Uthisha wabulala umfana wami



UZulu uyintatheli ephenyayo esimkatshubovu.
Umunyu womzali oyimpumputhe osalila emuva kweminyaka emibili kwaphangalala indodana yakhe
KUYISIFISO sayinoma ngumuphi umzali ukuba kube yingane yakhe emnakekelayo kanjalo nembeka endaweni yakhe yokugcina. Kunoma yimuphi umzali kuwumuzwa obuhlungu ukuzithola sekunguye ofihla ingane yakhe. Lokhu kwenzekile emndenini wakwaGwala endaweni yakwaNyuswa esigodini sakwaMnanathi, KwaZulu-Natal. Sekuphele iminyaka emibili lo mndeni walahlekelwa yilungu lawo lomndeni elincane, umufi uZolani Gwala owabe eneminyaka eyisi-7.
Uyise kaZolani uMnu uFana Gwala ongaboni emehlweni uzifikele yena emahhovisi eBAYEDE elekelelwa yilungu lomndeni. Inhloso yokuzifikela mathupha ngokusho kwakhe ukuzocela usizo lokuba abangulwe iva lokulahlekelwa yindodana yakhe nathi mhlawumbe kuyoba ngcono nxa lolu daba lufika esiphethweni. “Kule lizwe uma uke waba nesici abantu bacabanga ukuthi awusenangqondo. Sengikwenze konke njengomzali, ngiyile emaphoyiseni angangisiza. Ngiyile eMnyangweni Wezemfumdo kwanhlanga zimuka nomoya. Impela angisazi ngenze njani. Ngoba iqiniso lithi umfana wami uZolani akasekho emhlabeni kanti futhi akahambanga ngemvelo.”
UGwala uthi ubuhlungu obukhulu wukuthi usephenduke isehluleki isibili. “Angikwazanga ukuvikela indodana yami isaphila. Namanje noma ingasekho angikwazi ukuvikela isithunzi sayo ngokuthi kutholakale lonke iqiniso ngalokhu okwenzeka kuyo.” kusho uGwala ngosizi. Ngokuyizeka kwakhe uGwala uthi uZolani kwabe kungumfanyana owenza njengazo zonke izingane, enentshisekelo yokuyofunda ethokozile. Nokho indaba iqale lapho efika ekhaya ephuma esikoleni ebika izinhlungu esifubeni nathi kwavela ekugcineni, ngokusho kwakhe umfana, ukuthi ushaywe nguthisha.
“Umfana wami wafa kabuhlungu ngoba wabe ekhala ngezinhlungu esifubeni nokwaholela ukuba ngimuyise kodokotela endaweni kanjalo nasesibhendlela nayilapho aphelela khona,” kubalisa uGwala. Akhala ngakho yilokhu akubize ngokubukelwa phansi nokungabi bikho kozwelo okutshengiswe ngamaphoyisa aseNtshanga nathe isenzo selinye lawo sibhibhise isilonda sokulahlekelwa yindodana yakhe.
“Udaba lwami ngihambile ngayolwethula emaphoyiseni aseNtshanga. Luqale lweluswa ngozibize ngokuthi ungumseshi uMadiba nokugcine selusingethwe nguWarrant Officer uNzama. Leli phoyisa (uNzama) lingizwise ubuhlungu obukhulu langenza ngazizwa ngingelutho nomuntu oseluhlupho kulo.
“Kuqale ngoZibandlela ngonyaka, umfana wami, ahamba ngawo lapho ngibuza ukuthi ngabe uphenyo luhamba kanjani nokuthi ngikwazi ukuthola umbiko wesidumbu okwabe kuthiwe ngizowuthola. Ekukhulumeni kwami noNzama wakuqinisekisa ukuthi nembala likhona idokodo nokuthi umbiko lowo wesidumbu ngizowuthola ngoba usukhona. Wabe esengeluleka ukuba ngilinde nje izinsukwana. Nokuthe uma kuhamba izinsuku ngase ngiyamthinta ngocingo,” kuchaza uGwala.
Uthe ubona ukuthi ukulandela kwakhe yikho okwanenga uNzama. “Ngithe uma sengibuyela kuye ngibuza ukuthi ngabe ikhona yini impendulo evela kumshushisi ngalolu daba, uNzama wabe eseguqula ukukhuluma esephika elala ngomhlane ukuthi wathi kunombiko osulungile noma angethembisa wona. Ngathi uma ngigcizelela ukuthi asekusho akulona iqiniso wabe esevala ucingo. Nakhona lapho ngiphindile ngamshayela ngaqhubeka nodaba nagcine ngokuthi angenze engikuthandayo waphinde wavala ucingo kuze kube yinamuhla akakaze abuye kimi noma amaphoyisa nje abuye kimi. Kodwa njengoba ngishilo ukuthi uma unesici kuthathwa ngokuthi awunangqondo kanti bonke ubuhlungu buya enhliziyweni,” kusho uGwala.
Ngokusho kukaMphephethe (abakwaGwala) yize enentshisekelo yokuqhuba lolu daba usezwa ubuhlungu obumangalisayo ngoba njalo uma elusukumela ubuya inqina kamabuyaze kanti futhi unomuzwa wokuthi konke lokhu kuyamhlukumeza umama womfana osengathi njalo lolu daba uma luqalwa phansi uZolani ufa isibili.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLiuetenant Colonel Thulani Zwane ukuqinisekisile ukuthi likhona icala lokufa kwendodana kaGwala elavulwa ngo 2014 epholisiteshi yaseNtshanga.
“Ngokombiko ophambi kwami uphenyo lwamaphoyisa ngokufa kwendodana kaGwala lusaqhubeka kodwa kusaphenywa ngembangela yokufa kwakhe. Uma seluphothuliwe uphenyo, yilapho-ke idokodo liyobe seledluliselwa kuMshushisi ukuze kuboshwe lowo othintekayo ekufeni kwakhe. Kodwa okwamanje akekho osaboshiwe,” kusho uLieutenant Zwane.