Ukutshoda kukaDkt uNzimande


Umholi owabe eyisihlangu sikaZuma ungaphansi kwengcindezi yokubhekana nolaka lwabafundi. Kanti kukhona abathi leli yitulo lokuqhubukusha amaKhomanisi kuHulumeni
ESIKHATHINI esedlule ubaziwa njengomholi obukhali nokwaziyo ukumela into ayishoyo. Ubengubuso benhlangano yakhe kanye nemikhankaso kalowo onguMengameli wezwe uMhlonishwa uZuma. Lowo nguMhlonishwa uBonginkosi ‘Blade’ Nzimande, onguNgqogqoshe weMfundo ePhakeme nonguNobhala wamaKhomanisi aseNingizimu Afrika (SACP). UNzimande onkaba yakhe iKwaZulu-Natal ubhekene nengcindezi emangalisayo ngenxa yodaba oluthinta abafundi bakwaNqondonkulu kuzwelonke. Kwabanye lesi simo sesimenze waba buthuntu kanti nezimbangi zakhe sezibukeka sezithole inxeba.
Lo mholi waduma kakhulu njengomunye owabe esekhaleni “ezimpini zikaZuma” ngesikhathi eshoshela ekubeni nguMengameli we-African National Congress (ANC) kanye nokuba uMengameli wezwe. Ehlangene noMnu uZwelinzima Vavi kanye noMnu uJulius Malema ngaleso sikhathi babedudula kwasani eyabe imi endleleni kaZuma.
UMphephethe (abakwaNzimande) wayengomunye wabaholi ababenombono wokuthi uZuma uboshelwa amanqina enyathi ngabathile, okubalwa kubo nalowo owabe enguMengameli we-ANC uMnu uThabo Mbeki. Ukungaboni ngaso linye phakathi kukaDkt uNzimande noMbeki akuyona inganekwane kepha bekuzwakala ngisho labaholi bejikijelana ngamazwi nalapho begigiyelana esidlangalaleni. Ngonyaka wezi-2012 uMbeki wanyakazisa isidleke seminyovu lapho ekhala ngokuswelakala koholo kuHulumeni owabe uphethwe nguZuma. Esethulweni ayesenza esifundweni ngeMpilo kaMnu u-Oliver Tambo eFort Hare uMbeki wathi: “Ngidabuka futhi ngikhathazeke kakhulu ukuthi leli zwe lethu liya ngokuya lilahlekelwa ukuthi liqonde kuphi, nokuthi sivumela ukuholelwa oPhathe.”
Akuphelanga sikhathi esingakanani wabe esephindisela uDkt uNzimande kuMzizi (abakwaMbeki). Lapha uMphephethe wavikela uHulumeni kaZuma wathi ngeke bona bafundiswe ngumuntu owabe ephika ukuba khona kwesifo sengculazi ebe engumholi. “Akukho muntu ongasifundisa ngokuphatha izwe ebe ephike ukuthi izinkulungwane ngezinkulngwane zabantu sezibulelwe ingculazi.” Waqhubeka wathi, imncisha umoya indaba yokuthi owayenguMengameli owayengavumi ukuthi isifo sengculazi siyabulala.
Akagcinanaga lapha uNzimande ngoba wathi uMbeki kanye nalowo owabe enguNgqongqoshe kuKhambinethi lakhe manje osengumholi weCongress of the People (Cope), uMnu uMosiuoa Lekota banomlando ‘oshiya imibuzo eminingi’.
Khona lapho uDkt uNzimande osebe nguNobhala wamaKhomanisi kusuka ngowe-1998 uyatuswa ngokwanda kwabalandeli baleli qembu. Uyatuswa futhi ngokukwazi ukwenza leli qembu libe nezwi nakuHulumeni oholwa yi-ANC. Ngaphansi kobuholi bakhe abaholi abangamaKhomanisi bakwazile ukuba sezikhundleni eziphezulu nokuyinto eyagcina ngezikhathi zikaMandela lapho abaholi abafana noJoe Slovo babeyingxenye kaHulumeni. Namuhla iningi labaholi bamaKhomanisi bayingxenye kaHulumeni, lapha kubalwa uMhlonishwa uSenzeni Zokwana, onguSihlalo wamaKhomanisi kuzwelonke kanye noNgqongqoshe Wezolimo, uMhlonishwa uThulasi Nxesi oyisekela likaZokwana kanye noNgqongqoshe Wezemisebenzi Yomphakathi. Isekela lakhe uDkt uNzimande, uMhlonishwa uJeremy Cronin uyisekela likaNqgongqoshe Wezokuthutha, amalungu asesigungwini esiphezulu kuSACP, uMhlonishwa uRob Davies yena onguNgqogqoshe Wezohwebo Nezimboni kuthi uMhlonishwa uJeff Hadebe abe nguNgqogqoshe eHhovisi likaMengameli kanti uMhlonishwa uBhuti Manamela yena uyisekela lakhe. Abanye abasezikhundleni eziphezulu ngoMhlonishwa uWillies Mchunu (uNdunankulu kwaZulu-Natal), uMhlonishwa uLechesa Tsenoli (oyiSekela likaSomlomo ePhalamende). Konke lokhu kukhomba amandla nempumelelo abe nayo uNzimande kule minyaka ephethe.
