Now Reading
Okwenze i-ANC yashiya uMotsoeneng esibakabakeni
Dark Light

Okwenze i-ANC yashiya uMotsoeneng esibakabakeni

Isikhathi eside uSABC ububukwa njengempaka ye-ANC kepha namuhla itshe seligaya ngomunye umhlathi

 

IZINKULUMO zokuxhashazwa noma ukusetshenziswa kweSuid-Afrikaanse Uitsaaikorporasie (SAUK) nesidume ngeSouth African Broadcasting Corperation (SABC) akusiyo into entsha. Ngezikhathi zoMbuso woBandlululo le nhlangano yakhelwe isizathu esithize; leso sokusakazela umphakathi waseNingizimu Afrika lokho okuthandwa nokujutshwe nguHulumeni. Imigomo yabe yakhiwele esisekelweni senhlangano yongqondongqondo be-Afrikaner Boerderbond okuyiyo ngaleso sikhathi eyabe iyihawu nobhoko lesizwe samaBhunu ayethathe umbuso emaNgisini ngonyaka we-1948.  Ukuqinisekisa ukuthi umlayezo kaHulumeni kawugcini nje ezakhamizini ezilidlanzana labamhlophe uSABC waqhamuka nohlelo lokwakha iziteshi zemisakazo ezizosakazela aboHlanga ngezilimi zabo.

Nxa ukuthi wawungathi lokhu kwakwenziwa ngoba iziphathimandla zinendaba naboHlanga kanti phinde kwakusaqhutshwa lona ubandlululo nokusebenza izingqondo zabo aboHlanga. Nembala le misakazo eyabe ingaphansi kweSABC yenza lukhulu ukwakha isithombe esingeyiso sokuthi ‘konke eNingizimu Afrika kuhamba kahle’ ngoba uHulumeni uyabahlinzekela naboHlanga ngolwazi.

Ngenxa yalo mlando kuthe noma sekufika umbuso omusha wentando yabantu kwakhona ukuqaphela ukuthi ngabe le nhlangano yezokusakaza iphathwa kanjani nokuthi isakaza kanjani. Konke kuqale kahle ngoba wonke umuntu wabe enephupho, ikakhulukazi eqenjini elisha elibusayo kanye neningi lezakhamizi, lokuthi le nhlangano engeyomphakathi waseNingizimu Afrika iyoqikelela ukuthi  isiyaba bandakanya naboHlanga ekucatshangweni, ekwakhiweni nasekusakazeni izinhlelo.

Yize kunjalo bekukhona ukukhuluma kwabathize ngaphakathi nangaphandle kwale nhlangano abebenomuzwa wokuthi okwenzeka kuyo kusuka ngonyaka we-1994 akwehlukile kunalokho okwabe kugilwa ngiHulumeni wobandlululo.

Lapha abantu babenuka i-African National Congress (ANC) ngokuthi yenza le nhlangano impaka yayo nokwenza ibike ngokwenzelela. Bayinuka i-ANC ngesikhathi saloyo owayenguMengameli uMnu uThabo Mbeki ngokufaka izethenjwa zayo ezifana noMnu uSnuki Zikalala naye owayenukwa ngalokhu uMnu uHlaudi Motsoeneng anukwa ngakho namuhla.

Unyaka wovuthondaba

Ingcindezi nokugxekwa kweSABC ngokusetshenziswa njengethuluzi ngosopolitiki kuvele kakhulu ngeminyaka yowezi-2005 nayilapho kwakudlange khona ‘izimpi’ zikaMnu uMbeki noMnu uZuma. Lapha le nhlangano yasolwa, ikakhulukazi uphiko lwezindaba, ngokweseka uMnu uMbeki nokwakuthiwa uhlelo lwabe luqhutshwa nguZikalala. Lwasolwa lolu phiko  ngokungavezi imifanekiso  yalowo owabe eliPhini likaMengameli uNkk uPhumzile Mlambo-Ngcuka owabe ehhahhanyezwa wuPhiko Lwentsha Ye-ANC, uVukayibambe, olwabe luhambisana noMnu uJacob Zuma.  Kulolu daba uphiko lwezindaba lwakaSABC lwasenga ezimithiyo ukuthi ngenkathi kwenzeka lokhu intatheli yalo yabe inganakile  nokwavela ekugcineni ukuthi lokho akulona iqiniso. Wabuye wagila iziga uZikalala ngesikhathi akha uhlu  lwabahlaziyi ayethi abangasetshensizwa ezinhlelweni ngoba bagxibha uKhongolose.  Lokhu kwadalulwa yintatheli emkantshubomvu eyayisebenza kwaSABC uMnu uJohn Perlman.

