Umnikazi wamabhasi usolwa ngomkhonyovu


Kubikwa ukuxhashazwa nokucindezelwa kwamalungelo ezisebenzi enkampanini yamabhasi
KUNGAKAPHOLI maseko uMphathiswa Wezokuthutha KwaZulu-Natal ethule uhlelo lwezigidi ngoMfumfu wezi-2016 lokuthuthukisa aboHlanga embonini yezokuthutha ebiqhoqhobelwe ngamaNdiya sekuqubuke izinsolo zenkohlakalo nokuxhashazwa kwabasebenzi.
Lokhu kulandela ngemuva kokuthi omunye wesikhondlakhondla sikasomabhizinisi woHlanga, uMnu uPetros Gumede ogixabezwe ngethenda yezigidi ezingama-R25.8 yokuthutha izingane zesikole sekuvele ukuthi usememezele ukuthi ngoLwesine uzodiliza bonke abasebenzi bakhe bese ebaqasha kabusha.
Kulabo abazodilizwa kubalwa nasebesebenze iminyaka engaphezulu kweyishumi.
UMphathiswa Wezokuthutha, uMhlonishwa uMxolisi Kaunda ngoMfumfu ukhiphe imali elinganiselwa ezigidigidini ezi-R2 ezinkampanini eziyikhombisa zosomabhizinisi boHlanga ebebekhishelwe ngaphandle ngamaNdiya.
Ngesikhathi uMphathiswa uKaunda ethula uhlelo lwakhe kwaba nenkulu inhlokomo nethemba ukuthi aboHlanga okubalwa nabasebenzi nabo sebezothuthuka kule mboni esiphethwe ngaboHlanga.
Amabhasi kaMnu uGumede ahambela eMtubatuba, eRichards Bay, eSikhaleni, eMeerensee naKwaMbonambi. Izinkampani zamabhasi anazo kubalwa iTrans Tugela, iTrust Me Tours nesiSihlangene Bus.
Omele abasebenzi, uMnu uMuzi Ngcobo utshele iBAYEDE ukuthi isizathu sokudilizwa kwabo ngumqashi yingoba abasebenzi bajoyine inyunyana iSouth African Transport and Allied Workers Union (SATAWU) ebizobalwela phakathi kokunye ukuba bathole amaholo afanele nezimo eziphephile zokusebenza.
Ngokusho kwabanye babasebenzi abakhulume neBAYEDE bathi ngenyanga baholelwa imali esukela ezi-R3500 kuya ezi-R4000.
“Mfowethu sinzima isimo esisebenza ngaphansi kwaso kule nkampani kaMnu uGumede. Iningi lethu selisebenze iminyaka engaphezulu kweyishumi kodwa sonke sisengamatoho. Sisebenza amahora eqile ajike asiholele amakinati. Awakhokhelwa amaholide. Awekho amabhonasi, awekho amaPay Slips. Asinayo ngisho i-Unemployment Insurance Fund (UIF) neProvident Fund. Uma usushiya emsebenzini awutholi ndibilishi,” kusho uMnu uNgcobo oqhube wathi kuthe uma umqashi ezwa ukuthi sebejoyine inyunyana wase ethi bonke abasebenzi bazosayindiswa izinkontileka zokuqashwa kabusha kungakhathaleki noma ngabe ususebenze iminyaka eminingi.
“Singabasebenzi sikwenqabile ukusayinda le nkontileka abeyibeke etafuleni ngoba lokho kusho ukuthi le minyaka esesiyisebenzile izophelela ezeni. Ube esethi ngoba asifuni ukumlalela nokuthi simumbele igodi ngokujoyina inyunyana ngakho-ke uzodiliza wonke umuntu ebese eziqashela kabusha. Uthe futhi akukho mali esizoyithola yokudilizwa, Okunye asiqhoshela ngakho uMnu uGumede uthi yena ngeke enziwe lutho ngoba uyilungu le-ANC futhi amathenda uwathola kubaholi be-ANC,” kuphetha uMnu uNgcobo.
Omunye wabasebenzi uMnu uThanda Madida naye uhambe emagameni kaMnu uNgcobo ethi sebekhathele ukuxhashazwa nguMnu uGumede. “Udaba lokuxhashazwa kwethu, ukuholelwa amakinati, ukusetshenziswa amahora eqile silufake esigungwini sabalamuli iBargaining Council. Kodwa uMnu uGumede wavele wasihleka usulu ethi yena ngeke enziwe lutho ngoba wazana nezikhulu eziphezulu zoMkhandlu Wezisebenzi (Labour Council [LC]). Nangempela udaba lwethu belunganyakazi eLC kwaze kwaba ukuthi sifaka isimangalo nakuba siyakhuluma ukuthi ngoLwesine kuzobe kufike esinye isikhulu esivela kwaLC ukuzoxoxisana nathi nomqashi. Asikhokhelwa imali yesikhathi esengeziwe (overtime). Okunye okusiphatha kabuhlungu ukuthi uMnu uGumede kunemali asibambela yona athi ngeyomshuwalense wokufa kodwa uma sekushone umsebenzi izihlobo zikamufi uzifuna ingxenye yaleyo mali yomshuwalense.”
Unkosikazi kaMufi uNkomo, uNkk uThabisile uthi kumfikisela umunyu uma ecabanga indlela umyeni wakhe owashona ngayo ngenxa yokukhandleka ngumsebenzi wokushayelela uMnu uGumede.
