Now Reading
Semukela uNgqongqoshe omusha kwezobuciko
Dark Light

Semukela uNgqongqoshe omusha kwezobuciko

NGELEDLULE isifundazwe iKwaZulu-Natal eMnyangweni Wezobuciko sizithole sesinoMphathiswa omusha uMhlonishwa uNkk uBongi Sithole-Moloi ongene esikhundleni sikaNkk uNtombikayise Sibhidla-Saphetha.

UMphathiswa uNkk uBongi Sithole-Moloi okewaba iMeya yoMgungundlovu District Municipality ungena emnyangweni onezinselelo zokufukula imboni yezobuciko ibonakale nayo iba ngebamba iqhaza elibonakalayo ekufukulweni kwezomnotho kulesi sifundazwe ngaphansi kweMzansi Golden Economy Strategy.

Enye inselelo azobhekana nayo eyokusebenzela ukunyuswa kwesabelomali salo mnyango sibe ngesinikeza lo mnyango isithunzi ukuze ukwazi ukumelana nemisebenzi enohlonze esifundazweni. Lokhu kuzokwenza ukuthi kungalokhu kuculwa ukuthi lesi sifundazwe siyinhliziyo yezobuciko kuleli lizwe kodwa kungekho okubambekayo okutshengisa lokhu ngaphandle kokubalisa ngokuthi iGoli linone ngamaciko akulesi sifundazwe.

Eminyakeni embalwa edlule kwake kwaba nomkhankaso wokubuyisa amaciko aKwaZulu-Natal ukuba azosebenzela “ekhaya” nokwashayelwa ihlombe elikhulu kodwa kwathi esebuyile abuye abuyela eGoli ngenxa yokunganakwa esese”khaya”. Kamuva nje kuke kwamenyezelwa ukuthi amaciko ngeke esaqashwa emicimbini kahulumeni wesifundazwe nokuwakhalise kakhulu amaciko ngokuthi njalo uma kucatshangwa ngokujuqulwa kwezimali kuqalwa ngawo nokuveza isithombe esibi sokuthi kwangathi awabalulekile emehlweni kaHulumeni. Lokhu kuze kwaholela nakumashi ebiholwa inyunyana yamaciko iCultural Workers’s Union of SA (CWUSA) nalapho amaciko akhala kakhulu khona ngokuthi ngisho-ke eseqashiwe wona akhokhelwa ngomhla wama-“90” enyangeni noma ngoba eselwa.

Kubalulekile ukuthi kwenziwa izimemezelo zesekwe izinhlelo nezifaka ukubambisana namaciko ukuze kungabi nezinkinga uma sekuyiwa phambili. Lokhu kuzomele akubhekelele uMphathiswa uSithole-Moloi ukuze inqola iye phambili kahle.

Kuyinselelo enkulu kulesi sifundazwe ukuthi namanje amaciko awakwazi ukufaka izicelo zokwenza imidlalo yeshashalazi enohlonze emnyangweni wawo. Abakhiqizi bemidlalo yeshashalazi abakwazi ukuqasha amaciko isikhathi eside ngenxa yale nselelo nokwenza abalingisi balesi sifundazwe bazithole sebeyoqhakazisa ezinye izifundazwe. Kuyomele ake ayibukisise le nto uNgqongqoshe yokusungula umklamo wemali lapho amaciko angabakhiqizi angakwazi ukufaka izicelo khona. Amaciko ase-USA noma e-England awahlupheki ngokuhlela imisebenzi yawo yezobuciko ngoba ayazi kunomnyango owamukela izicelo zemisebenzi yawo ikakhulukazi eyeshashalazi, yingakho iBroadway neWest End ihlale njalo iphithizela ngemisebenzi ephambili yobuciko nokwenza kudobeke izivakashi eziningi kulezi zindawo kusizakale ezokuvakasha kanye nabezemfashini.  IKZN ingakwazi ukwenza lokhu ngoba ikhono elilapha liyesabeka.

