Now Reading
Sidalula ipulazi lapho abokufika beyizigqila khona
Dark Light

Sidalula ipulazi lapho abokufika beyizigqila khona

Lowo obetuswa njengoMsamariya usenukwa ngechilo lokugqilaza abokufika kuleli

EMUVA kwesikhathi esingangonyaka isiFundazwe iKwaZulu-Natal sigubuzelwe ngumlilo wodlame lokubhekana ngeziqu zamehlo phakathi kwabokufika kanye nezakhamuzi zakuleli, iphephandaba laboHlanga selivumbulule okushaqisayo. Lokhu kulandela uphenyo oluhlanganisa ukungena isinyenyela koZul’azayithole epulazini elaziywa ngeHope Farm eCato Ridge eMpumalanga, entshonalanga yedolobha iTheku.

Lokhu kugasela kweBAYEDE kulandela isikhalo esiphuthumayo esishushunjiswe ngamalungu emindeni ehlala kuleli pulazi oningi layo lingelaseBurundi kanye naseDemocratic Republic of Congo.  Izintatheli zaleli phephandaba zixwayisiwe ngobungozi obungase bube khona uma izinto zingezukuhamba kahle njengoba le ndawo ingeyona eyomphakathi kepha inomnikaziyo uMnu u-Andrew Wartnabay. Nokho emuva kwezinhlelo ezibe khona ithimba leBAYEDE likwazile ukungena kuleli pulazi (ngaphandle kwemvume)  nayilapho lizwe futhi labona okushaqisayo.

IHope Farm lena yindawo ebanzi nemazombezombe iqale ‘yayikhaya’ kwabokufika kuleli ababalelwa e-138. Laba bekungamadoda, abafazi, izingane ngisho nenzinsana imbala ababethelwe ngamachaphazelo omsindo owasuka ezingxenyeni ezithile zeTheku.  Bebika abemithombo yezindaba ngaleso sikhathi babeka le ndawo njengendawo yethemba nehawu kule mindeni kanjalo nomnini wepulazi uWartnabay naye watuswa nkalo zonke njengeqhawe lamalungelo abantu noMsamariya Olungileyo. Amahlelo ezindaba kuleli naphesheya kwezilwandle abika ngale ndawo nangesihe somniniyo. Nokho ukwenza akusefani njengoba labo ababembuka njengomvikeli wabo olakeni lwamalungu athile KwaZulu-Natal sebethi sebebona okwabe kucashile ngaye ngaleso sikhathi.

Ngosuku ithimba leBAYEDE elatheleka ngalo ilanga labe likhiphe umkhovu entsheni. Ithimba lahlangatshezwa yisililo esabe sivela komunye wamakhosikazi owabe eseqinile nowazibiza ngokuthi unguNkk uCaritas Itangishaka. “Sisizeni bafowethu silambile sifuna nokuphuma lapha manje asazi sizolibhekisaphi,” kusho le nkosikazi eyabe ibukeka nasebusweni ukuthi nembala ikhathazekile. Emizuzwini engemingaki nje kwabe sekuqhamuka nabanye abantu, abesilisa nabesifazane. Nabo babika okufanayo.

Kula malungu alo mphakathi bekukhona noNks uLyse Ngabiraro odabuka eBurundi oneminyaka engama-20  nothe udlame lumfice  ebekade efunda ibanga le-11 (Grade 11). Le ntokazi igxeke umnikazipulazi ngokuthi usebalahlisa okwenyongo yenyathi ngoba esebasebenzisile.

“U-Andrew usesijikele ekubeni sabeka izimpilo zethu engozini ngesikhathi simvikela kwabanye bethu ababefuna  ukumenzakalisa lapha epulazini. Kumanje thina siyizitha kubo njengoba besibiza ngezimpimpi zakhe. Besingalali simqapha ubusuku nemini kodwa manje usesijikele ngoba esezifezile izinhloso zakhe zokuba simakhele izakhiwo lezi ezilapha epulazini,” kusho uNks uNgabiraro. Uqhube wathi: “Kumanje sikhathazekile ngodadewethu oneminyaka eli-17 amthathe wayohlala naye kwenye indlu lapho emgcine khona yedwa. Kumanje asikwazi ngisho nokumbona ngoba wala ukhasha kosondelayo kuleya ndlu.”

