Now Reading
Inselelo ephonswa i-EPL kwamanye amaligi
Dark Light

Inselelo ephonswa i-EPL kwamanye amaligi

ILaLiga nakuba igabe ngabadlali abahlonishwayo emhlabeni ayiliboni elidlalayo kweyase-England

 

UKUNGACONSI phansi kwe-English Premier League (EPL) yase-England kubalandeli bebhola emhlabeni jikelele, nokuvezwa kwezibalo zababukeli zakamuva kushiya amanye amaligi amakhulu ahlonishwayo emhlabeni nomsebenzi omkhulu wokuvala igebe elibukeka livuleka minyaka yonke. ISpanish La Liga yaseSpain, iBundesliga yaseGermany neSerie A yase-Italy ngamanye amaligi ahlonishwayo futhi anabadlali abanamava angadinge kuchazwa ezingeni lo mhlaba.

ILa Liga ishaya ngezingqungqulu zamakilabhu okuyiBarcelona neReal Madrid. IBundesliga igadla kuzwakale ngeBayern Munchen neBorrusia Dortmund kanti i-Italian Serie A ishaya ngezinkunzi okuyiJuventus ne-Inter Milan ne-AC Milan ukubala ambalwa.

Ngokwemiphumela, iLa Liga kufanele ngabe iyona ezihola phambili kumaligi ngokubukelwa nangokuthandwa kwazise uLionel Messi wase-Argentina ogijima kuBarcelona osewine amahlandla amahlanu indondo yokuba ngumdlali ovelele emhlabeni jikelele iBallon d’Or. Kanjalo noChristiano Ronaldo odabuka ePortugal ogijima kuReal Madrid naye osewunqobe kathathu umklomelo ofanayo.

ILos Blancos okuyigama okuteketiswa ngalo iReal Madrid isisinqobe amahlandla ayi-11 isicoco se-Uefa Champions League. Empeleni iqophe umlando ngalokhu kwazise kalikho iqembu eselike lenza lokhu. IBarcelona eteketiswa ngelamaCatalans  isinqobe ese-Uefa Champions League amahlandla amahlanu.

ILa Liga isakazelwa emazweni angaphandle inkampani ebizwa ngeTelefónica okuyiyona enamalungelo ale midlalo. ISky Sports sisakazela e-United Kingdom kuthi inkampani ebizwa nge-IN Sports isakazela e-United States of America (USA), eCanada, eFrance naseMiddle East. I-Asia isakazelwa iKBSN Sports.

Ngokwenhlangano engamele ibhola e-Europe, i-Uefa, iLa Liga iyona ligi ehamba phambili emhlabeni jikelele kule minyaka emihlanu edlule kusuka ngowezi-2011. Le nhlangano iphinde iveze ukuthi amaqembu adlala kuLa Liga iwona asenqobe amahlandla amaningi iChampions League njengoba esiyinqobe amahlandla ali-18 kwase kuthi ese-Uefa Europa League asesinqobe amahlandla ayi-10. Akugcini lapho, i-Uefa iphinde iveze ukuthi isicoco somdlali ovelele emhlabeni iFIFA Ballon d’Or sesinqotshwe kakhulu eSpain njengoba kungamahlandla ayi-19.

ISerie A yaseNtaliyane ineminyaka engama-80 yasungulwa.  Le ligi ithathwa njengenye yamaligi anobuhlakani nahlonishwayo. ISerie A inomlando wamaqembu akwaze ukufinyelela  kweyamanqamu ye-Uefa amahlandla amaningi kunawo wonke amaligi emhlabeni. Ngokwe-Uefa, amaqembu adlala kuSerie A asefike kweyamanqamu kwengama-27 bese akwazi ukunqoba eyamanqamu eyi-12 kuphela.

I-EPL idlalwa ngamaqembu ayi-20 kanjalo ne-Italian Serie A. IGerman Bundesliga idlalwe ngayi-18. Nakuba iligi yamaJalimane kuyiyona enamaqembu amancane, kepha ihamba phambili ngokuba nemidlalo eba nezihlwele eziningi emhlabeni jikelele.

