Now Reading
Umculo onenkosi phakathi weNkosi yaseMathulini
Dark Light

Umculo onenkosi phakathi weNkosi yaseMathulini

INKOSI yesizwe saseMathulini Ozwathini ngaphansi kukaMasipala uMshwathi enekhono elingandile isibuyele  kwezomculo kamasikandi.

Lokhu kulandela ngemuva kokuthi, iNkosi uMhlabunzima  Mthuli ekhiphe icwecwe lakhe lokuqala elinezingoma ezili-11 elibonakala lizoshisa izikhotha endimeni kamasikandi.

Phakathi kwamanoni ezingoma eziqukethwe kuleli cwecwe elithi Zonda Masiniya kukhona nekhuluma ngowayenguKhomishana wezamaphoyisa kodwa osewaxoshwa, uGeneral Bheki Cele kanye nethi Msholozi.

Kulena ekhuluma ngoNdosi, iNkosi uMthuli inxusa uMengameli wezwe uMhlonishwa uJacob Zuma ukuba abuyisele esikhundleni uNdosi ngenxa yokwanda kwezigameko zobugebengu ezweni.

Kuleli cwecwe uvele uzizwele ukuthi inkosi uMthuli ayisilo ivukana kwezomculo ngendlela elihlabahlose ngayo  nezwi layo elimtoti elifana ncamashi nelikaPhuzekhemisi. Izintambo zona uzincinza sengathi isiginci wasifundela emathuneni.

Ibuzwa iNkosi uMthuli ukuthi ikuqale nini ukucula ithe empeleni umculo kamasikandi izalwe nawo futhi uyinto esemizweni yayo. “Ngiqale ukucula ngisengumfana omncane ngeminyaka yama-70 kodwa ngalesi sikhathi ngasuke ngaphazanyiswa ukuthi kumele ngigxile esikoleni saMakhosi engangifunda kuso.

INkosi uMthuli ithi kuthe ngowe-1994 yafudukela eGauteng ukuyoqhuba khona umculo wayo nokuyilapho ifike yazivulela khona inkampani yokuqopha eyayibizwa ngeHlophe’s Recording Company. “Le nkampani yami yagcina iwile ngenxa yokuthi ngaphoqeleka ukuba ngigxile ezindabeni zesizwe njengoba kwasekufanele ngehle ngenyuka  ngiyosayinda amaphepha okulethwa kwentuthuko okubalwa nokwakhiwa kwezindlu zomxhaso.

See Also

INkosi uMthuli uthi manje usebuye ngokugcwele emculweni futhi akasaboni ukuthi kukhona okusayomphazamisa. “Phela umculo yinto esegazini kimi. Ezinye izingwazi esengike ngacula nazo kubalwa noMnu uMfiliseni Magubane,” kuqhuba iNkosi uMthuli.

Engomeni ecula ngoMsholozi, inkosi uMthuli ithi uZuma akathule yize kudlalwa ngaye.

Ezinye izingoma eziqukethwe kuleli cwecwe kukhona uMfana kaDangala, uMayengwayo, uTshwala, Isimanga, Imbamba, uMoloMolo, uNtaba Dilika nethi eSoweto.

Scroll To Top