Kuthibelene izingwevu kuKhongolose ngesimo esikhona
Umakadebona onguMengameli uZuma ubhekene nabalingana naye asebembona njengehlazo nentothoviyane enukayo
KUNOMA yiliphi iqembu amalungu angomakade ebona noma izingwevu ayahlonishwa. Iziyalo zawo zithathelwa phezulu ngoba asuke ‘eseyidlozi’ lenhlangano, abaxhumanisi bezolo nenamuhla. Laba ngabantu okusuke kukholelwa futhi kulindeleke ukuthi bangabi yingxenye yokuklwebhana kwangaphakathi ngoba bayinomfi okumele ihlale isetshenziswa nxa iqembu lelo libhekana nezingqinamba.
Iqembu elibusayo nelidala kunawo wonke eNingizimu Afrika ayelwela inkululeko, i-African National Congress (ANC) libhekene nengwadla. Isimo lapha sikhomba ukuthi uqhekeko nokungaboni ngasolinye kuholwa yizo izingwevu qobo. Muva nje izingwevu ezili-101 ze-ANC ezibandakanya uMnu u-Ahmed Kathrada, uMnu uMavuso Msimang, uMahluleli uZak Yacoob kanye noMnu uRonnie Kasrils ziphumele obala zasola enye yezingwevu enguMengameli wezwe noweqembu, uMnu uJacob Zuma ngokungenzi kahle, bamxusa ukuthi akahoxe esikhundleni. Akuphelanga sikhathi esingakanani enye ingwevu nehola uPhiko Lwezingwevu ezabe zisembuthweni wempi we-ANC uMkhonto Wesizwe, uMnu uKebby Maphatsoe naye wagadla kozakwabo abali-101 ebasola ngesenzo sabo sokusola uMengameli uZuma.
Khona lapho enye ingwevu eyake yaba nguMengameli weze kanye neqembu, uMnu uThabo Mbeki ubhale incwadi ngehloso yokweluleka uzakwabo uMnu uZuma nobekuyinto esimweni esejwayelekile engenayo inkinga. Nokho kulokhu le ncwadi eputshukele abezindaba ibe isisetshenziswa, yaba yisikhali kubantu abehlukene. Kwabanye incwadi kaMbeki ifakazela ukuthi “nembala likhona itulo lokuhlambalaza nokukhipha uMsholozi”. Lokhu bathi kufakazelwa wukuputshuzelwa abezindaba incwadi obekuthiwa ngeqondene noMsholozi.
Kanti ngakolunye uhlangothi kukhona abathi okuqukethwe yincwadi kaMzizi kuwubufakazi bokuthi okaMatomela usehlehlelwe zikhuni ngakho akahambe. Naye uMzizi luqobo ngomlomo wenhlangano yakhe iThabo Mbeki Foundation, imeluleka ukuba uMsholozi anganaki ukuthi iputshukile incwadi bese engawubheki umongo wayo ngoba nxa enze njalo uyobe ugeje umgodi.
Lesi simo kasejwayelekile ku-ANC kanti futhi sibukeka singase siwundule umlando wayo weminyaka eli-104 yokulwela inkululeko. Isimo sibukeka sisazoshuba njengoba kuzoyiwa okhethweni nje kanti lokhu kulindeleke ukuba kwenzeke kuzo zonke izinhlaka zeqembu njengoba ukhetho lwabaholi abasha luzoqala kuzo.
Kulishwa ukuthi njengoba konakele ngakuzo izingwevu nje izinhlaka eziphansi kanye nabantu abasebancane eqejini bazophoqeleka ukuba bakhethe ukuthi bahamba nobani. Esikhathini lapho abalingani onabo bengakunyusela emadlelweni aluhlaza noma bakuyise endlaleni, akwaziwa ukuthi iyozala nkomoni.