Now Reading
I-ANC ne-IFP bazodinganakungekudala njengeZANU neZAPU eZimbabwe
Dark Light

I-ANC ne-IFP bazodinganakungekudala njengeZANU neZAPU eZimbabwe

Njengoba kwenzeka kuZANU neZAPU eZimbabwe, eNingizimu Afrika i-IFP ne-ANC kungenzeka baphoqwe ngumlando ukuba basondelane

 

“Kungabukeka sekwedlule isikhathi, ngifisa mina luqobo ngiqondise ngqo kuyiKumkani uMangosuthu Buthelezi kanye nobuholi bonke be-Inkatha ngomnikelo wenu wokwelekelela ukuba ndikhululwe entilongweni kanye nabaholi benhlangano yethu. Umlayezo wokweseka nowendunduzo ngesikhathi eside sovalelo wawuhlala ucacile kithina.”

Lawa ngamagama ashiwo nguMnu uNelson Mandela enkulumeni ayethula emhlangamweni we-IFP ne-ANC ngonyaka we-1991. Komunye umuntu kawasho lutho kepha uma kukhulunywa ngomlando waseNingizimu Afrika womzabalazo la magama anesisindo esimangalisayo ikakhulukazi emlandweni we-ANC kanye ne-IFP.  Kumlandeli we-IFP la magama cishe awubufakazi obuqandula ikhanda bokuthi umholi wabo kanye neqembu labo labe lisekhaleni lempi yombangazwe nokuthi laliyingxenye yemikhankaso yokufaka ingcindezi uHulumeni wamadlagusha ukuthi akhulule uMandela. Kanti ku-ANC namadlelandawonye akhe ukwamukelwa kwawo kungasho ukuphela kwezinkulumo ebeziphikisa igalelo le-IFP noMengameli wayo emzabalazweni. Akuyona imfihlo ukuthi ingxenye ethize kuKhongolose namanje isamile ekutheni i-IFP yabe ‘iyisimaku’ sikaHulumeni wamaBhunu nokuthi uMntwana wakwaPhindangene akabanga negalelo elitheni emzabalazweni.

Ukwamukeleka kwale nkulumo kungaguqula umlando wala maqembu womabili ngoba kungaqala ukwamukelana okungaholela ekusebenzisaneni. Umholi we-IFP usecashunwe kaningi kwabezindaba edudulana nalabo abachapha yena neqembu lakhe ukuthi babe ngeyona ingxenye yomzabalazo. Phakathi kobufakazi abuvezayo umholi we-IFP yimihlangano, nezincwadi ezabe zivela kubaholi be-ANC ekudingisweni kanti umile ekutheni i-IFP yabe isungulwe ukuqinisekisa ukuthi umzabalazo uyaqhubeka njegoba ngesikhathi eyethulwa ngaso ngonyaka we-1975 izinhlangano ezifana ne-ANC, iPAC neBCM zabe zivalwe umlomo, abaholi namalungu besemajele nasekudingisweni.

Esethulweni sakhe asenza eThekwini mhla zingama-27 kuMbasa ngoezi-2007, esasithi: “Relations between ANC and IFP in Historical Perspective: What Should be Done?” umufi uSolwazi uHebert Vilakazi wathi mayelana nobudlelwane be-Inkatha noKhongolose: “Osomaqhingasu boMbuso Omhlophe sebethukuse izinhloli zabo ngabakubona kuphuthuma kuzo zonke iZinhlangano Zombangazwe, kubalwa i-ANC neNKATHA (Inkatha Yenkululeko Yesizwe), kwabezindaba, ezikhungweni zemfundo, nakuzo zonke izikhungo zomphakathi. Cishe sonke isikhathi, lezi zinhloli ziqhamuka njengezishoshovu ezilwayo. Ukuhlasela kwagxiliswa kwabhekiswa kuyo INkosi uMangosuthu Buthelezi, ngezizathu ezimbili: esokuqala ngesithi umbuso wabaMhlophe wawukwazi ukubambisana okuqotho okwakukhona phakathi kwe-ANC noButhelezi, ikakhulukazi phakathi kukaButhelezi noMengameli wesine we-ANC u-Oliver Tambo; esesibili ngesithi iNkosi uButhelezi wayengumholi wenhlangano enabantu abaningi ezweni, ngaleso sikhathi, okuyi-Inkatha Yenkululeko Yesizwe eyayakhiwe ukwesekwa nawukugqugquzela kwe-ANC. Isizinda esikhulu sayilendawo esibizwa ngeKwaZulu-Natal. INkosi uButhelezi njengomholi we-Inkatha, noNdunankulu weKwaZulu Territorial Authority, kanye noNdunankulu Wobuholi Bendabuko beSILO samaZulu ngongalokho i-Inkatha yabukwa yacatshangwa uMbuso Omhlophe nezinhlaka zawo njengenqanawe yamandla kaZulu. Emiqondweni naseqhingenisu loMbuso Omhlophe nezinhlaka zawo babebnza noma yini, nanoma ngayiphi indlela, ukuba benze i-ANC neNkosi uButhelezi ukuba bahlale belwa.”

