Now Reading
Kuthukwa kuphela uma kunenhloso yokujivaza umuntu
Dark Light

Kuthukwa kuphela uma kunenhloso yokujivaza umuntu

KUNINI lapho igama lesiZulu livele liphenduke khona libe yinhlamba?  Alikho igama lesiZulu okuthi kungonakele lutho, lingazange lisetshenziswe wumuntu kuvele kuthiwe liyinhlamba.  Abanikazi bolimi lwesiZulu abangalushendezi bakwazi ukusebenzisa noma yiliphi igama lesiZulu noma nini, noma kuphi ngoba bakuqonda kahle ukuthi kunini lapho igama lesiZulu liphenduka khona libe yinhlamba.  Uma kuthiwa kukhona amagama athile esiZulu ayinhlamba, lokho kusuke kuchaza ukuthi kukhona amagama athi edalwa kwabe kuthiwa onke lawa adalwa manje ngawenhlamba.  Likhona yini iqiniso elikule nkulumo ukuthi kukhona amagama athile okuvele kuthiwe abekelwe inhlamba?

Ongoti bolimi lwesiZulu kade behlangene e-ICC, eThekwini lapho bebezama khona ukuphendula lo mbuzo.  Okuhlalukile kulokhuya kubonisana wukuthi awukwazi ukuvele usukele igama lesiZulu lizihlalele ulibize ngokuthi liyihlamba.  Igama liba yinhlamba uma kuwukuthi lowo olisebenzisayo uqonde ukuhlambalaza.  Kufanele kube nenhloso yokuhlambalaza bese kuba yima kukhulunywa ngenhlamba.  Ngaphandle kwalokhu awukwazi ukusukela amagama athile esiZulu uwabize ngokuthi ayinhlamba.  Uma uhamba ugudla ugu usuka eThekwini ubheke eSayidi kukhona umfula obizwa ngokuthi uMfazezala.  Igama lalo mfula lidala kangangokuthi iphelile iminyaka engaphezu kwama-50 lilokhu laba khona.

Kule minyaka edlule sekuke kwasuka esinamathambo isidumo ngendaba yegama lalo mfula. Izakhamizi eziseduze kwaloya mfula zabe zifuna ukubhalisa igama lalo mfula ukuze kube yigama elibhaliswe ngokusemthethweni. UMkhandlu kazwelonke wokuqanjwa kwamagama ezindawo walibuyisa igama lalo mfula ngombandela wokuthi liyinhlamba. Umbuzo owabuzwa yizakhamuzi ngothi liyinhlamba uma kwezenjani.  Zibuza lo mbuzo nje kungenxa yokuthi ukuqanjwa kwalo mfula kwabe kunomlando phakathi.  Lo mlando wabe uhambisana nesigameko esenzeka somuntu wesifazane owazala ingane osebeni lwalo mfula.

Kwagcina sekukhulunywa okuningi sekubalwa nokuthi leli gama libukela phansi abantu besifazane.  Kwakhulunywa nokuthi kushiwolani ukuthi umfazi.  Washaya phansi ngonyawo umphakathi wathi onke amagama ahlangene ukwakha igama lalo mfula ayisiZulu phaqa.  Kwaze kwakhalwa nangalo leli elithi ukuzala kwabe basihlokozile isidleke semivi.  Amathe abuyela kwasifuba uma umphakathi usubacaphunela nezaga eziqukethe igama elithi ukuzala.  Kwathi khona uma ucaphuna lesi esithi ukuzala ukuzelula amathambo/amadolo kwabonakala ukuthi seziyime emthumeni.  Okufike kugqame emidonsiswaneni efana nalona yilokhu ababuye bakubize ngesiNgisi bathi ukuba politically correct, besho ukuncetheza ngolimi ngenxa yezombusazwe.

Kwashuba umoya laphaya e-ICC uma ongoti bolimi lwesiZulu benza izibonelo ngezithakazelo zezibongo ezithile eziqokothisa ulimi zingafihli lutho.  Izibongo okwenziwa ngazo izibonelo kwaba ngesakwaHadebe noMthimkhulu nesakwaMbambo.  AbakwaHadebe nabakwaMthimkhulu bakitazeka ngaphakathi ubone ukuthi kuthe kla kubo ngoba lo muntu ubazi kahle akafuniseli ngabo uma ezothi; ‘wena wakwandlubu zamila emthondweni engabe emasimini zezwani’.  Usumningi-ke umkhuba wokuzwa umuntu esebalekela amagama athile kulawa esefaka awakhe.  Uzwa umuntu esethi; ‘wena wakwandlubu zamila ebuhleni bendoda engabe emasimini zezwani’.

See Also

Ongashongo kanjena umuzwa ethi; ‘wena wakwandlubu zamila endlini yohlanya engabe emasimini zezwani’.  Umbuzo obuzwa ngongoti bolimi lwesiZulu wukuthi umuntu okhuluma kanjena usuke ekhuluma nabantu bakusiphi isibongo.  Umuntu wakwaHadebe/ Mthimkhulu ozigqajayo ngesibongo sakhe uyakujabulela yini lokhu kukhuluma okugwema amagama athile okuyiwona awumongo wesibongo sakhe?  Kuningi ukukhuluma ogcina ukuzwa kuvela kubantu ngendaba yokugwema amagama athile ezithakazelweni ngenxa yokuthi bazitshela ukuthi ayinhlamba.  Cishe laba bantu abakaze bamuzwe umuntu ekhuluma ehlambalaza.

Umalume wabe engumKhrestu owawungeke umtshele lutho olunye aluzwe ngaphandle kobuKhrestu. Kwakuthi uma ecasukile efuna ukwethuka umuntu umuzwe embiza ngegramafomu.  Kwakusuke sekuyinhlamba enkulu kumalume ukubiza umuntu ngegramafomu.  Sizovelaphi isikole esizofundisa abanikazi bolimi lwesiZulu ukuthi kusuke kwenzenjani uma igama lesiZulu selibizwa ngokuthi liyinhlamba?  Kuselukhuni ukuqwala lolu gomane.

  • UDkt uMpumelelo Mbatha ungumhleli weSichazamazwi SesiZulu, ungoti wolimi isiZulu nombhali.
Scroll To Top