Abaqeqesha abalingisi ababhukule, kubi
Yize bekhona abalingisi kepha sikhulu isikhalo nesidingo sokwenyusa amasokisi
UKULINGISA kusho ukuxoxa indaba nokwenza umlingisi abe umxoxi wendaba njengokubhalwa kwayo ibhalelwa ukulingiswa kuthelevishini, engqayini noma eshashalazini. Akungatshazwa ukuthi kuleli lizwe ikhono liningi kakhulu kodwa lilodwa alisho lutho lidinga isinwe ukuze kube nobungcweti ekulingiseni. Yingakho-ke lowo ofuna ukuba umlingisi ebe enekhono kuye kubaluleke ukuba athuthukise ikhono lakhe ngolwazi nokuyinto oyithola ngokuqeqeshwa noma ukufunda.
Njengoba abenhlangano yezokusakaza kuleli iSouth African Broadcasting Corporation (SABC) imemezele ukuthi izodinga imikhiqizo yakuleli engama-90% kuthelevishini lokhu kufaka inselelo enkulu kubalingisi nalabo abafisa ukulingisa. Lokhu kungenxa yokuthi bayindlala kakhulu abalingisi abasezingeni kuleli nokwenza kulokhu kubonakala abalingisi ababodwa njalo. Okubuhlungu-ke ukuthi nezikhungo ezibhekele ukuqeqeshwa nokufundisa abalingisi kungathi azibheki ukuthi imboni idingani zona ziyafundisa nje nokwenza labo abafunda khona baphume neziqu ezingayisizi imboni.
Ufakazi walokhu ubuningi babantu abaneziqu zokulingisa kodwa abangasebenzi noma besebenza abasebenzi umsebenzi oqondene neziqu abazifundele. Lokhu kudalwa yikho kanye ukuthi izikhungo azibheki okufunwa imboni yezobuciko. Kuleli lizwe azikho iziqu eziqeqesha abafisa ukuba abaqondisi kanti nalapho kufundiswa khona ngokubhala kuyanyanyalatwa nokwenza kube nokukhulu ukwesweleka kwabantu bemidlalo yethelevishini, ingqayi neshashalazi. Uma ubukela ithelevishini bheka ukuthi bangaki ababhali boHlanga uma sekunyuka amagama – kuvela kakhulu abebala!
Uma-ke singenabo ababhali bethu abaqeqeshwe ngokuyikho sizoba kanjani nemisebenzi exoxa ngesiyikho nangempilo eyiyo yethu? Yingakho-ke izindaba zethu zixoxwa inhlanekezela ngabebala kungabi ndaba zalutho. Lama-90% kaSABC aphosa inselelo kubabhali, abaqondisi kanye nabalingisi. Phela uma bengekho ababhali abaqeqeshiwe ngeke babekhona abalingisi, uma bengekho abalingisi abaqondisi bazoqondisani?
Izikhungo eziqeqesha abalingisi kumele zibhukule ngempela manje ngoba itshe limi ngothi nkombose kababa. Bheka nje uma iTV Soapie ithi ifuna umlingisi oqeqeshiwe okhuluma isiZulu phaqa kubalukhuni satshe ukumthola. Lokhu kudalwa ukuthi kwaziqu zokulingisa lezo ezifundwayo azinandaba nokuqeqesha ngokukwazi ukukhuluma ulimi lwesintu. Uma ubheka ezikhungweni zaphesheya bonke abaqeqeshelwa ukulingisa benziswa lokhu okubizwa nge-American Accent kanye nezinye izinhlobo zamaphimbo adingwa imboni yezobuciko yase-USA. Yikho lokhu okwenza umlingisi oqeqeshwe e-USA ngisho engowakuleli ubuzwe esekhulumisa okwamaMelikana. Lokhu amaMelikana akwenza ngoba imboni yabo ifuna lolu hlobo lwabalingisi. Yini ehlula izikhungo zakuleli ukufaka ezifundweni zabo ukufundisa ngendlela eyiyo yokukhuluma ulingisa isiZulu phaqa njengoba imidlalo yethelevishini iminingi edinga lolu hlobo lwabalingisi kodwa akukho nesisodwa isikhungo esiqeqesha ngalokhu. Akekho ongazi nongaboni ukuthi ulimi lwesiZulu yilo oluhamba phambili kuthelevishini! Yingakho-ke kuthathwa noma ubani uma nje ekhuluma isiZulu saKwaZulu-Natal kungabe kusabhekwa nokuthi unalo yini ulwazi lokulingisa.
Okubuye kuhluphe kubalingisi abathi sebengenisiwe kuthelevishini bengena ngenxa yokubukeka noma ngoba bengosaziwayo bangabe besazihlupha ngokuzithuthukisa ekulingiseni. Lokhu sikubona nsuku zonke emidlalweni yethelevishini egcwele abalingisi ababukeka kahle kodwa okungathi shu ngasekulingiseni – nokuphoqa ababukeli ukuba bacindezele njalo iziphequluli zabo befuna okungcono.
Uma izikhungo zokuqeqesha zingasifundi isimo zizogcina seziqeqesha amadeski. Lokhu kuyilimaza kakhulu imboni yezobuciko ikakhulu kwezokulingisa ngoba uthola abalingisi sebesebenza ezindaweni zokudayisa ukudla kodwa beneziqu zezobuciko. Kanti iningi labo bagcwala ezindaweni ezibizwa ngamacall centre! Ake izindawo eziqeqeshayo zizinuke amakhwapha keziguqule izinhlelo zokufunda zazo zibe ngezisiza ukuthuthuka kwemboni yezobuciko.
Kanti neminyango kaHulumeni yezobuciko kuzomele nayo ike iyibheke le nto yezofundo zobuciko ibe nombono ngokumele kwenziwe ukuze kusize imboni ikhule. Lokhu kunyuswa kwezinga kwezifundo zethu zokulingisa kuzokwenza nabalingisi bethu kesibabone begudlana amahlombe nozakwabo baphesheya. Izikhungo eziqeqeshayo zesifundazwe sethu ake zifake ukufundisa ngokulingisa ngesiZulu soqobo ngoba yikho okufunwa imboni! Nalezi zinkundla zokucobelelana zokulingisa ake kube ngezifundisa okuyikho kungadlalwa ngabafisa ukulingisa. Nalabo abafaka izimali zoqeqesho ake bababheke abantu ababaxhasayo kungathi ngoba nakhu kukhona imali bese noma ubani onenkampani afake anikezwe imali kungasabhekwanga nokuthi kwayona le nto athi uzoyenza uyayazi yini! Lokhu kuvame kakhulu kulabo abagixabezwe ngezimali abeNational Lotteries Commission – uthole umsakazi enikezwe izigidi zokuqeqesha abalingisi kodwa kwayena engazi lutho ngokulingisa – noma uthole umuntu ozenzela amathenda emigwaqo esenikwe imali yokuqeqesha abalingisi!
Ake izikhungo zethu nezindawo zokuqeqesha zisikhiqizele abalingisi abasezingeni eliphezulu abafana noVusi Kunene (Generations the Legacy), uSiyabonga Thwala (Isibaya) uDawn King, noLeleti Khumalo (Uzalo) ukubala labo abasezingeni kwesikubonayo okwamanje. Izikhungo nalabo abaqeqesha abalingisi ababhukule ukuze sithole abalingisi abasezingeni nabayizingcweti abathi benekhono babe nolwazi futhi.