Yimalini le abazoba ngamakhansela abayifelayo?
Muva nje ukuba yikhansela sekunemihlomulo ebhekile kanjalo namandla okuthatha izinqumo ngamathenda. Lezi zizathu zingezinye ezidala abantu baqome ukubulala abanye abazongenela ukhetho.
SELOKHU kuqale lo nyaka kugeleza igazi eNingizimu Afrika ikakhulukazi KwaZulu-Natal ngenxa yalokho okubikwa njengemibango lohlu lwamagama alabo abasuke bengenele ukhetho. Okushaqise kakhulu yimibiko ethi nalowo ophathiswe ezokuphepha kuleli uMhlonishwa uNathi Nhleko eveza umuzwa wokuthi lo mbango oqale ungowezikhundla usungenelwe nayizinkabi ezisetshenziswa ukucoboshisa. UMhlonishwa uNhleko ucashunwe ethi alinganiselwa ngaphezulu kwama-20 amacala avulwe kuSouth African Police Service (SAPS) aphathelene nemibango yezikhundla komasipala bakuleli. Kula macala, ali-14 ngawokuzama ukubalula nokubulala.
Amanye ngawokwesabisa, owokudala udlame emphakathini, awokucekela phansi impahla nawokuphatha izibhamu ezingekho emthethweni.
IKwaZulu-Natal ihamba phambili kulezi zehlakalo njengoba abantu asebebulewe belinganiselwa ngaphezu kwabali-14. Umbuzo osalayo kulokhu ngothi ngabe yimali noma yini lena ebangwayo negcina ifelwe. Yize abanye beyikhomba kumathenda kepha okunye okucacayo wukuthi ubukhansela lobu sebuyitoho elondla imindeni eminingi kuleli ngakho abantu sebezidelile ekutheni kungafa ofayo.
NgokoMthetho Wemihlomulo Yabasezikhundleni Zokusebenzela Umphakathi (uMthetho 20 we-1998) (Remuneration of Public Office Bearers Act (Act No.20 of 1998) [RoPOBA] woMnyango Wezokubusa Nokubambisana kanye Nezindaba Zomdabu (Cooperative Governance and Traditional Affairs) [COGTA], simi kanjena isithebe samalungu emikhandlu kuleli:
Ngokwalo Mnyango, omasipala eNingizimu Afrika bacazwe kusukela esigabeni sokuqala kuze kuyoshaya kwesesi-6.
Omasipala ababekwe esigabeni sokuqala ilabo abancane, abangakwazi ukuzenzela imali kodwa abathembele kuHulumeni cishe ngakho konke.
Lokhu kusho amalungu emikhandlu yawo, okuyizimeya, amakhansela, osomlomo, amalunga amakomidi ezimeya nabanye bahola kancane.
Amalungu omasipala abasezigabeni eziphezulu bahola kangcono ngenxa yokuthi ababo (omasipala) bayakwazi ukuzenzela imali. Ikakhulukazi labo masipala babizwa ngamametro.
Kulesi sithebe izimeya kuleli eziphethe omasipala abasesigabeni sokuqala, ngonyaka zihola isamba esilinganiselwa ezi-R689 087, osomlomo namasekela ezimeya (R 551 266) osihlalo bamakomidi ezimeya (R516 811) bese kuthi amakomidi abizwa ngamasection 79 agoduke nezi-R482 357.
Esigabeni sesibili, izimeya (R709 765), osomlomo namasekela ezimeya (R567 812), osihlalo bamakomidi ezimeya (R532 323) bese kuthi amakomidi abizwa ngeSigaba 79 amalungu awo ahole izi-R496 835.
Esigabeni sesithathu, izimeya (R758 012), osomlomo namasekela ezimeya (R606 410), osihlalo bamakomidi ezimeya (R568 510) bese amakomidi abizwa ngeSigaba 79 amalungu athola imihlomulo yezi-R530 608.
Esigabeni sesine, izimeya (R787 061), osomlomo namasekela ezimeya (R629 647), osihlalo bamakomidi ezimeya (R590 296) bese amakomidi abizwa ngeSigaba 79 amalungu athola imihlomulo yezi-R550 942.
