Now Reading
Kusale kancane izidlamlilo zigadle kuleli
Dark Light

Kusale kancane izidlamlilo zigadle kuleli

Ukungabibikho kukawoyela kuleli kungaliphephisa olakeni lwezidlamlilo

 

ISIMO simapeketwane enhla ne-Afrika njengoba igazi lilokhu lichitheke njalo ngenxa yophumasilwe. Akukho ukuthula emazweni asenhla ne-Afrika ikakhulukazi lawo ahambisana kakhulu nenkolo yamaMuslim. Ngenxa yezehlakalo zangenhla ne-Afrika iningi bese linokwesaba ukuthi la maphikankani angase afudukele kuleli, kwazise yilo eliwumgogodla we-Afrika, neliphinde ligcakagce nakwezomnotho. Amaqembu ophumasilwe afana noMuslim Brotherhood, i-Al Qaeda, i-ISIS, neBoko Haram ahamba phambili emikhankasweni yokuguqula lonke elase-Afrika lilandele liphinde lihloniphe inkolo yamaMuslim ngaphansi komthetho iSharia. Amaphaphu aphezulu kwabaseNingizimu Afrika emva kokuthi ezinyangeni ezimbili ezedlule i-USA nezwe lamaNgisi bakhipha isexwayiso sokuthi kungenzeka ukuthi ophumasilwe basezinhlelweni zokugasela kuleli.

Labo ompisendlini baziwa kakhulu ngesihluku abanaso kulabo abangahambisani nomyalelo kampholofithi uMuhhamad. Lapha ezansi ne-Afrika kuhlonishwa kakhulu inkolo yobuKhrestu abayibona iyisitha sokuqala abangaphansi kwenkolo yamaMuslim ngaphansi komyalelo weSharia Law. Ophumasibhekane baseNigeria iBoko Haram sebebhubhisile engxenyeni yasempumalanga yaleliya lizwe kwangangokuthi eminyakeni emithathu eyedlule yathumba inqwaba yezingane zamantombazane abaziganisa ngenkani. I-Al Qaeda ikuzwile ukushisa kwensimbi ekomkhulu lazo e-Iraq njengoba i-ISIS idla lubi kangangokuthi noHulumeni wakhona uhleli ngesinqe esisodwa ekubuseni leliya lizwe. Isigasele ngezinkani le nhlangano yophumasibhekane emazweni anjengoKenya, iSudan, iLibya okwenza abaningi bethuke ukuthi mhlawumbe leli lakithi liyalandela. Inhlangano ethusa abaningi ngesihluku esihlasimulisa umzimba i-ISIS igaselekileke yona enhla ne-Afrika njengoba ifike qathatha emazweni anjengoSomalia neLibya kuphinde kusoleke nokuthi yeseka iBoko Haram emizamweni wokuketula uHulumeni waseNigeria.

Kwelase-Egypt kumapeketwane isimo simanzonzo iyagcakagca iMuslim Brotherhood. Ubuholi bezwe bushintshwa kuhle kwamasokisi, kwazise le nhlangano yenza konke okusemandleni ukuvimbela ukuthula kuleliya lizwe.

Ukubanjwa kwamawele akwaThulsie okusolakala ukuthi asezinhlelweni zokuxhumana nezidlamlilo i-ISIS ukuze kuketulwe umbuso wakuleli ovuna kakhulu izimiso zobuKhrestu sekufakele abaningi amanzi emadolweni. Kusewudaba olusesenkantolo lolu kodwa uvalo ukuthi ngabe bese bekwazile yini ukuxhumana nalezi zidlamlilo noma bebesahlela khona kuphela. Uma ngabe la mawele ebesekwazile ukuyithinta le nhlangano yophumasilwe angiboni ukuthi ngabe isinakile lesi simemo. Angingabazi ukuthi baningi abantu abaxhumana nale nhlangano okuseyiyo edla lubi kulezi zinsuku. Inqwaba yabantu abakholelwa ukuthi inkolo yabo yabu-Islam iyadeleleka yingakho befuna ukuketula umbuso, kodwa le nhlangano ayaziwa ngokuba inhlangano yongibize ngiyasabela. Le nhlangano inendlela yayo yokuqhuba izinto ayimenywa iyazifikela.

