Now Reading
Unamathele kumyeni ngisho umgcagco bewulumula ngobandlululo
Dark Light

Unamathele kumyeni ngisho umgcagco bewulumula ngobandlululo

We..e..na ufuna ukuba ngudokotela, wena? Uyadlala! Ungumuntu wesifazane futhi umnyama. Yinto engeke yenzeka nje leyo nasemaphusheni. Angeke kwenzeka nje lokho!” Babemhebeza kanjalo abantu endaweni yakubo esakhula uma ebetshela ukuthi ufuna ukuba ngudokotela uNkk u-Ellen Pheko. Inkosikazi kaDkt uMotsoko Pheko lena, ekhule ngaphansi kwezimo ezinzima kodwa yagcina isiphumelele empilweni. Ukushona kukayise esenza iBanga lesi-8 kwawashabalalisa amathemba namaphupho akhe uNkk uPheko okuthi ngelinye ilanga agaxe izipopolo, axilonge futhi elaphe abantu. UNkk wakwaPheko, uzalelwe eQhoboshaneng, e-Eastern Cape ngonyaka we-1937.

Uma uyintomabzane ubukhethiswa endaweni azalelwa kuyo, ukufunda noma ukukhula uhambe uyogana. Uyise ngoba kwakuyindoda ethanda ingane yayo ukuthi ihlome ngemfundo, wayiyisa esikoleni. Kwakungelula nokho ngoba izikole zazithe gqwa, gqwa, eQhoboshaneng namaphethelo. Indoda endala enguyise yagibela ibhayisikili yaya eLesotho, yayofunela indodakazi yayo isikole. UNkk wakwaPheko ugcine esethole isikole eQacha’s Neck, eLesotho. Ufunde ngokukhulu ukuzimisela emabangeni aphezulu ngenhloso yokuthi athole amamaki aphezulu azomenza athole isikhala sokufunda esikhungweni esiqeqesha odokotela eThekwini. Nakho- ke ukufa sekuthatha uyise ngokukhulu ukuzuma, kubulala iphupho lakhe lokuba ngudokotela ngelinye ilanga. Lapho- ke kwasekuthiwa akabuyele emakhaya alungiselele ukuyogana kodwa umzala wakhe wamethembisa ukuthi uzomqhuba esikoleni, amkhokhele imali yokufunda.

Umzala wakhe wayexakekile naye engeke akwazi ukumthumela esikhungweni esifundela ubudokotela. UNkk wakwaPheko ufundile waqala wasebenza, wathola isoka elaliyiNtatheli, uMnu uMotsoko Pheko. Bagcina sebeshadile. Ngaleso sikhathi ubandlululo lwaludla lubi, uMnu uPheko, watoka ejele ngenxa yemibhalo yakhe ayayisusa uhlevane emaBhunwini nakubacindezeli. uMnu uPheko wayeyisishoshovu sePan Africanist Congress of Azania (PAC). Ubandlululo lwenza uMnu uPheko, wathatha imithwalo yakhe walifulathela izwe wabheka eSwazini. UNkk uPheko njengomlobokazi osemncane wayengeke ahlale eNingizimu Afrika, umyeni wakhe esemazweni, wathatha isinqumo sokumlandela. Wathathwa ngabangani bakhe abathathu, bamwelisa umngcele, walibhekisa eMbabane, eSwazini, lapho umyeni wakhe ayekhona.

Ngaleyo nkathi wayezithwele enezinyanga ezine, ekhulelwe indodakazi yakhe yesibili uMamello. Babebaningi abantu ababengamkhuthazi ukuthi afudukele eSwazini alandele umyeni wakhe, babethi akahlale eNingizimu Afrika, izinto zizobuyela esimweni esejwayelekile, ubandlululo luzoshabalala. Ngowe-1963, umndeni wakwaPheko wahlala emishini, eBethany, indawo ephakathi kweMbabane nakwaManzini. ESwazini abakutholanga ukwamukeleka ngemfudumalo, abantu bakhona babebaxwaya abakwaPheko. Izinhloli zikaHulumeni wobandlululo zazizulazula eSwazini zifuna abakuleli ababekuleliya lizwe. UMnu uPheko wathola umsebenzi waba nguMhleli wephaphabhuku lamaKhrestu, i-Our Africa. Wayengumuntu ohlale edla ejeqeza okwenyamazane ngoba amaphoyisa ezomoya ayebazingela ababelwela inkululeko, ngisho naseSwazini, efuna ukubabuyisela eNingizimu Afrika, ababophe.

