Now Reading
Ukuhlekisa kuyingxenye esemqoka ekulingiseni
Dark Light

Ukuhlekisa kuyingxenye esemqoka ekulingiseni

LAPHA eNingizimu Afrika akekho umlingisi owayedume ngokudlala izindawo ezihlekisayo ngokwezinga eliphezulu njengoNdaba Mhlongo. Lokhu wakwenza ngesikhathi lapho icomedy ingakaziwa kahle njengengxenye yokulingisa kuleli. Icomedy iyingxenye enkulu kwezokulingisa kanti umqondisi owasheshe wayibona futhi wakwazi ukuhlobisa kalula ngayo imidlalo yakhe yeshashalazi kwaba uGibson Kente. Phesheya kwezilwandle uShakespeare nguyena owaziwa kakhulu ngemidlalo yakhe engamacomedy neyayisetshenziswa kakhulu ngezikhathi zobunzima kwelamaNgisi. ENgilandi kunalomlingisi owaziwa ngoCharlie Chaplin okunguyena owayithatha indlela yokulingisa ngokuhlekisayo wayibeka phezulu, yize kwakungekho zinhlamvu ayeziphimisa konke ekwenza buthule edle ngeminyakazo ekuhlekisa uze ubhuquze. Wayephelezelwa imisindo ethile. Lokhu wayekwenza elandela indlela noma isu lokulingisa elaziwa ngokuthi imime. Olandele ezithendeni zikaChaplin kube uRowan Atkinson nowaziwa kakhulu njengo‘Mr Bean’.

Umlando wecomedy njengengxenye yokulingisa usukela kudala ngezikhathi zaseGreece nalapho yayidume kakhulu imidlalo enokuhlekisa phakathi. Lokhu kwakudume kakhulu ngezikhathi zokwenziwa kokhetho kuleliya lizwe ngezikhathi zombuso wama Athenians eGreece nalapho icomedy yayihamba phambili uma sekukhankaswa, isetshenziswa ukuheha abavotayo. Kuqhubekile lokhu ngisho nangesikhathi seRoman Empire nalapho icomedy yaqala isixuba nokusetshenziswa kwezinkondlo ezinesiphetho esihle nesihlekisayo.

Ikhule kakhulu icomedy kwezokulingisa ngisho kwezingqayi nethelevishini – nalapho abakhiqizi bakwaDisney beyisebenzise kakhulu icomedy ikakhulu uma benza imisebenzi yezingane neyayaziwa ngamakhathuni noma i-animation. Imidlalo eminingi egcwele eBroadway nakoWest End iqukethe kakhulu icomedy ukuyihlabahlosisa nokwenza ababukeli baye ematheatre bephindelela.

Kubalulekile nokho ukugcizelela ukuthi icomedy ikhule kakhulu kwaze kwavela nemikhakha ezimele ngaphansi kwayo nokuyiyona esidume kakhulu manje neyaziwa ngestand-up comedy. Amaciko afana noSimphiwe Shembe yiwo ayigqamise kakhulu kulesi sifundazwe sakwaZulu-Natal kwase kuthi uMonwabisi Grootboom yena wayithatha wayibeka kwelinye izinga ngokuqhamuka nomsebenzi awubiza nge-99% Zulu Comedy nokuyiyo eveze osomahlaya abaningi ngokubanika ithuba. Ngisho nale nsizwa yaseSoweto esiphesheya uTrevor Noah ivele kaningana ku-99% Zulu Comedy kaGrootboom.

Emakhaya uma kuhlatshiwe kujatshulwe kubakhona nje abantu bendawo abaziwayo ukuthi bengakafiki umcimbi usuke ungakapheleli ngenxa yokuthi uma sebeke bashaya zazimbili zazintathu izinkezo bahlekisa kube sengathi bakuthwalela ukuhlekisa – abanye ngokukhuluma kwabo nje, kanti abanye ngezenzo zabo – kwenze nomcimbi ubemnandi kakhulu.

UMnu Vusi Ximba naye ungomunye wabaziwayo ngokuqhulula amahlaya akitazayo. Yena waziqalela ngokuzinandisela emgwaqeni yaseThekwini waze wagcina eqophile – kade awakhe amahlaya ayehambisana nomculo ecancatha inkositini evusa usinga. Ugcine esehlangene nomunye usomahlaya owaziwa ngoMakitaza (negama liyazisho nje) abuye aziwe ngoNtomb’nkulu!

See Also

Kwezethelevishini ngeke uyixoxe indaba yokulingisa okuyicomedy  ungazange  ukhulume ngeSgudi ‘s Snayisi kaMam’ uThembi Mtshali noJoe “Sdumo”Mafela. Kanti nesitcom (situation comedy) yo-Emzini Wezinsizwa nayo ifike yabamba elikhulu iqhaza ibeka ukulingisa okuyicomedy kwelinye izinga kuleli.

Umdlalo weshashalazi kaMbongeni Ngema i-Asinamali yize yayixoxa ngesimo esibucayi sentela eyayime kabi aboHlanga eLamontville kodwa yayixoxwa ngokusebenzisa wona umunxa wecomedy kwezokulingisa nokwakwenza abantu bayithokozele kakhulu.

Mhlawumbe ukuqhamuka nemidlalo eminingi enecomedy phakathi kungenza nabathandi beshashalazi bathutheleke ngobuningi njengoba iyinto ethandwayo kuleli. Kanti kulezi zinsuku icomedy igcwele yonke indawo ngisho nasemasontweni imbala – angisaphathi-ke kwezepolitiki nakwezokuxhumana ngamaselifoni.

Scroll To Top