Esigabeni sesihlanu, izimeya (R921 912), osomlomo namasekela ezimeya (R737 529), osihlalo bamakomidi ezimeya (R691 433) bese amakomidi abizwa ngeSigaba 79 amalungu athola imihlomulo yezi-R645 339.
Esigabeni esiseqhulwini sesi-6, izimeya ngonyaka zigoduka nesi-R1 242 409, osomlomo namasekela ezimeya (R1 003 393), osihlalo bamakomidi ezimeya (R940 680) bese amakomidi abizwa ngeSigaba 79 amalungu athola imihlomulo yezi-R877 968.
NgokweRoPOBA yoMnyango iCOGTA, izimeya amalungu omkhandlu abambe okwesikhashana ahola kanje:
Esigabeni sokuqala, izimeya zesikhashana ngonyaka zigoduka nezi-R380 79, osomlomo namasekela ezimeya (R304 632), osihlalo bamakomidi ezimeya (R285 594), amakomidi abizwa ngama-section 79 (R 266 553) bese amanye amalungu agoduke nezi-R207 455.
Esigabeni sesibili, izimeya ngonyaka zigoduka nezi-R392 221, osomlomo namasekela ezimeya (R313 776), osihlalo bamakomidi ezimeya (R294 166), amakomidi abizwa ngeSigaba 79 (R274 555) kuthi amanye amalungu athola imihlomulo yezi-R213 939.
Esigabeni sesithathu, izimeya ngonyaka zigoduka nezi-R418 883, osomlomo namasekela ezimeya (R335 106), osihlalo bamakomidi ezimeya (R314 168) bese amakomidi abizwa ngeSigaba 79 (R293 217) bese amanye amalungu athola imiholo eyizi-R228 481.
Esigabeni sesine, izimeya ngonyaka zigoduka nezi-R 434 935, osomlomo namasekela ezimeya (R347 947), osihlalo bamakomidi ezimeya (R326 201), amakomidi abizwa ngeSigaba 79 (304 454) bese amanye amalungu athola imihlomulo yezi-R237 236.
Esigabeni sesihlanu, izimeya ngonyaka zigoduka nezi-R509 454, osomlomo namasekela ezimeya (R407 564), osihlalo bamakomidi ezimeya (R382 091), amakomidi abizwa ngeSigaba 79 (R 356 618) bese amalungu athola izinkulungwane ezingama-R277 883.
Esigabeni sokugcina sesi-6, izimeya ngonyaka zigoduka nesi-R693 101, osomlomo namasekela ezimeya (R586 335), osihlalo bamakomidi ezimeya (R519 826), amakomidi abizwa ngeSigaba 79 (R485 172) bese amanye amalungu agoduke nezi-R441 064.
Amalungu omkhandlu aqashwe ngokuphelele abuye athole neminye imihlomulo efana nokuthi uma ehambele imihlangano kahulumeni ngosuku athola amakhulu ayisi-R962.
Eminye imihlomulo etholwa amalungu emikhandlu aqashwe ngokuphelele nokwesikhashana, kuba ngama-25% wokukhokhela izindleko zokuhamba kwawo.
Nokho uma kusetshenziswe izimoto zomkhandlu awakhokhelwa le mali.
Omunye, ngenyanga kuba ngokamakhalekhukhwini oyizi-R3 485 kumalunga omkhandlu aqashwe ngokuphelele. Kwawesikhashana kuba yi-R1 739.
Amalungu omkhandlu abuye abe nokuzikhethela ekutheni imihlomulo yezindlu ingena emiholweni noma iyazimela. Imali yempeshini engamaphesenti ali-15 neyizi-2/3 yokwelashwa (medical aid) ifakwa emholweni.
Amalungu emikhandlu abuye agixabezwe ngemishwalensi egada uma elimala wona uqobo noma izindlu zawo, amabhizinisi awo uma kunemibhikisho yomphakathi. Le mishwalensi ifinyelela esigidini nengxenye samarandi (R1.5m) ngesikhathi yokugada impahla, neyempilo, nokukhubazeka.