Nokho kulezi zinsuku kubukeka la mandla kanye nempumelelo yakhe kungase kubune uma izinto ziqhubeka ngendlela ezenzeka ngayo odabeni lwezimfuno zabafundi. Lokhu kugqame bha ekuqaleni kwesonto lapho uDkt uNzimande ebize isithangami sabezindaba nayilapho ebekhipha khona umlayelo odabeni oluthinta izikhalo zabafundi ngokwenyuka kwemali yokufunda kwaNgqondonkulu. Ngokuphazima kweso ethe imali izokhuphuka ingedluli kumaphesenti ayisi-8, Izinhlangano zabafundi kulo lonke leli ziphikisene nalokhu kwanemibhikisho kuzwelonke.
Kwezinye izingxenye zezwe kube nokubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kwabafundi kanye nabezokuphepha. Kwezinye izingxenye zezwe njengaKwaZulu-Natal abafundi bagcwale imigwaqo bekhala ngemfundo yamahhala.
Yize kukhona ukwamukela ukuthi isimemezelo sikaDkt uNzimande kukhona lapho samukeleka khona njengoba sithe abafundi abanabazali abahola imali engedluli kwezingama-R600 000 ngonyaka kanye nalabo abalekelelwa yisikhwama sikahulumeni i-National Student’s Financial Aid Scheme, abafundi nezinhlangano zabo kabezwa lutho. Bathi, uDkt uNzimande uyikake lapho ingalele ngakhona. Kuphela isonto nje kwezinye izingxenye kume nse ukufunda kanti umuntu osolwa ngabafundi nguNzimande.
Umhlaziyi wezepolitiki ozinze e-Nyuvesi YaKwaZulu-Natali, uMnu uZakhele Ndlovu uthe lokhu okwenzekayo kwaNqondonkulu kwenza abafundi baphume noDkt uNzimande iqhubu ngoba nguye osephenduke ubuso balabo abaphikisana nemfundo yamahhala, ngokwabafundi.
“Okububuhlungu wukuthi lokhu uDkt uNzimande akushoyo yimpendulo kaHulumeni, hhayi eyakhe siqu kepha kubafundi lokhu akuthi shu. Bona babona eyisithiyo kulokhu abakufuna manje,” kusho uNdlovu.
Uqhube wathi, lokhu kungaba nemiphumela engemihle kuye ngaphakathi ezinhlakeni zamadlelandawonye ngoba kuyomenza abe nyamanambana kwabanye ikakhulukazi entsheni. UNdlovu uqhube wathi kubonakala sengathi ngesimemezelo sakhe uMphephethe uyikake lapho ingalele khona ngoba abafundi bafuna okunye yena usho okunye.
“Impendulo kaDkt uNzimande kulolu daba ibukeka iphambene nalokhu okufunwa nokukhunywa ngabafundi. Umzabalazo wabafundi ubukeka usukwesinye isigaba. Kabasakhulumi ngokwehla kepha sebekhuluma ngemfundo yamahhala okuyizinto ezimbili ezahlukene. Kanti futhi uDkt uNzimande uqhamuke nekhambi elingaba yingozi ngomuso ngoba uma ethi uHulumeni uzokwenzelela labo abalekelelwa ngaphansi kohlelo leNASFAS akasho ukuthi ubephula umthwalo ngoba isikweletu lesi abanika sona asipheli, njengoba uxhaso lolu luyimbolekomali. Ngakolunye uhlangothi abafundi bathi abanamali manje kanti kabasifuni isikweletu ngomuso.”
UDkt uSomadoda Fikeni uthe, yize kukhona abambona engumuntu omubi uDkt uNzimande kulokhu iqiniso lithi uyisithunywa sikaKhongolose ngoba phela yiwo othe uHulumeni akanamali, hhayi uDkt uNzimande. Yena ukhuluma njengoNgqongqoshe Wezemfundo egameni likaHulumeni waseNingizimu Afrika. Khona lapho uthe lokhu kokuthi ahlaselwe wuPhiko lweNtsha ye-ANC akunasisindo ngakwezepolitiki.
“Mhlawumbe ukube intsha kaKhongolose ihlale imi eqinisweni ngabe kunesisindo. Umlando uyakuveza ukuthi ayikaze imeseke uDkt uNzimande. Iyamhlasela uma ethule, imhlasele ngisho esho okuthile. Ngicabanga ukuthi ukuphawula kwayo kuzothathwa njengesinye nje isigameko lapho izinhlangothi ezingafunani zigadlana khona,” kusho uDkt uFikeni.
Kanti omunye umhlaziyi uDkt uMngomezulu yena uthe lokhu okwenzekayo kakukuhle: “Kuningi okwenzekayo lapha. Okokuqala kuyacaca ukuthi kunabantu abagovuza abafundi. Laba ngabantu abanezinhloso zabo zepolitiki. Okwesibili, kuyishwa ukuthi enye ingxenye yabafundi kayizihluphi ngokufunda noma ukuqonda kabanzi ukuthi uMphephethe ubethini esitatimendeni asikhiphile. Uma usifunda uyathola ukuthi obekushiwo yisiphakamiso sesikhashana, ngalesi sikhathi uHulumeni esahlanganisa amasu okubhekana nalesi simo. Kanti futhi okunye lokhu kwenziwa ngenhloso yokuvikela abafundi abangekho esimweni esihle sokukhokha,” kusho uDlakadla.
Uphethe ngokuthi kulolu daba kukhona abalusebenzisa ukududula oNgqongqoshe abangamalungu eSACP ngaphandle kukaHulumeni.
“Kulaba bantu kukhona abafafaza imfundisoze ethi lokhu okwenzekayo kwenziwa ngumuntu othize (uDkt uNzimande) hhayi uHulumeni. Lolu wuhlelo olubanzi lokunyundela hhayi uDkt uNzimande kuphela kepha bonke labo abangoNgqongqoshe abangamaKhomanisi,” kuphetha uDlakadla.