Ngiyasichitha isexwayiso se-USA ngezinsolo zale nhlangano. Le nhlangano i-ISIS kuyaziwa ukuthi isibuthaka kakhulu emva kwempi abayiqala nombuso waseJordan noweSyria. Le nhlangano okwakhweza ikati emthini ngesikhathi izama ukugasela iJordan eholwa isidlova, inkosi Abdullah Wesibili. Le nhlangano bayishaya bayivova inkani yaphetha ngokubaleka ngesikhathi izama ukugwinya iJordan. Kwafa inqwaba yamasosha ayo amanye abeka phansi izikhali azinikela ekuboshweni nasekujezisweni. Kusukela okuhlambalazweni yiJordan le nhlangano yazama ukuqinisa ukuhlasela eSyria. Bawukhomba umuzi onothswala eSyria njengoba uMengameli waseRussia wacela ukulisiza leliya lizwe ekulweni nalawa mavukelambuso. Yavoveka inkani le nhlangano sebebhekene ngqo nezikaPutin waseRussia kangangokuthi inqwaba yomhlaba abase bewugwinyile wabuyela ezandleni zikaHulumeni waseSyria. Leli qembu ligcwele izinkalo kuleliya lizwe emva kokugaseleka kukaPutin osatshiswa okwenyoka umhlaba wonke ngokungaqondakali ukuthi uhlobo luni lomuntu. I-Al Qaeda ibuthaka kakhulu kunakuqala emva kokubulawa kobuholi bayo obuningi nokundlondlobala kwe-ISIS. Ibonakala ihluleka ukuphumela ngaphandle kwaseNigeria iBoko Haram, ngakhoke akubonakali ingakwazi ukufinyelela kwelasezansi ne-Afrika. IMuslim Brotherhood ayizimisele ngokuphumela ngaphandle e-Egypt njengoba ihlonipha kuphela labo abangama-Arab. Eqinisweni iningi lalezi zinhlangano ikakhulukazi i-ISIS ne-Al Qaeda zibuthaka kakhulu kunalokhu abantu abakucabangayo kangangokuthi kungenzeka ukuthi kuyobe sekusele amagama kuphela ekupheleni konyaka.

See Also

Uma kuzonakeka wonke amazwe ahlaselwayo yilezi zidlamlilo ngamazwe anowoyela. Uwoyela iyona yinto ethengiseka kalula futhi eyisidingo sansuku zonke kuwona wonke amazwe. Amazwe amaningi awuthenga kulezi zidlamlilo uwoyela ngoba usuke ungabizi njengalapho odayiswa khona ngokusemthethweni. Isizathu sokushibha kwalo woyela yingoba lezi zinhlangano zisuke zijahile nazo ukuwudayisa ukuze zithole imali zikwazi ukuqhubeka, lokhu kwenza ukuthi ushibhe kakhulu uwoyela njengoba umthengi osuke encengiwe. Kuleli anisawo uwoyela kepha sinezimayini nje kuphela zegolide nedayimane.

Izimayini azisifaki engozini njengoba kwaziwa ukuthi kuthatha isikhathi ukuzimba, kuzokwazeka futhi ukuthi inani legolide nedayimane liyehla ukunokuba likhuphuke. Ngamafuphi nje, iNingizimu Afrika ayikho engozini yokuhlaselwa ophumasilwe ngoba asinawo uwoyela oletha imali esheshayo, kanti futhi nazo lezi zinhlangano zibuthaka kakhulu ukunalokhu esikucabangayo.

Scroll To Top