INorth Korea ibabambe lapho bebancane khona


Bekuyiqhingasu elidala leNorth Korea ukwenza amazwe aseNtshonalanga alinake aphinde alale obenyoni
EMNDENINI kuyenzeka kube nengane ehlala ihlale ifune ukunakwa ngabazali nomndeni. Le ngane cishe yenza konke ukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uyayinaka, lokhu ikwenza ngokwenza izinto ezithile ezizonenga amalungu omndeni. Nase mazweni omhlaba sikhona isimo esinjalo esithinta izwe iNorth Korea nomhloli walo uKim Jong Un. Leli lizwe eliholwa ngenqubo yobukhomanisi liyinkukhu nempaka nezwe elingumakhelwane walo iSouth Korea kanye ne-United State of America (USA). Okubangwayo phakathi kokunye wuhlelo lwenuzi okukholakala ukuthi iNorth Korea isemkhankasweni wokwenza isikhali (ibhomu) ngayo ukuze idudule izitha zayo kusuka komakhelwane bayo.
Lokhu ayikufihli iNorth Korea kanti sekwayidalela amazinyo abaushelelezi iminyaka emniningi njengoba iphila ngaphansi konswinyo lwezomnotho nje. Nokho konke lokhu akuyivimbi ekwenzeni efuna ukukwenza ngesikhathi efuna ukukwenza ngaso. Isibonelo ngesonto eledlule litshengise umhlaba indima eseliyihambile ekuhlanganiseni isikhali senuzi obese kungokwesihlanu. Nokho kulokhu umhlaba uqaphelile njengoba phakathi kokunye kukhona izinkomba zokuthi iNorth Korea isisemaphethelweni okuhlanganisa ibhomu lenuzi. Itwetwe kulokhu libonakale ngokuthi ngoMsombuluko i-USA ithumele izindiza zayo zempi amaSupersonic B-1 emkhathini ngasohlangothini lwaseSouth Korea. Lezi zindiza ebezisuka e-Osan Air Base 75 zindize ngenhloso yokwexwayisa iNorth Korea ekuthini lingalokothi lesabise omakhelwane bayo nomhlaba nokuthi lingayihlomisi.
UMnu uJack Lew onguNobhala we-US Treasury ukuqinisekisile ukuthi nembala lokhu abakwenzayo njengeUSA kuyimizamo yokufaka ingcindezi eNorth Korea. “Bahlole kakhulu izikhali nemicibisholo kwenuzi kulezi zinyanga ngendlela yokuthi umhlaba uthe njo kubona, thina sizoqhubeka nokucija ngakwezezimali ngazo zonke izindlela. Inhloso ukuba siguqule inqubomgomo.”
Kanti ngakolunye uhlangothi iSouth Korea imatasa izilungiselela okungase kwenzeke njengoba kulindeleke ukuthi nxa kusuka impi yiyo okuyoqalwa ngayo. UNqgogqoshe Wezokuvikela eSouth Korea uHan Min-koo uthe ukuhlaziya kwabo isimo kuveze ukuthi nembala iNorth Korea ingase iphinde ixakazise imikhonto ngokuthi ihlole omunye umcibilisholo wenuzi.
Kanti okunye okuvelayo wukuthi zivese zikhona izinhlelo ezihlanganisa iSouth Korea kanye ne-USA kokuthi uma isimo singasalawuleki iSouth Korea ibhubhise inhlokodolobha yaseNorth Korea ngemicibilishlo nangamabhomu. Kanti ukuzama ukunqanda nokujezisa iNorth Korea iNhlangano Yezizwe ifake unswinyo lwezomnotho nokubukeka kungenawo umthelela otheni. Okwamanje akwaziwa ukuthi iyozala nkomoni.