Ngawo futhi unyaka  wezi-2006 le nhlangano yagxekwa kakhulu kuleli nangabe-International Freedom of Expression Exchange neyakhipha isexwayiso sokuthi i-SABC isiyaphuma emgqeni njengoba isihlunga izinto okumele zisakazwe ikwenza lokho ngokwenzelela. Akugcinanga lapho ngoba ne i-International Federation of Journalist nayo yenza okufanayo Lapha okwabe kubangwa yidokhumentari eyabe ikhuluma ngoMengameli uThabo Mbeki.  UMnu uHlaudi Motsoeneng naye kubukeka aqhubeka lapho kugcine khona uZikalala ngoba naye wabe esenukwa ekufuqeni imibono ehambisana noMengameli uZuma owabe esethathe izintambo kuMengameli uMbeki. Okwalandela lapho ngoMotsoeneng sekungumlamdo njengoba esesemanzini abilayo nje.

Namuhla i-ANC eyabe ivikela iBhodi leSABC nezinye zezisebenzi isiziqhelelanisa okokugcina noMnu uMotsoeneng kanye neBhodi lakwaSABC. Kwabaningi sekungathi yiphupho ukuthi uKhongolose uvumelana namaqembu aphikisayo ePhalamende odabeni lokuchitha iBhodi kanye nasekushayeni amakhala ngodaba oluthinta uMotsoeneng.

Okungaba yizizathu

Umbuzo ovelayo othi; yini eyenze uKhongolose ushaye ungqimphothwe kulokhu. Okuseqhulwini wukuthi udaba lweSABC lufike ngesikhathi esibi ku-ANC lapho isazinuka khona amakhwapha emuva kokwehlulwa okhethweni loHulumeni bezindawo.

See Also

Okutholakele nokukhathaza leli qembu wukuthi abavoti balisola ngokungenzi lutho ngemibiko yenkohlakalo nokwenza amaqembu aphikisayo angene ngenxeba. Bekuzoba lukhuni ku-ANC uma bethi bama neSABC ngoba amaqembu aphikisayo njengoba enza kwelaseNkandla udaba abezokwakha umbimbi olungagcina lingumkhankaso wokhetho oluzayo njengoba kube njalo ngeNkandla.

Akukhona ukuthi leli qembu lifuna ukuziqhelelanisa nabantu kuphela kepha nanenkolelo ethi iSABC ilawulwa yi-ANC lokho abaholi bale nhlangano babone kungabamisa kabi njengoba bese kubafanisa noHulumeni wobandlulo.

Ngamafuphi ukulahlwa kukaMotsoengeng njengenyongo yenyathi akulona iphutha kepha izigemegeme zakamuva ziphoqa i-ANC ukuthi ibonakale yenza okuthile “ngenkohlakalo” eyenzeka kuHulumeni nasezinhlakeni zakhe. Kanti okunye okusobala wukuthi ngokugadla kuMotsoeneng, i-ANC ibizama ukwenza isiqiniseko sokuthi isicoco sokulungisa izinto kwaSABC asigqokwa ngamaqembu aphikisayo njengoba kwenzeka ngeNkandla.

Lokhu kukodwa kuqinisekisa khona ukuthi njengoba kwakunjalo ngezikhathi zobandlululo, izindaba ezithinta iSABC zisanenhlese yepolitiki ngoba vele nayo isakhiwo sayo yipolitiki.

Scroll To Top