Umama uNomzamo Mandela isigomagoma somzabalazo


Akazange adikize nqulu ngokwakumvelela ehlushwa, eboshwa, edingiswa
Langa laseBhizana elakhanya ebumnyameni kwalasha, Umlando owaqoshwa ngothando, Umgqilazi wabaphathi bobandlululo, Ubuhle bakho obafihlwa ngezimbali, Imbokodo eyahlephula isitini ukuz’ siphume odakeni, Wena ukuhleka kwakho okuyintokozo kithi, UMathoba wenxeba njengodokotela, Uliculo lethemba, Uyisikhukhukazi esimaphikomade, Nkomazi esincela kuyo ukuze sithole ulwazi, Besesithola izithelo, Nhliziyo eyandlalwa ezintabeni ukuze zonk’ izizwe ziyokubona, Zivunguvungu ezidlule ngomthandazo, USonhlalakahle owaqopha umlando, Ungowokuqala eBharagwana, Isivakashi sasePollsmoor naseRobben Island, Kwakhala ngisho amatshe athi, Ingelosi ayinakunyenyeza, Uthando loyiveza bojeza, Wabeletha ithemba laseBraamfort, Kwaphenduka ithaveni yab’ umtholampilo, Amandl’ angangesibhakabhaka nolwandle, Ntaba zaseTranskei zamemeza kwananela noKhahlamba. UNomzamo inkosazana kaColumbus, Inkosazana eyashay’ induku, Kwakhal’ amadoda athi: Kwenzenjani?
UMAMA Wesizwe, iNkosazana uNomzamo okaMadikizela Mandela odume umhlaba jikelele ngelikaMama uWinnie Mandela. Ungumuntu onomlando onothile futhi novusa uhlevane uma ubheka usizi abhekana nalo ngenkathi ezinikele emzabalazweni wokukhulula aboHlanga emaketangweni kahulumeni wobandlululo.
Kepha ngaphambi kokungena emlandweni kaMama. Ngifisa ukuveza umlando weNdlovukazi uYaa Asantewaa. INdlovukazi Yaa Asantewaa ezala iNkosi yesizwe samaJisu ngaphansi koHlanga lwama-Ashante ezweni laseGhana. Ngaleso sikhathi, izwe labo lalibuswa ngamaNgisi. AmaNgisi ayelwisana kakhulu nama-Ashante, ebaphuca izimayini zabo ezikhiqiza igolide, ephoqa nabantu besizwe ukuba bakhokhe intela embusweni wamaNgisi. Ngonyaka wawo-1896, iNkosi yamaJisu kanye neNgonyama yama-Ashante uPrempeh wokuqala badingiswa ngumbuso wamaNgisi badingiselwa esiqhingini iSeychelles. Abantu abangama-Ashante baqala balwisana kakhulu nombuso wamaNgisi, lokhu kwaphinde kwafuqwa isimemezelo esenziwa ngumbusi uFrederick Hodgson owathi kumele isizwe sama-Ashante sinikezele ngesihlalo sobukhosi bama-Ashante esasakhiwe ngegolide. Kwathunyelwa uKapteni uC.H. Armitage nebutho lakhe ukuba bacinge lapho isihlalo esifihlwe khona.
Emva kokuthi leli butho lika-Armitage libhubhise izindawo eziningi, kulimala abancane nabadala lagcina selithathe nesihlalo, onke amakhosi ayekhonze ngaphansi kombuso weNgonyama yama-Ashante abanomhlangano ophuthumayo eKhumasi, lapho nendlovukazi uYaa Asantewaa yayikhona. Amakhosi ayedingida ukuthi azosilanda kanjani isihlalo nanokuthi azolwisana kanjani namaNgisi. Indlovukazi yabona ukuthi kwakunamakhosi ayesaba ukulwa namaNgisi, ephakamisa ukuthi kungcono kuyokhulekwa embusweni wamaNgisi kucelwe ukuba ubuyise isihlalo sabo sobukhosi. Kulapho indlovukazi yasukuma bengalindele, yathi:
“Manje sengiyabona ukuthi abanye benu banetwetwe lokulwela inkosi yesizwe. Ukube kuseyizinsuku zamaqhawe afana no-Osei Tutu, u-Okomfo Anoyke no-Opaku Ware, amakhosi ayengeke asoze ahlale phansi kuthathwe iNgonyama yabo engagadlanga ngisho nakanye. Akukho ndoda emhlophe eyayingalokotha ikhulume namakhosi aseNdlunkulu yama-Ashante ngendlela leliya Ngisi elikhulume ngayo nani makhosi namuhla ekuseni. Ngabe kuyiqiniso ukuthi isibindi sama-Ashante kasisekho? Angikukholwa lokhu futhi angeke kwenzeke. Ilokhu engizokusho, uma nina madoda akwa-Ashante ningeke niye phambili, sizoya-ke thina. Thina besimame sizoya. Ngizohlaba umkhosi kubobonke abesimame. Sizolwa nalamadoda amhlophe, sizolwa nawo size sisale sonke enkundleni.”