Ngokwezibalo awukho umdlalo kuBundesliga oba nababukeli abangaphansi kwezinkulungane ezingama-42,673. Kakugcini lapho kodwa isakazelwa emazweni angama-200. Nakuba wonke la maligi esebaliwe kuningi okuhle nokubambekayo ngawo kodwa i-EPL iqengqeleza phambili. E-England, iLiverpool iyona esanqobe kaningi isicoco se-Uefa Champions League ngokungamahlandla amahlanu. Ilandelwa iManchester United esisinqobe kathathu.

Nakuba iLa Liga ilivulile igebe ngokwezicoco zeChampions League, kepha i-EPL iyona ekhonyanyo ngokwezibukeli njengoba ibukwa emazweni angama-212 emhlabeni jikelele. Lokhu kusho ukuthi ibukwa imizi eyizigidi ezingama-643, okwenza izibalo zabantu ababuka le ligi zedlule kancane ezigidigidini ezi-4,7.

See Also

Okunye okwenza i-EPL igqame ukusakazwa kwayo. Ngonyaka kuvela ukuthi igaya imali eyizigidigidi ezi-2.2 ngokusakaza imidlalo yeligi engama-380 emhlabeni jikelele. Hleze okunye okunomthelela ekutheni i-EPL ihlabahlose kwamanye amaligi ukuthi izinkampani ezinkulu zabezindaba okuyiSky Sports neBBC ezisakaza imidlalo ngezakulona leliya lizwe. Kumanje i-EPL isakazwa i-21st Century Fox, iPremier League Productions esakazela e-United Kingdom (UK) nase-Asia, iFox Sports isakazele e-Australia, iStar Sports esakazela e-India, iSupersport esakazela eChina naseNingizimu Afrika.

ECanada basakazelwa iSportnet ngokubambisana neTSN bese kuthi e-United State of America (USA) besakazelwe yiNBC Sports. Maningi amanye amazwe asakazelwa izinkampani esesizibalile esingawadalulanga. Ngezimpelasonto kuhle ukuthi uzishintshashitshe iziteshi ubuke ibhola kula mazwe amane angenhla, hleze nempendulo uyithole yokuthi kungani ithandwe kangaka i-EPL.

Kuba nzima ukubuka iDeportivo La Coruna idlala neMalaga eSpain kwazise abadlali abanedumela kabekho kula maqembu okwenza umdlandla wokuwabukela unciphe. Kuliqiniso elingephikiswe ukuthi umhlaba jikelele wehlukana kabili uma kudlala izinkunzi zaseSpain okuyiReal Madrid neBarcelona – kepha kunzima ukubuka eminye imidlalo ngaphandle kwalezi zinkunzi eSpain. Lokhu kufakazelwa izicoco zeligi esezinqotshwe kaningi yilamaqembu omabili.

EGermany liyesekwa ibhola, ayikho inkundla ozwa kuyona abadlali behhewulana ngenxa yokushoda kwezihlwele. Okuhle ngeBundesliga ukuthi igoli liyashaywa njengoba ngokwezibalo kuvela ukuthi umdlalo ngamunye uba namagoli okungenani amathathu. Nakuba kunje khona kodwa nayo iBundesliga inenkinga efana ncamashi neyakuLa liga. Kuwumqansa ukubuka umdlalo khona uma kungadlali iBayern Munchen nezimbangi zayo iBorussia Dortmund.

E-England wudaba olwehlukile. Khona kulula ukubuka iSunderland idlala neWatford – nakuba kugqama ukuthi abadlali abathandwayo ababonwa kulama kilabhu. Lokhu kudalwa umgqigqo okudlalwa ngawo. Okunye okwenza kubelula ukubuka noma imuphi umdlalo ku-EPL ukuthi igebe emaqenjini aligqamile kakhulu. Izinga lokudlala licishe lifane, wonke amaqembu awazibeki phansi neze. Lokhu kufakaziselwa ukushintsha izandla kwenkomishi yeligi. Kusuka ngowezi-2010 kuhleze kuba nompetha omusha.

Scroll To Top