Leya mishini ababehlala kuyo abakwaPheko, kwakungeyamaMelikana, abefundisi bakhona babehlala bese-USA isikhathi esiningi, yibona ababeqapha umuzi. Babekhona abantu baseNingizimu Afrika, eBethany, abanye bengothisha esikoleni samabanga aphansi. Nguyena uNkk wakwaPheko owayethunga umfaniswano wamantombazane angama-300 esikole. Indodakazi yakhe (esiyinxusa eJapan njengamanje), uNks uMohau Pheko, yayifunda khona eBethany. Isimo sepolitiki saphinde samphoqa uPheko ukuthi athuthe eSwazini. Kulokhu-ke amabombo wawabhekisa eRhodesia (osekuyiZimbabwe manje), wahamba namadodakazi akhe uMohau noMamello. Indlela eya eRhodesia isuka eSwazini kaNkk uPheko, yayinzima idlula eMozambique, belala emabhasini. Babelala nasimizini yabantu kwesinye isikhathi. NaseRhodesia, uMnu Pheko, wayeboshwa atoke emajele ngenxa yemibhalo yakhe njengentatheli, ehlasela uHulumeni weRhodesian Front, ka-Ian Smith.

See Also

Ngesikhathi eboshiwe uPheko, kwakufika ujenga lwezimoto luzombona abanye kungabantu baseNingizimu Afrika ababesekudingisweni, abanye kungabantu abasonta nomndeni. UNkk Pheko, wahlala noNkk uLauretta Ngcobo, unyaka wonke eRhodesia. Behlala futhi nomame be-African National Congress (ANC) ababedingiswe nabayeni babo. Izingane zabo zazidlala ndawonye, zifunda ndawonye, behambelana noma kuyimishado. Izinhloli zikaHulumeni wobandlululo zazingawunike kuphumula umndeni wakwaPheko ngisho nasemazweni angaphandle. Babethola izingcingo mbumbulu kuthiwe uMnu uMotsoko Pheko usebulewe noma ufe engozini yemoto kanti yilumbo lodwa. Uphinde wasuka umndeni wakwaPheko eRhodesia wafudukela eZambia naseLondon. Ufike wafunda uMnu uPheko eLondon wadlulela nase-USA waze wahloma ngeziqu zobudokotela kwezenkolo iDoctor of Theology. ELondon bahlangana nabanye ababebazi, abahlale nabo eSwaziland, eZambia, eRhodesia, abanye kungomkhaya baseNingizimu Afrika. Babelwa nemfundiso-ze eyayitshalwa ngabezindaba eyayihlukanisa iPAC ne- ANC, ekubeni babelwa nesitha esisodwa, ubandlululo. Impilo yayinzima kubabaleki ababekhosele e-England. Kwakunzima, kuxhunyanwa ngokubhalelana izincwadi kuphela nabantu ababeseNingizimu Afrika, ngoba izingcingo zazicushwa eziya noma ezivela kubantu ababesekudingisweni. Babuyile abakwaPheko ngeminyaka yawo-1990. UDkt uMotsoko Pheko uke waba nguMengameli wePAC sekubuyiwe ekudingisweni. Bebuya emazweni, bathole iNingizimu Afrika ingashintshile, kwasho uLetta Mbulu engomeni yakhe ethi ‘Not Yet uHuru”, ekhala ngomhlaba wakubo osenjengoba awushiya, enganavoti, abantu besahlala emikhukhwini (emijondolo). AbakwaPheko basaphila sekungumkhulu nogogo, bahlala eKurhuleni, eGauteng.

Scroll To Top