Lokhu kukhuluma kwendlovukazi kwavusa uhlevane emakhosini kwavunyelwana ngokuthi isizwe asiphake impi. Ama-Ashante alwa kakhulu namaNgisi, beholwa yiyo indlovukazi kanye namanye amakhosi okwaze kwaholela ukuthi indlovukazi nabanye baboshwe ngamaNgisi abadingisela eSeychelles, indlovukazi uYaa Asantewaa yakhothamela khona ngonyaka we-1921. Iphupho lakhe lokuthi ama-Ashante athole inkululeko lafezeka ngonyaka we-1957. IGhana kwaba izwe lokuqala ezwenikazi i-Afrika lokuthola inkululeko.
Ngithi akengiveze lo mlando ngoba indlovukazi uYaa Asantewaa inomlando ocishe ufane noMama Wesizwe, unkosikazi uWinnie Madikizela Mandela, kanti uphinde uveze amagalelo abantu besimame ekukhululekeni kwe-Afrika njengoba kuyinyanga yabesimame. ENingizimu Afrika, ikakhulukazi uma uhamba izindawo ezingamalokishi, kuyamangaza indlela abantu abamhlonipha ngayo uMama Wesizwe kanye nemilando anayo emalokshini ahlukahlukene. Ngibala iThokoza, iThembisa, i-Alexander, iLamontville, iNanda nakwaMashu kanye nezinye eziningi zonke zinomlando eziwuxoxayo ngaye. Abantu uma bemchaza, bamchaza njengomuntu ohlakaniphile, onesibindi futhi onobuntu. Wayenobuchule futhi ezibambela engakukhonzile ukuthumela.
UHulumeni wobandlululo wazama ukumvimba ngengalo yomthetho ukuze angaxhumani nabantu ngenxa yokuthi intsha yaboHlanga yayimthanda kakhulu, imlalela futhi imhlonipha kanti naye wayeyihlonipha kakhulu intsha, eyinika indawo yawo. Waqhubeka nomshoshaphansi wokulwisana noHulumeni wobandlulo. Walwa ngazo zonke izindlela ayekwazi ukulwa ngazo noHulumeni wobandlulo, kulapho azithola eseboshwa, okwagcina ngokuthi aboshwe yedwa engavunyelwe ukubonana okanye ukukhuluma namuntu, konke lokhu kwakwenzeka iningi lalabo ekuthiwa ngabaholi namuhla bengabonwa nangokhalo.
Encwadini eyabhalwa owayenguMengameli wezwe uMnu uThabo Mbeki mhla zingama-31 kuMfumfu ngowezi-2008 eyayibheke kuMengameli wezwe uMnu uJacob Zuma, uZizi wathi “Ngenxa yomzabalazo emhlabeni jikelele wokuba kukhululwe iziboshwa zepolitiki, inhlangano yathatha isinqumo ngamabomu sokusebenzisa uNelson Mandela kanye nomlando wakhe ukuba abengubuso bazo zonke iziboshwa, sisebenzise amagalelo akhe kwezepolitiki kanye nokuhlukunyezwa kukankosikazi wakhe uWinnie Mandela, ukuze sizokhombisa umhlaba wonke ukungcola kukaHulumeni wobandlululo.”
Ukungcola kukaHulumeni wobandlulo kwagqama kakhulu ngezehlakalo uMama Wesizwe abhekana nazo. Ngenkathi oMnu uMbeki bemasha ezitaladini zaseLondon kwelamaNgisi, uMama Wesizwe wayemasha eqonde eJohn Vorster Square yodumo. Iningi labantu abamaziyo uMama bathi ngaleziya zikhathi, wayengumvikeli wabo, ewumama ewubaba kwabanye, engusisi, ewumbele wethemba kanye namandla, yingakho baze bamnqamba ngoMama Wesizwe. UMama wayekwazi ukuhlupheka nosizi lwabantu, walandela igama lakhe uNomzamo, wazama ngakho konke okwakusemandleni akhe ukukhulula isizwe.
Kuyisibusiso ukuthi iThongo Elikhulu lisamgcinile ngoba lokhu kunika intsha yaboHlanga ithuba lokuthi ifunde kuye. Kuhle umlando wakhe ungacindezelwa yilabo abanamahloni okungaqondakali. Kepha kumele intsha inikwe ithuba lokuba ifunde ngaye ukuze naye njengendlovukazi uYaa Asantewaa yaseGhana, lifezeke iphupho lakhe lokubona abantu ayebalwela bekhululekile ngokweqiniso.
Ngutyana, Msuthu, Msengeshe, Umakhal’ endlovu umalandelwa zintombi zithi: ‘Ndizeke noba ungenankomo!’