Akubona bonke abeneme ngolukaMchunu


UNOBHALA wamaKhomanisi KwaZulu-Natal kanye nomhlaziyi wezepolitiki bakhala ngetulo abathi lakhelwe obenguNdunankulu weSifundazwe ngenhloso yokumgudluza esikhundleni.
Lokhu kulandela ngemuva kokuvela kwezindaba zokuthi, ubuholi be-African National Congress (ANC) KwaZulu-Natal bumbeke amacala ayisithupha ukugumdluza esikhundleni, uMhlonishwa uSenzo Mchunu. Kumanje uMchunu sekuthiwa usezojutshelwa ePhalamende Likazwelonke.
Phakathi kwala maphuzu ayisithupha asentshenziswe njengesizathu esinqala sokumsusa kubandakanya izinsolo zokuthi uMhlonishwa uMchunu udala ukuba kungasebenzeki kahle ezinhlakeni zikaHulumeni ngenxa yokuthi ugxambukela eminyangweni yabanye abaphathiswa, uyimbangela yokwehlukana ezinhlakeni ze-ANC, uhlangene nezitha ezilwisana ne-ANC.
UNobhala wamaKhomanisi KwaZulu-Natal, uMnu uThemba Mthembu utshele iBAYEDE ukuthi wonke la macala abekwe wona bekuynto eyakhiwe ukuze asuswe esikhundleni.
“Kuyaxaka lokhu asebekusho ngoMacingwane ngoba zolo lokhu ngesikhathi kwethulwa isabelomali kuSishayamthetho, ubuholi be-ANC bumncome kakhulu uMacingwane ngokuthi usilawula kahle iSifundazwe. Manje sekuqhamuka kuphi ukuthi udala ukwehlukana ezinhlakeni ze-ANC, nokuthi ugxambukela eminyangweni yabanye abaphathiswa,” kusho uMnu uMthembu.
Nomhlaziyi wezepolitiki KwaZulu-Natal, uMnu uProtas Madlala naye uhambe emazwini kaMthembu wathi kukhona okushaya amanzi ngokususwa kwakhe. “Empeleni bekumele ubuholi be-ANC bumnikeze ithuba lokuziphendulela kulezi zinsolo abebembeka zona. Lokhu okwenzekile ngikubona kuphambene nomthetho. Naye lokhu ukuvezile ngesikhathi ekhuluma okokuqala nabezindaba ngokwesula kwakhe nalapho ethe ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal bufike bambeka amacala ayisi-6 yize engawadalulanga kodwa uthe bathe bejika bamyalela ukuba esule esikhundleni.”
UMnu uMadlala uxwayise ngokuthi lokhu okwenziwe kuMchunu kungase kube nomthelela omubi ku-ANC okhethweni loHulumeni Basekhaya oluzayo lapha KwaZulu-Natal. “Baningi abangeneme ngalesi sinqumo sokumsusa okungenzeka abanye babo bangavoti okhethweni okunye bavotele amanye amaqembu ukuzwakalisa ukungenami kwabo. Kumele sikhumbule ukuthi izimpi zangaphakathi ku-ANC yizo ezayilahlekisela isifundazwe saseWestern Cape yaphinde yalahlekelwa nayiCape Town Metroplitan okugcine kuthathwe yiDA. Nalapha-ke KwaZulu-Natal inkulu ingozi i-ANC engase ibhekane nayo. Bheka nje le mibhikisho enodlame eqhubeka ezindaweni eziningi kulesi sifundazwe,”
Umthombo ongashayi phansi ongaphakathi ku-ANC upotshozele iBAYEDE ukuthi: “UMhlonishwa uMchunu ubesolwa ngokuthi udala ukwehlukana enhlaganweni ye-ANC, usebenzisana nezitha ezilwisana ne-ANC, okunye asolwa ngakho ukuthi kuthiwa ugxambukela eminyangweni yabanye abaphathiswa nokwenza labo baphathiswa bangakwazi ukuqhuba kahle imisebenzi yabo, ufaka inhlangano i-ANC ehlazweni, wenza ubuholi bube zizindambili okudala ukungabi nozinzo, okwenza kube nobudididi enhlanganweni.” kusho umthombo.
Kulabo Baphathiswa abakhonondile ngezinsolo zokuthi uNdunankulu uMacingwane ugxambukela emisebenzini yabo kubalwa kubo uMphathiswa wezokuphepha KwaZulu-Natal okunguMhlonishwa uWillies Mchunu noMphathiswa wezokuthuthukiswa komphakathi uMhlonishwa uWeziwe Thusi; ngokuchaza komthombo obuye waqhuba wathi: “UMphathiswa uWillies Mchunu ukhale kakhulu ngodaba lwasehositela iGlebelands eMlazi nalapho ethe uzithola engakwazi ukwenza kahle umsebenzi wakhe wokuyodala ukuthula kuleliya hositela ngenxa yokugxambukela kukaSenzo Mchunu.”
Umthombo uqhuba uthi omunye futhi oshayele isipikili ekutheni uMacingwane agudluzwe esikhundleni sakhe nguMphathiswa wezokuthuthukiswa komphakathi, uNkk uWeziwe Thusi.
“UNkk Weziwe Thusi naye ukhale esifanayo nesikaWillies Mchunu ekhala ngokuthi akusebenzeki kahle ngenxa yokugxambukela kukaMchunu ezindabeni zoMnyango wakhe,”
UMnu uMthembu uthi konke lokhu okushiwo ngoMhlonishwa uMchunu bekuyimizamo nje yabaholi be-ANC yokumsusa njengoNdunankulu. “Vele kuyilungelo lakhe njengoNdunankulu ukungenelela eminyangweni ethile abona ukuthi akuhambi kahle kuyo. Lokhu abekwenza kwenziwa yibo bonke oNdunankulu bezinye izifundazwe.”
NoMnu uMadlala uhambisana namazwi ashiwo nguMnu Mthembu. “Zolo lokhu bebekhala ngoDkt uZweli Mkhize bethi uyagxambukela eminyangweni yabanye abaphathiswa. Baqinisile abathi ipolitiki ngumdlalo wamaxoki. Bheka nje okuxakayo zolo lokhu uphiko lwentsha ye-ANC belweseka uMnu uSenzo Mchunu luthi alumfuni nalapho ehambe khona uWillies Mchunu ngoba luthi usegugile futhi uhlala ngokugula kodwa manje seluguqukile lwamlahla uSenzo njengoba seluhambisana noWillies Mchunu ekutheni abe nguNdunankulu.”
Khona manjalo kulindeleke ukuba kusasa kufungiswe oNgqogqoshe abasha eSishayamthetho saKwaZulu-Natal. Kulabo abazokhonjwa indlela kubalwa kubo uMphathiswa wezemfundo uNkk uPeggy Nkonyeni, uMphathiswa wezemidlalo, amasiko nobuciko uNkk uNtombikayise Sibhidla-Saphetha, uMphathiswa wezokuthuthukiswa kwezomnotho uMnu uMike Mabuyakhulu, ngumphathiswa wezokubusa nokubambisana uNkk uNomusa Dube-Ncube, owezokuthuthukiswa komphakathi uNkk uWeziwe Thusi, owezokuhlaliswa kwabantu uMhlonishwa uRavi Pillay, owezempilo uMhlonishwa uSibongiseni Dlomo kanye noMphathiswa weZolimo uMhlonishwa uCyril Xaba.
Abalindeke ukuba bafungiswe njengongqogqoshe abasha kubalwa usihlalo we-ANC, uMnu uSihle Zikalala, uNkk uBongi Sithole-Moloi, uNkk uNomagugu Simelane-Zulu, uMnu uMthandeni Dlungwana noMnu uMxolisi Kaunda.
Imithombo ipotshozele iBAYEDE ukuthi kumanje ubuholi be-ANC KwaZulu-Natal buvalelene emhlanganweni okulindekele kuwo ukuba kuvele amagama abaphathiswa abasha nabazophuma.
Abemboni yamatekisi KwaZulu-Natal bacashunwe kweminye imithombo yabezindaba bethi bayakuthokozela ukuqokwa kukaWillies Mchunu njengoNdunankulu weSifundazwe.
Usihlalo weKZN Taxi Alliance, uMnu uBafana Mhlongo, uthe bakushayela ihlombe ukuhamba kukaMchunu kulo mnyango wezokuthutha ngoba bebemthwalise kanzima abantu bamatekisi futhi kucaca ukuthi uyehluleka ukubhekana nabo. “Ushiye izinkinga eziningi ezikhungethe imboni yamatekisi njengodaba lwezimvume zemizila. Nokho asimbeki cala ngoba ubevele efakwe kulo Mnyango kubonakala ukuthi usemdala,” kusho uMnu uMhlongo.
Imizamo yokuthola uNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnu uSuper Zuma ukuba aphawule ayiphumelelanga njengoba ucingo lwakhe beluvaliwe.