Encwadini yakhe yamhla ziyisi-8 kuNtulikazi ngowezi-2009 uMntwana wakwaPhindangene waveza ukungenami kwakhe ngalokhu akubiza ngokungathembeki kukaKhongolose ku-IFP: “Emva kwesikhathi esibi sodlame ‘omnyama elwa nomnyama’ sidlule esigabeni sikaHulumeni Wokubambisana Kuzwelonke lapho i-IFP yaba yingxenye yalo hulumeni ngokwezimiso zomthethosisekelo wesikhashana kuze kube ngowe-1999. UMengameli uThabo Mbeki ngowe-1999 wanquma ukuba i-IFP kufanele iqhubeke ibambe iqhaza ne-ANC kuhulumeni yize kwakusesisona isimiso soMthethosisekelo emva kokuba okude kuhlinzekwe umthethosisekelo wesikhashana sekuphelelwe yisikhathi. Amaqembu omabili asebenzisana kuhulumeni wokubambisana KwaZulu-Natal ngowe-1994 kuya kowe-1999 lapho i-IFP yayithe gelekeqe ngobuningi nangowe-1999 kuya kowezi-2004 ngesikhathi i-IFP yayiliqembu elikhulukazi esishayamthetho sesifundazwe.”

UMntwana waphetha ngokuthi: “Emveni kokhetho lowezi-2004, i-ANC ivumbuke njengeqembu elikhulukazi lase linquma ukuqeda uhlelo lokubambisana, lase ligunyaza ukuthi uhulumeni uzoholwa i-ANC lapho aBaphathiswa be-IFP babemenywa ngomusa we-ANC. Kodwa kuhulumeni wesifundazwe, i-ANC ayizange yethembeke ku-IFP.” Lo mbhalo ukhomba ngokusobala ukuthi ukubuyisana noma ukusebenzisana kwe-IFP ne-ANC kulele ekutheni busebenzisana kanjani ubuholi balezi zinhlangano zombili KwaZulu-Natal. Kanti okumqoka mhlawumbe kunakho konke wukuthi ngabe ayahoxiswa yini amagama abeka i-IFP njenge‘simaku’ samaBhunu, kwamukelwe iqhaza layo emzabalazweni waseNingizimu Afrika.

See Also

NjengaseZimbabwe

Uma kuwukuthi ekugcineni i-ANC ne-IFP bayobuyisana kobe akukhona okokuqala emlandweni wamaqembu aboHlanga e-Afrika. Lokhu kwake kwenzeka ezweni elingumakhelwane weNingizimu Afrika, iZimbabwe. Lokhu kwakulandela ukufa kwabantu ababalelwa ezi-20 000 empini yomkhaya eyabe iphakathi kwalabo ababeseka uMnu uJoshua Nkomo owayengumholi weZAPU kanye noMnu uRobert Mugabe owayengumholi weZANU.

Okwabe kubuhlungu wukuthi zombili lezi zinhlangano kanye nemibutho yazo yezempi okuyiZimbabwe People’s Revolutionary Army (ZIPRA) eyayingaphansi kweZAPU kanye neZimbabwe African National Liberation Army (ZANLA) eyayingaphansi kweZANU kanjalo  nabaholi bazo  babesekhaleni lempi yokukhulula iZimbabwe embusweni wamadlagusha.

Emuva kweminyaka eyisikhombisa iZimbabwe yathola inkululeko ngomhla zingama-22 kuZibandlela ngowe-1987 uMnu uNkomo noMugabe basayinda isivumelano soxolo nesavumelana ekuthini la maqembu womabili ahlangane enze iqembu elilodwa. Ubutha obukhona phakathi kwabalandeli beZANU neZAPU kanjalo nezigameko ezenzeka zifana ncamashi nalezo ezenzeka phakathi kwe-ANC ne-IFP, umbuzo uthi la maqembu angakwazi yini ukufinyelela kulokho okwenziwa eZimbabwe, umhlaba ubone la maqembu eseba nesivumelwane esingaphetha ngokuthi kube khona iqembu elilodwa lezombusazwe.

Scroll To Top