“Umyeni wami ubesebenza amahora angama-24 engaphumuli ehlale esemgwaqeni. Ubengasitholi isikhathi somndeni. Lokhu kugcine sekumlimaze izinso nesibindi,” kusho uNkk uNkomo. Uqhuba uthi okubuhlungu umyeni wakhe omsebenzele iminyaka engaphezulu kwengama-20 ngesikhathi eseshonile umndeni awutholanga ngisho indibilishi.
“Ngisho nokumsiza ngemali yokuya esibhedlela akakaze amsize ngalutho. Ngikhumbula kuphela i-R1000 owathi nguKhisimuzi wethu kwase kuba ukuphela kwendaba,” kusho uNkk uNkomo. Ukuqinisekisile futhi ukuthi uMnu uGumede wayethathele umyeni wakhe umasigcwabisane umndeni ungazi.
“Ithumba ngalo mshuwalense libhoboke ngesikhathi ethi uyofaka isicelo semali kwatholakala ukuthi ngeke akwazi ngoba umufi ubeseganiwe. Ngaleyo ndlela waphoqeleka uMnu uGumede ukuba axhumane nami ukuze akwazi ukuyothola leyo mali yomshuwalense. Ngale kwalokho sasingeke sazi ngalo mshuwalense,” kusho uNkk uNkomo. Uthi umyeni wakhe usebenzele uMnu uGumede eseyibhungu waze wakhulela khona.
“Uqale kuseyitekisi ngowe-1991 engakabi namabhasi. Ushone ngomhla zingama-29 kuNhlaba wezi-2011; eyitoho,” kuqhuba uNkk uNkomo.
“Okunye akwenzile uMnu uGumede kulolu hlelo lukaHulumeni lokuthutha izingane zesikole olubizwa ngeSihlangene Bus okukhona kuyo nezinye izinkampani ezisebenza ngaphansi kwakhe, uMnu uGumede uvele waziqashela umndeni wakhe okubalwa nonkosikazi nezingane zakhe wabagixabeza ngezikhundla eziphezulu ngenhloso yokuzixephulela umkhoma kule thenda yezigidi,” kuqhuba uMnu uMadida.
Ngokusho kukaMnu uMadida uthi unkosikazi wakhe uNkk uM.S. Gumede uqashwe njenge-Admin Manager, kuthi indodakazi yakhe uNkk uMpume Gumede-Cele yena waqashwa njengeMeneja Yezimali bese kuthi indodana yakhe, uMnu uNjabulo Gumede abe yiMeneja ebhekelele amabhasi.
“Ngikhuluma nje unkosikazi wakhe uhola ezihlalele ekhaya ngoba kunentombazana eqashelwe lowo msebenzi wokuba ngumlawuli (administrator),” kuqhuba uMnu uMadida.
Ebuzwa uMnu uGumede ngalezi zinsolo uvele washaya ngezimfushane wase ecela ukuba intatheli ibonane naye ubuso nobuso ukuze ayenekele kahle lonke udaba.
Uqale waphika ukuthi uzodiliza abasebenzi ngoLwesihlanu ngoba bejoyine inyunyana.
“Ngamanga aluhlaza lawo ashiwoyo futhi yihlazo lelo elishiwo ngami nenkampani yami. Ngifuna ungitshele ukuthi ngobani laba abafafaza amanga ngami. Akukho msebenzi ozodilizwa. Futhi bonke abasebenzi bami baqashwe ngokugcwele,” kusho uMnu uGumede.
UMnu Gumede uqhuba uthi: “Ngicela ungabhali lutho oluzothinta igama lami nenkampani yami singabonananga ubuso nobuso. Ngale kwalokho sizojahana kanti angithandi ukujahana nawe,” kusonga uMnu uGumede.
Kuthe uma uMnu uGumede ebuzwa ukuthi uqonde ukujahana okunhloboni wathi lokho kuzocaca uma intatheli iqhubeka ngenkani ukubhala udaba.
“Mina engikwaziyo abantu abazodilizwa ngabasebenzi ebengibasayindise izinkontileka zezinyanga eziyisithupha. Futhi ngamanga ukuthi abasebenzi abavunyelwe ukujoyina inyunyana ngoba bonke bajoyine iSATAWU,” kuqhuba uMnu uGumede ngaphambi kokuvala ucingo lwakhe engasayiphendulanga yonke imibuzo.
Yize uMnu uGumede ekuchithile ukuthi kusukela ngoLwesine kuya kuLwesihlanu uzoxosha bonke abasebenzi bakhe abajoyine inyunyana iSATAWU, uMnu uNgcobo ukuqinisekisile ukuthi nangempela ugcine ebaxoshile. “Usinikeze i-R1000 umuntu emunye wathi asizibonele umsebenzi usuphelile. Uma sikhala wathi yena ukhulumule nenyunyana yethu ngakho asibonane nayo, Okubuhlungu nabo abaholi benyunyana yethu basilahlise okwenyongo yenyathi njengoba besijikele ebusuku bathi ngeke beseza ukuzoxoxisana noMnu uGumede ngoba kuzobe kukhona nabezindaba. Bathe kungcono sixhumane nobuholi besifundazwe ngoba udaba selungaphezu kwabo,” kuphetha uMnu uNgcobo.
“UMnu uGumede yena uthe singathatha noma yiziphi izinyathelo yena akasajiki esinqumweni sakhe sokusixosha emsebenzini,” kusho uMnu uMadida.