN