Usengumlando uCameron
by Bayede News
June 24, 2016
Imiphumela yokhetho ifake iningi ehlazweni ngoba kayiyanga lapho obekulindeleke ukuba iye ngakhona
‘Abantu sebekhulumile’ lokhu ukukhuluma okuphinyiswa cishe yiwo wonke umuntu kwelamaNgisi njengoba nembala abavoti bethe iUnited Kingdom kayiziqhelelanise ne-European Union. Lokhu kuvota kuhambe nesikhundla sikaNdunankulu waseBritain, uMnu uDavid Cameron osule emuva nje kokuphuma kwemiphumela. Lomphumela ubukeka wehlise izihlathi kuwo wonke amagumbi amane omhlaba ngoba bekunenkolelo yokuthi imiphumela izoba ngokunye. Nokho akuyena yedwa uMnu uCameron owembuleke izinqe kepha namaqembu ezepolitiki amakhulu kuleli yazwe kanye nosomabhizinisi. Ngisho oMengameli nabaholi bamazwe abafana noMengameli uObama nakubo kube yileso ngoba bebethwele uMnu uCameron ngeqoma njengoba ebehola umkhankaso wokuthi izwe lakhe alingaphumi kwi-European Union.