Awucabange nje, kunamamusical ahlotshiswe ngamaciko athandwayo akulesi sifundazwe afana noLeleti Khumalo, uKhanyo Maphumulo, uFaca Khulu, uDawn King, uNomzamo Mbatha, uPhuzekhemisi, uHlengiweMhlaba, uKhuzani, uMakitaza, uTira, uMbuso Khoza, uBrenda Mhlongo namanye amaningi! Akekho ongeke afune ukuya ematheatre athenge ithikithi ayobuka la maciko. Kodwa ngaphandle kwemali ebhekele lolu hlelo, ngeke kwenzeke lokhu. Uma ubheka iLion King Musical nesiqashela amaciko ethu ikakhulukazi kulesi sifundazwe yasungulwa ngemali eyizigidi ezingama-R70, namhlanje iLion King izimele kanti seyisabalele umhlaba wonke, injalo nje iqasha abalingisi abayisi-8 baseNingizimu Afrika imusical ngayinye. Awucabange nje bonke laba balingisi sebesebenza lapha ekhaya ukuthi ingakhula kanganani imboni yezobuciko kuleli!

Enye inselelo kaMphathiswa wezobuciko ukwelekelela ngesabelo mali esibhekile kumaCommunity Arts Centres esifundazwe nenza omkhulu umsebenzi ekuvumbululeni amaciko, awaqeqeshe aphinde awaveze ethi eyongena kule mboni abe esenalo ulwazi. Kodwa iningi lamaCommunity Arts Centre lidonsa kanzima lize lilahlakelwe ngisho abasebenzi abanohlonze ngenxa yompataniso wezimali. Kubalulekile ukuthi umnyango wezobuciko kewuwabuke ngenye indlela amaCommunity Arts Centres ngoba ilapho zonke izinto zobuciko ziqala khona.

See Also

Enye inselelo okumele uMphathiswa abhekane nayo eyokuqikelela ukuthi umkhankaso obusuqalile wokwenziwa kwe-Arts & Culture Academy uyaqiniswa ngoba uzoza nolukhulu usizo emacikweni ngenxa yokwehluleka kwezikhungo zemfundo ephakeme ukuqeqesha amaciko adingwa imboni. Le Arts & Culture Academy ingaba isixazululo esikhulu uma ihlelwa ngokuyikho futhi iqonda ukuthi imboni yezobuciko idingani.

Umphako wokugcina kuMphathiswa ukusiza ekuhlelekeni kwemboni yezobuciko ikakhulu uma sekuziwa kwezokuhola kwamaciko. Kuyihlazo ukuthi le mboni seyedlulwa abasebenzi basezindlini, abasemapulazini ngisho nasematekisini imbala lapho sekwaziwa khona ukuthi umsebenzi kumele aqalwe kuphi ngomholo. Lokhu kudinga ukulawula uHulumeni ngokubambisana namaciko ukuze kugwemeke ukuxhaphazeka kwamaciko. Imboni yezobuciko kuseyiyona kuphela esenobuhlathi obuningi uma kuziwa ngasezimalini ngenxa yokungabibikho kohlelo lukaHulumeni oluyilawulayo. E-USA kuyaziwa ukuthi umlingisi oku-A List akakhokhelwa ngokufana nokuB-List nosaqalayo okuB List! Ngale ndlela akukho kangako ukuxhaphazeka kwamaciko nokuwakhokhela noma yini njengoba kwenzeka kuleli! Kuleli kungena noma ubani kwezobuciko uma nje esethole imali uba umkhiqizi (producer) nomqashi engazilutho nangemboni yezobuciko!

Likhulu ithemba lokuthi uMphathiswa uSithole-Moloi uzoza nezinguquko ezingajabulisa amaciko nemboni yezobuciko KwaZulu-Natal.

Scroll To Top