Ukuzeya nokuzenyeza akusiso isinongo kwezomnotho


UMUNTU ukhula zonke izinsuku, futhi ufunda okusha ezimweni ezahlukahlukene. Kuyaye kuthi uma ngizihambela nje ngezimpelasonto ngibone izinsizwa zimi ezimpambanweni zemigwaqo zilindele umuntu odinga ukwenzelwa umsebenzi. Kuthi uma kuma imoto uzibone zisondela zinethemba lokuthi lowo osuke ema uzozithatha zithole amasentshana alolo suku. Kuhle ukubona abantu abalangazelele umsebenzi.
Kunolunye-ke uhlobo lwabantu abema ezimpambanweni zomgwaqo bakhangeze becela ukuphiwa. Kujwayelekile ukuthi kube ngaboHlanga nabo laba. Ngelinye ilanga ngangidinga umuntu ozongelekelela emsebenzini othize ngizimisele ukumkhokhela. Ngabona insizwa imile ezimpambanweni zemigwaqo ikhangeza, ngayazisa isicelo sami, yavele yashingila yahamba. Ngazama kwenye impambano yemigwaqo, nenye insizwa yenza okufanayo. Kwaba sobala ukuthi laba abafuni ukusebenza kodwa bafuna imali. Bayakudinga ukunakwa kodwa bona abafune kunaka muntu. Lolu hlobo lwabantu luyanda, olwazisa ukuthi luyahlupheka, kodwa uthi uma uveza umsebenzi lubaleke luzephule.
Baningi abantu abakuveza ngezindlela eziningi ukuthi bayahlupheka. Noma ufunda izincwadi zomlando ziyasitshela ukuthi aboHlanga bahlushiwe kakhulu becindezelwe. Uma uya emicimbini noma ufunda izincwadi ezithile ziyasazisa futhi zisikhumbuze ukuthi, njengesizwe siyinzalo yabantu abahlupheka. Baningi-ke abakugqokayo lokhu kuhlupheka, baze badinge ukudatshukelwa. Kungabe ngokuzazi ukuthi uyahlupheka liyehla izinga lakho lokuzithanda nokuzethemba? Kungabe ngokutshelwa kuphindelelwe ngezindlela ezahlukene ukuthi uyahlupheka ugcina nawe sewudabukisa? Kungabe ngokutshelwa ukhunjuzwa ukuthi uyahlupheka nawe ugcina sewamukela noma yini oyinikwayo? Kusibeka kuphi isithunzi sakho njengomuntu ukuhlala njalo ukhangezwa? Kukubeka kuphi ukuhlonipheka kwakho? Kuwubeka kuphi umqondo wakho? Kungabe uhlupheke ngempela?
Kuthi mangithi kubalimazile ngandlela thile aboHlanga ukukhunjuzwa isikhathi eziningi ukuthi babecindezelwe behlushwa, kodwa zingabi ziningi izinhlelo ezibakhumbuzayo ukuthi bangayiguqula impilo yokuhlupheka. Ngendlela okushiwo ngayo omunye umuntu lokhu kumenza ahlale phansi azitshele ukuthi abantu bayazi ukuthi ubehlupheka. Kunenkondlo eyabhalwa nguD. Phungula ethi: Laba Bantu Bayahlupheka. Uthi: “Laba bantu bayahlupheka; Kwasho ijaji lithetha icala, Lathi impela laba bantu bahluphekile. Imithetho yesilungu ibaxakile, akusenandawo lapho bengalahlelwa khona…..Okwakungabanikazi bezwe kuqala, sekuyimiduka nje, imihamb’ima. Impela laba bantu bayahlupheka.”
Imibhalo eminingi ikhuluma kanje ngokuhlupheka okubhekene naboHlanga, ingakhulumi ngesixazululo. Izincithabuchopho-ke zithi umuntu ohlala etshelwa ukuthi uyahlupheka ugcina esekugqokile. Ayiminingi imibhalo ekhuluma naboHlanga ngqo, ichaza izindlela abangaphuma ngazo ekuhluphekeni. Akusizi ukubabaza ukuthi iva lingene kangakanani onyaweni, ungalibanguli. Kudingeka izinhlelo ezizobangula iva elihlabe owesizwe asukume azithathe azethembe.
Uma sewaziwa njengesihlupheki, nokungebani kugcina sekwazi ukuthi kuzozidelisa ngawe. Umuntu ophila ngaphansi kwethunzi lokuhlupheka ugcina eyisinokwe okulahlelwa ngakuye konke okungasafunwa yilabo abemi kahle. Uma esekugqoke ngempela umuntu ukuhlupheka ubonakala edlala ngisho izingane, ngoba usuke engenaso isithunzi. Lokhu kuyenzeka nasezingeni lamazwe. Kunemikhiqizo ethile elethwa e-Afrika ngoba bangabantu abahluphekayo abangathatha noma yini ebekwa phansi.
Amanye amazwe athola indawo lapho enokulahla khona imikhiqizo yawo engekho ezingeni, lapha e-Afrika. Phela yithina labo okulahlwa kubo, futhi asiphiwa, kodwa siyakuthenga lokho okulahlwayo. Akugcini ngezinto ezingadliwa kodwa kuyeqa kuze kufike nasemikhiqizweni edliwayo, okuyingozi empilweni yethu. Uma sikwamukela lokhu sithule kugcina kubhebhezela ukulethwa kwalolo hlobo lomkhiqizo. Uma umuntu ekunikeza into sakukudabukela uzizwa unamahloni okuyinqaba ngoba usuke ekhombisa ukukunakekela. Sewukwenzile lokho kuhle ukuzibuza kwesinye isikhathi ukuthi kungabe kuhamba kodwa yini lokhu kudabuka noma bakubona wedelelekile. Kumele ubhekisise ukuthi akeve yini ekunika imvuthuluka esale kuye, noma ithambo ebe eseyidlile inyama!
Le nto ngicabanga ukuthi iqala kancane lapho wamukela izinga eliphansi lokunakekelwa. Uma ubheka amazinga ezitolo ezifanayo noma zenkampani eyodwa, uyawubona umehluko phakathi kwemikhiqizo edayiswa emakhaya naleyo edayiswa emadolobheni. Kwesinye uyawubona umehluko emikhiqizweni edayiselwa aboHlanga naleyo edayiselwa ondlebe zikhany’ilanga. Isuphamakethe eseSipingo ayifani naleyo eseMhlanga. Kuyaye kuthiwe, lapho aboHlanga bebaningi khona kuvamisile ukuthi uthole kubekwe nemikhiqizo eseyithanda ukwedlulelwa yisikhathi, kuthi ezindaweni zomntakabani kuqikekelwe ukuthi kunemikhiqizo emisha. Uma ungumuntu obalwa nezihlupheki, kujwayelekile ukuthi waneliswe noma ungenelisiwe. Kuyaye kuthathwe ngokuthi umuntu wenqena ukuphoxa, bese unikwa noma yini.
Umnotho-ke akusiwo owezihlupheki ezaneliswa yinoma yini. Kumele singene ezinhlelweni ezikhuluma ngamandla alele kwaboHlanga, sikhulume ngezindlela ezahlukene ukuthi angasetshenziswa kanjani kuzuze iningi. Ungazeyi futhi ungazenyezi, noma ngabe awusenalutho kangakanani kumele uvuke uzithathe. Ngokwenzenjalo uyobe ungazisizi wena wedwa, kodwa kuyobuya ukwethenjwa kwaboHlanga nakuwe kuvuke amandla amasha.