Now Reading
Iyelulamisa, inikeze ithemba iMDC kuleli
Dark Light

Iyelulamisa, inikeze ithemba iMDC kuleli

Kubukeka uzoba nezithelo ezinhle umqhudelwano wabeminyaka engaphansi kweli-19

 

EMINYAKENI eminingi edlule amaqembu esizwe aseNingizimu Afrika namaqembu adlala kuPremier Soccer League (PSL) alahlekelwe abadlali abaningi abasebancane nabanamakhono ngezindlela eziningi.

Amaqembu amakhulu afana neMamelodi Sundowns, i-Orlando Pirates, iKaizer Chiefs, iSuperSport United namanye agcina esayinise abadlali abaningi, abaningi babo abangabokufika bezama ukuqinisa amaqembu abo. Ngaphandle kokuthi lesi simo sejwayele ukudida abaqeqeshi, behluleke ukusebenza neqembu elakhiwe ngabadlali abaningi, abadlali abancane bakuleli bavaleleka ngaphandle. Kwesinye isikhathi abanye bagcine bebolekiswe kwamanye amaqembu noma esinye isisombululo kube ukubaxosha noma badayiswe. Abaningi bagcina sebeyekile ukudlala ngezizathu eziningi, ezinjengokuthi kusuke sekulindeleke ukuthi bashiye amakhaya bashiye ezikoleni kanye nothando nje lwamaqembu abo abasuke becabanga ukuthi bazokhulela kuwo.

Okuqaphelekayo wukuthi ukufika kweMultiChoice diski Challenge ngowe-2014, kusize kakhulu abadlali abancane abebehlale bephoswa emgqomeni kungafanele, okuyinto egcina ilahlekisele abadlali ithuba lokukhula ebholeni. Lo mqhudelwano udlalwa ngabadlali bamaqembu kaPSL ali-16 abaneminyaka engaphansi kweli-19 nalabo abangalitholi ijezi eqenjini elikhulu. Lokhu kunikeza abadlali abancane ithuba lokukhula kuthi labo abangalitholi ijezi kwesikhulu kanye nalabo akade belimele bathole ithuba lokulungisa amaphutha abo. Yilelo nalelo qembu elidlala kuPSL limelwe kulo mqhudelwano, onelikhulu isasasa leli.

Selokhu lo mqhudelwano usunguliwe sewuwasize kakhulu amakilabhu adlala kuPSL ukubona ukuthi yibaphi abadlali asebekulungele ukudlala eqenjini elikhulu. Phambilini bekuba nezikhathi lapho umdlali bekumthatha isikhathi eside ukujwayela ukwenza okufanele  uma  ethuke wenyuselwa kwesikhulu. Ubefike axakeke ngenxa yokuthi emazingeni aphansi abedlala kuwo bekungekho ukuncintisana okusezingeni eliphezulu. Lo mqhudelwano iMDC unikeza abadlali ithuba lokulingisa okulindelekile kubo uma sebedlala kwelikhulu. Kanjalo laba badlali abasebancane bathola ithuba lokubukwa yizinkulungwane zabantu nokuvela kumabonakude.

Lokhu kubanikeza amava  anele okumelana nezingqinamba zesigaba esikhulu, iPSL. Izithelo ezinhle zalo mqhudelwano zibonakale ngenkathi uMenzi Masuku owayedlala eqenjini leMDC le-Orlando Pirates manje oseyibambe kuChippa United, engena khaxa kwelikhulu leziMnyama. Ubengomunye wezihlabani ezikade zimele elakuleli kuma-Olympics abeseRio de Janeiro, eBrazil. Kanjalo nakuGolden Arrows, lowo obengukaputeni weqembu uSibusiso Sibeko ungene khaxa eqenjini elikhulu. UPercy Tau kuMasandawana usebalwa njengabadlali okwethenjelwe kubo  njengoba efika nje kwelikhulu evela kweleMDC. Baningi nabanye asebebonakele futhi lesi sibalo sisazokwanda. Lokhu kwenza umsebenzi wabadlali nabaqeqeshi ube lula ngoba basuke beyazi inqubo yeqembu kanye nesimo sendawo abasejwayele.