Ubumbamgodi nokudla

Babe sebetshengisa izintatheli zeBAYEDE ezinye zezingxenye zaleli pulazi nabathi bazisebenze ngezandla zabo. Isakhiwo esikhulukazi abasikhombe njengemisebenzi yezandla zabo kube yidamu abathi babelisebenza bewujenge kusuka phansi kwaze kwaba liba namanzi. Wona lawo manzi abengcolile bathe baphuza wona njengezingulube. Baveze nezindlu zangasese ezise sigangeni kanjalo nendawo lapho abagezela khona. Kubo bakhona nababonwe yiBAYEDE bengekho esinweni sempilo esigculisayo nabaze baveza imithi abayisebenzisayo.

Olunye udaba olubangwayo wuhlobo lokudla abathi bebenikwa lona. Lokhu kudla kuyizijumbana alokho okusamgqakazo kanye nengxube kalentisi. Kulezi zijumbana kubhalwe ukuthi zinikelwe yinhlangano yaseMelika iGleanings For The Hungry: A Ministry of Youth With A Mission. La malungu alomphakathi akhala ngokuthi sekuphele izinsuku ezili-12 edliswa lolu hlobo lokudla nabathe akubaphathi kahle. Bathe kabangabazi ukuthi lokhu kudla kungathokozelwa yimfuyo hhayi abantu njengoba bethi ibakhiphisa ngezisu. Labo abaxinwe wukugula nabadla imithi bathe lolu hlobo lokudla lwenza kube lukhuni njengoba ngungekona ukudla okungalekelela imithi njengoba ‘kungokwesobho’.

Okunye ukukhuluma okubukeka kuzophakamisa amaphaphu kulolu daba yisinqumo somnikazi sokuwukhipha epulazini lakhe lo mphakathi. Ngakolunye uhlangothi lo mphakathi yize ukwamukela ukuthi indawo ngeyakhe kepha ukhala ngokuthi izizathu zangempela zokubaxosha wukuthi akazuzanga lokhu abekulindele ngokusebenzisa usizi lwabo. Ithimba leBAYEDE liyibonile incwadi ebhalwe ngumnikazi wepulazi nekhomba lo mphakathi oweza ngayo. Le ncwadi ibhalwe mhla ziyisi-6 kuMbasa ngowe-2016 nefundeka kanje;

“Ngomhla lulu-1 kuNdasa 2016  ngibone kufanele ngiyivale inkambu yenu ebiseHope Farm. Nganichazela ngamaqoqwana ukuthi ngeke ngisakwazi ukunigcina njengababhacile kodwa nina nacela ukuba nisale senihlala njemavolontiya ngoba ningenayo indawo enizobalekela kuyo….. Ngomhla lulu-1 kuNdasa ningibikele ukuthi nina anisiwo amavolontiya kodwa nilindele udaba lwamaphepha enu okuya kwamanye amazwe nobesekungukwephula isivumelwano sethu nani, nosekwenza kube nzima ukuba nginigcine epulazini lami. Ngakho ngininikeza izinsuku ezingama-30 ukuba niphume niphele epulazini lami,” kufundeka incwadi.

Akukho ukungabaza ukuthi uma lezi zinsolo ziliqiniso lokhu kuyoveza esinye isithombe hhayi kuphela ngesifundazwe nezwe kepha nangomnikazi wepulazi okungahumusheka ukuthi wambisa wonke umuntu iqanda lenjelwana.

ElaboHlanga liye koshicilelwa sekukhona imibiko yokuthi isimo siyaqhubeka nokuba manzonzo phakathi komnikazi nomphakathi wabokufika kulandela ukugasela kwezintatheli zeBAYEDE epulazini.

Beliveva iNkisimane

UKUGASELA kweBAYEDE eHope Farm akwehlanga kahle kumninilo. Kuthe nje izintatheli zisacoshela watheleka engasadle nkobe zamuntu uMnu u-Andrew Wartnaby.  “Nifunani epulazini lami? Niyinikwe ngubani imvume yokukhuluma nabantu bami kanye nokuthatha izithombe? Ngithi phumani njengamanje ngingakawabizi amaphoyisa nommeli wami,” kusho le nsizwa ebibhodla umlilo. Ithe iqeda nje ukubhodla kwabe sekungenelela enye inkosikazi yephumalimi efike naye nezibize ngokuthi inguNkk uJanet Odonoghue. Le nkosikazi izichithile izikhalo zomphakathi wabokufika nethe badakwa wumbuso.

