Now Reading
UMengameli wezwe useyisisusa soteku
Dark Light

UMengameli wezwe useyisisusa soteku

Akuyona imfihlo ukuthi selokhu kwathi nhlo loyo onguMengameli wakuleli uMhlonishwa uJacob Zuma ube nyamana mbana emaqenjini aphikisayo

 

Empeleni lokhu kuqale ziwela uMaliyethe embangweni naloyo owayenguMengameliwezwe uMhlonishwa uThabo Mbeki. Ngaleso sikhathi amaqembu aphikisayo abeshaya amakhala ukuthi konje kungenzeka kanjani ukuthi umuntu ayemthatha njenge ‘qola’ abe nguMengameli wezwe. Abaholi abafana noMhlonishwa uHellen Zille, Lindiwe Mazibuko baduma ngakho lokho ukude bezingcofela kuMengameli bemsola cishe ngakho konke okubi okwenzeka ezweni. Amacala ayemembethe uMengameli wezwe, afana nalelo elalithinta ubuhlobo bakhe nosomabhizini waseThekwini uMnumzane Shabbir Shaik owatholakala enecala lenkohlakalo kanye nalelo elalibucayi lokusolwa ngodlwengula enza kwalula ukuba ahlaseleke uMhlonishwa uZuma.

Lokhu kuba ngumzondwase kukaNxamalala kugqame nangesikhathi sokukhankasela ukhetho olubekhona ngonyaka owedlule ngo-Nhlaba. Lapha amaqembu aphikisayo bekungathi aqome ukuhlukanisa uMhlonishwa uZuma neqembu lakhe ngoba abenaye shaqa amanye aze akhohlwe nawukuphawula ngezimbangi okuyiqembu lakhe uZuma.  Okubukeka kumngenisele amanzi endlini uMhlonishwa uZuma  ngumbiko okhishwe yiloyo ongumvikeli woMphakathi uNksz Thuli Mandonsela.  Embikweni wakhe owawusihloko sithi Secure in Comfort,  uMvikeli woMphakathi, yize engaqondanga ngqo, kepha wasakha isithombe sokuthi  yize kungenzeka ukuthi ngabanye abenzayo (inkohlakalo) kepha uMengameli wezwe naye angasolwa ngokuthi akukwazi ukuthi abantu bakhe umuzi wakho baze bayowuqeda ungenalo ulwazi lwalokho abakwenzayo. Kuwo futhi lo mbiko wancoma ukuba uMengameli akhokhe ingxenye ethize yemali eyasetshenziswa ezintweni ezingehlonzwe ngokuthi ziphathelene nezokuphepha.

Lo mbiko wenza amaqembu aphikisayo awela ngelibanzi ngoba wabe sewuba yisikhali agadla ngaso kuze kube yinamuhla. Into ebiyinoni nebisebenzela i-Democratic Alliance ( DA), yokugadla kuMengameli  sekubukeka isithathwe ngabe Economic Freedom Fighters. Leli qembu elingene okokuqala ePhalamemde ngonyaka owedlule kalifihli ukuthi linoMengameli shaqa esitikini.  Lokhu kufakazelwe nawumkhankaso eliwuqale ngoNcwaba 2014 lapho lithi uMengameli makakhokhe imali ( pay back the money).  Lo mkhankaso wenze lukhulu ekuphakamiseni igama le EFF  ngoba uke waze waguqisa nokuhlala kwePhalamende waphazamisa nenkulumo ngqangi kaMengameli.  Ngokuqhuba lo mkhankaso i-EFF izithole isiba sematheni kuleli nangaphandle. Akubukeki futhi lokhu izokuyeka ngoba okwamanje ( ukugadla kuMsholozi) kuyayizuzisa kakhulu, empeleni sekwakhe isithombe sokuthi yiyo eyiqembu elikhulu kwaphikisayo. Enye inhlangano engomakoti ePhalamende i-Agang SA nayo yathi ngeke isale ngaphandle. I- Agang  yafaka emaphepheni ePhalamende iphuzu lokuthi ake kuxoxwe kuphindwe kuvotwe ngokuthi uMengameli umsebenzi umehlulile nokho okwathi sekufanele udaba ludingidwe yabe isisihoxisa lesi siphakamiso.

Iqede yenza njalo i-Agang   (ukuhoxisa) yalucosha udaba i-DA kwase kuba yiyo ehola inkulumo-mpikiswano njengoba kube njalo ngo-Lwesibili.  I-DA kubukeka ingaphansi kwegcindezi yokuthi ingasali emuva igqitshwe ngomafikizolo abayi EFF.  Yikho kunele kuvele ithuba nje ilithathe.

See Also

Olunye udaba elubambe ngamabomu nefuna ukulusebenzisa nxa sekuyiwa okhethweni lwangonyaka ozayo lohulumeni bezindawo wudaba lwamakhasethi obunhloli eyawanikwa yinkantolo.            Okwamanje yiyonanto leliqembu elingathi ‘ngeyalo’ nelizofisa ukuyisebenzisa uma sekufike isikhathi esikahle sokhetho. Okuqaphelekayo kukho konke lokhu wukuthi izinhloso zamaqembu aphikisayo ziyefana, noma ngabe yi DA, EFF, AGANG noma yi-United Democratic Movement ( UDM), inhloso enkulu wukwakha isithombe sikaMengameli ongenamandla, oliqola, ongumkhohlisi nongenandaba nokwenzakalayo ezweni. Iningi lalawa maqembu alisayihlaseli i-ANC ngqo kepha selingena ngenxeba elinguMengameli wayo.

Lamaqembu yize akwenzayo kungeke kuphumelele evotini lasePhalamende ngenxa yobuningi bezinombolo ze-ANC, nokho kubukeka ekholelwa ukuthi iphalamende liyinkundla ekahle yokuhlasela ngoba yilapho umphakathi usuke uthe njo. Kubukeka onke esesithathile isinqumo sokuthi azoqinisa ukugadla kuZuma ngenhloso yokunyundela yena kanye neqembu lakhe kubavoti. Ngakho-ke ukuphoxwa kukaMengameli nokuba yisisusa soteku kwakhe ePhalamende nasemaphephandabeni  akuyona into ezophela maduze nje ngoba ukwenzeka kwakho kuyawasebenzela amaqembu aphikisayo. Empeleni lokhu esikubonayo kuseyisiqalo nje.

Scroll To Top