Akubuzwa ukuthi iMultiChoice Diski Challenge yiyona ebambe elikhulu iqhaza ekubolekisweni kukaLiam Jordan weBidvest Wits kuSporting Lisbon yasePortugal. Nyakenye lo mdlali oneminyaka yobudala eli-18 uqokwe yiphephandaba lase-England njengomunye  abanethalente emhlabeni jikelele   kwabangama-50 abazalwe ngowe-1998.

Okunye okuqaphelekayo ngalo mqhudelwano osunguleke ngokuthi abakwaMultiChoice basayinde isivumelwano sokusebenzisana nePSL,  ukuthi namaqembu athathwa njengamancane asevuke azithatha aqinisa izinkulisa zawo.

Ubufakazi balokhu wukuthi selokhu lo mqhudelwano usunguliwe usanqotshwe i-University of Pretoria (Tuks) neGolden Arrows.

AmaTuks ashaya izinyoni ezimbili ngalo mqhudelwano njengoba enika ithuba abadlali bawo abadlala ku-University Sports South Africa (USSA) nakuVarsity Sports amava okuncintisana namaqembu afana neChiefs, iSundowns, iPirates namanye adlala kuPSL.

See Also

Ukungabi namali kwathathwa njengamancane yokuthenga abadlali kubukeka kungeseyona inkinga ngenxa yokuthi abaqeqeshi sebekwazi ukudonsa esibayeni. Abaqeqeshi nezikhulu zamaqembu sezikwehlisile ukusheshe zibolekise noma zidayise abadlali ngoba nakhu behlelwe ifomu.

Abadlali abeke behlelwa ifomu esibabone beyibuyisa ngokudlaliswa kuMultiChoice Diski Challenge oMabhuti Khenyeza owayedlala kuLamontville Golden Arrows osekumaZulu FC, uJosta Dladla noBrilliant Khuzwayo beChiefs, uSiyabonga Xulu odlala kule midlalo kule sizini nabanye abaningi.

Maningi amathuba okuthi ngabe abaliyekanga ibhola beseneminyaka yobudala emincane ukuba bese ikhona iMultiChice Diski Challenge abadlali abafana noPhumudzo Manenzhe owakhiqizwa iBucs, uMark Haskins owaduma kuJomo Cosmos nakuMoroka Swallows, uGabriel Mofukeng awadlala ku-Ajax Cape Town naku-Ajax Armsterdam nakuFC AK ukubala abambalwa.

Lo mqhudelwano uzophinde usize nokukhulisa ulwazi lwabaqeqeshi kanye nokwandisa isibalo sabaqeqeshi abavuthiwe kuleli. Umncintiswano ungowezinga eliphezulu kangangoba kudingeka abaqeqeshi abalwaziyo udaba lwabo. Uqala nje lo mqhudelwano nonyaka kubonakale iqembu leBucs, eseliqeqeshwa uZipho Dlangalala linomehluko omkhulu kulelo langonyaka owedlule. Kwayena owe-Arrows ngowedlule umangaze abaningi ekhala emuka nendebe kungazelele muntu.

Isizini yalo nyaka iqale ngelikhulu isasasa. Zitholane kwancane indawo eKing Zwelithini Stadium njengoba uzobona ngemiphumela engezansi.

  • IFree State Stars ama-2  iPolokwane City eli-1;
  • IMamelodi Sundowns i-0 i-Orlando Pirates eli-1;
  • IBaroka FC i-0 kanti i-Ajax Cape Town ama-4;
  • IChippa United eli-1 kuthi  iPlatinum Stars i-0;
  • IMaritzburg United eli-1 neHighlands Park kwaba eli-1;
  • IBidVest Wits ama-4 iKaizer Chiefs kwaba-0;
  • IBloemfontein Celtic neGolden Arrows eli-1 ndawo zombili;
  • ICape Town City eli-1 kwathi iSuperSport United kwaba li-0.
Scroll To Top