“Bakhuluma amanga laba bantu okokuqala uMnu uWartnaby uyabondla futhi ubanike nendawo yokufihla ikhanda,’’ kusho uNkk u-Odonoghue.

Emuva kophenyo iBAYEDE ibe isiphikelela kwabeGift of the Givers igama labo elivelile njengalekelela ngokudla. Kukhulunywe noMnu uSayed Salim nobabaze udaba lokhuthi kunabantu ababhuqwa yindlala ekubeni inhlangano yakhe ikuletha ukudla. “Kuningi ukudla abanikezwa khona laba bantu. Ngokwazi kwami ukudla kulandwa zonke izinsuku kulandwa nguMnu uLucas Ngoetjana weKwaZulu-Natal Christian Council. Manje ngiyamangala uma uthi abantu babulawa yindlala ekubeni sikuthumela  ukudla kwabo. Ngisazoke ngixhumane noLucky ukuthola imininingwane ngalolu daba,’’ kusho uSalim.

IBAYEDE ibe isiphikelela kuMnu uNgoetjana nobabaze umhlola uma aziswa ukuthi umkhonto ujame ngakuye odabeni  lokudla. “Kuyiphutha ukuthi ngihlale ngilanda ukudla kuGift of the Givers. Empeleni ukugcina kwami ukuxhumana nabo ngunyaka owedlule. Siyazazi izingqinamba ngokudla, akukhona epulazini kuphela kepha nakulaba asebesezitaladini yiso leso. Njengebandla sisazama ukungqongqoza eminyangweni eyahlukene kepha kusemnyama”

Sisuke lapho saqonda kwabeDoctors Without Borders.  UMnu uMusa Ndlovu omele le nhlangano uphikile ukuthi sebebashiye dengwane abokufika abavaleleke epulazini likaWhartnaby. “Empeleni laba bokufika bazifake bona kulolu sizi ababhekene nalo, ngoba ngabaxwayisa kusukela  ekuqaleni ukuthi lo mlungu akahlosile ukuba siza kodwa uqonde ukusebenzisa usizi lwabo ukuzitholela izimali neminikelo nokuthi uhlose ukubasebenzisa njengezigqila zakhe kodwa bangafuna ukungilalela,’’ kusho uNdlovu.

Uqhube wathi bazama ngazo zonke izindlela ukunxenxa laba bokufika ukuba baphume epulazini lakhe lo Mlungu kodwa bona bashaya phansi ngonyawo bethi ngeke bahlukane nomlungu wabo.

“Ngagcina ngiphoqelekile ukuhoxisa ithimba lami engangilithumele ukuba lizobatakula kuleli pulazi. Ngakho kumele bazisole bona ngokungalaleli. Kodwa ekugcineni kwangicacela ukuthi yilo mlungu owayebahlohla ngoba ehlose ukuzifezela izinhloso zakhe ngosizi lwabo. Ngisho nenhlangano yabamasonto iCouncil Of Churches nayo yagcina yehlulekile ukubakhipha kuleli pulazi ngoba babengafune kutshelwa ngomlungu wabo,’’ kusho uNdlovu.

UMnu uNdlovu ukugcizelele ukuthi  inhlangano yabo iyazwelana kakhulu nalaba bokufika abavaleleke epulazini lika Wartnaby.

See Also

“Empeleni thina ukungenelela kwethu lapha eSouth Africa akufani nakwamanye amazwe ngoba lapha eSouth Africa sigxile kuphela ezinhlwelweni zeHIV/Aids njengoba sinamahhovisi eShowe. Kodwa kasisho ukuhti sizogoqa izandla singabasizi, sizozama yize singenaso isikhwama esanele.’’ UNdlovu uthembise ukuxhumana kuqala nabaphathi bakhe ukuze bahlele ukuthi bangabasiza kanjani laba bokufika abavaleleke epulazini lika Wartnaby.

Emuva kokuthola usizi olubhekene nalo mphakathi iBAYEDE ithinte iminyango eyehlukene ngenhloso yokusabalalisa ulwazi ngalolu daba kanjalo nokuthola usizo.

Salutheka ngenxa yesimo sethu

UMHLA zi-5 kuNtulikazi waletha ithemba emphakathini  oli-138 wabokufika kuleli. Lo mphakathi owabe uyizisulu zondlame phakathi bakuleli kanye nabokufika walandwa ngabantu abazethula njengabazwelana nabo nabathembisa ukuthi bazobalekelela esimweni ababhekene naso.  Elanda lolu daba uMnu uVital Nshimirimana uthe ukufika kukaMnu u-Andrew Wartnabay ezitokisini zaseChatsworth kwabanika ithemba lokuthi nembala ubulungiswa buzokwenzeka.

“Wafika (uMnu uWartnabay) kithi ehambisana nowesifazane owazibiza ngokuthi unguNkk uShareena nowathi uzosimela njengommeli wethu emacaleni esasibekwe wona elinye lawo okwakuthiwe ngelokuhlukumeza izingane zethu nokwephula amalungelo azo ngokuqhinqa nazo esigangeni.. Wathi okwesikhashana esasilungisela la maphepha okuhamba kuzomele siyogoba amadlangala epulazini lakhe asihlinzekele kulo indawo yokukhoselisa ikhanda njengoba sisazophinda sibe ngondingasithebeni ngoMsombuluko okuzohoxiswa ngawo wonke amacala ethu,” kusho uNshimirimana.

Lo mdondoshiya wensizwa eluhlaza (ibala elimnyama) ithi ekuqaleni inkukhu yake yawusola umgqakazo bebuka ukwenzeka kwezinto. “Ngenxa yokuthi sasingasathembi lutho, sambuza u-Andrew ukuthi ngeke yini asijikele asenze izigqila zakhe, kodwa wasiqinisekisa benomumeli uShareena ukuthi uzosiphatha kahle kuze kube sithola amaphepha eNhlangano yezizwe ethu okuhamba. Nathi-ke savuma ukuhamba naye kanti sizizifaka ogibeni,” kuchaza  uNshimirimana.

Uqhuba wathi uhambo lokuya ‘ekhaya elisha’ okuyipulazi iHope Farm  bathathwa yizimoto zamaphoyisa aseChatsworth ezazishaye ujenga zikhanyise namalambu aluhlaza. Kuzona kwakukhona nenhlangano iZoli Life Organisation esebenzisana ne-UNCHR nabenhlangano yodokotela iMSF okuyinhlangano yodokotela  zenhlangano yodokotela abazibiza ngeDoctors  Without Borders.

“Nathi sazibona sibakhulu futhi  sijabule, sibonake kahle ukuthi cha lapha esiyokhoseliswa khona yindawo yoju nezinyosi kanti siyazikhohlisa siyiswa esihogweni soqobo.”

Odabeni lokusebenza kanzima le nsiwa ithe: “Izinto zonakale ngesikhathi ngimbuza ukuthi kanti usilungeselela nini amaphepha ethu okuyiswa kwamanye amazwe njengokwethembisa kwakhe, uvele wabhoka ngolaka wathi akukho maphepha azosilungisela wona thina siyizisebenzi zakhe ezivolontiye ukuzomsebenzela mahhala.”

Yaqhuba yathi: “Ube esesiphoqa ukuba simthuthele amatshe nesihlabathi ngamabhakede ebesiqombola nakho intaba ngenhloso yokuba simakhele ngakho izindlu, uthango lokubiyela ipulazi lakhe konke lokhu esenzisa khona ngale kokusinika ukudla nomholo. Abanye bethu okubalwa namantombazane baze baquleke ngenxa yokukhathala nendlala.”

Nembala usikhombise zonke izingxenye zaleli pulazi nalapho behlala khona kanye nendawo abekade beyisebenza selokhu bafika. “Mfowethu lo mlungu usebenzisa usizi lwethu ukuzinothisa njengoba egweve nanokudla kwethu ebesikunikelelwe yizinhlangano ezizimele namazwe angaphandle. Uphinde asisebenzise njengezigqila zakhe ngoba azi ukuthi akukho lapho singabalekela khona,” kuzikhalela  uNshimirimana.

Scroll To Top