Now Reading
Amajuba amabili esigqi sase-Afrika
Dark Light

Amajuba amabili esigqi sase-Afrika

Umculo uwuju lomphefumulo kodwa lezi zithandani zawenza waba ukudla komhlaba

 

KULE minyaka eyedlule izwe iNingizimu Afrika likhiqize okungejwayelekile. Izithandani ezingagcinanga nje ngokuba ngamanxusa omculo wase-Afrika kepha neziphinde zaba yisibonelo nodondolo kwabanye abaculi. Laba ngumama uLetta Mbulu kanye nowakwakhe ubaba uCaiphus Semenya. La maciko njengamanye angesikhathi sawo athwala kanzima ezweni lwabo lokuzalwa nokwaphetha ngokuthi bagcine sebengoduma emazweni njengoba baqeda iminyaka behleli ezweni i-USA.

Umama uLetta Mbulu wazalelwa eSoweto eGoli, ngomhla zingama-23 kuNcwaba ngowe-1942. Uthando lomculo yinto azalwa nayo njengoba aqala ukucula esemncane kakhulu. Ngesikhathi esakhula waqala ukucula emdlalweni iKing Kong neyakhiqiza amaciko amaningi afana nongasekho umama uMirriam Makeba. Kanti uSemenya yena wazalwa ngomhlaka zili-19 kuNcwaba we-1939, e-Alexadra khona eGoli. Ngesikhathi lezi zithandani zihlangana uSemenya yena wayesenalo ulwazi ngezomculo futhi eseke wacula ezindaweni ezahlukene, neqembu  iKatzenjammer Kids.

Ngeminyaka yowe-1960 uLetta wahamba neKing Kong ukuyocula e-England lapho bafike bahlala isikhathi esingangonyaka khona. Ngesikhathi seluphelile uhambo wabuya weza lapha eNingizimu Afrika, kanti uCaiphus Semenya naye wayehambe neqembu elibizwa iSponono beyocula e-United States of America (USA). Ngesikhathi sekufanele babuye yena namanye amalungu eqembu bakhetha ukungabuyi, kodwa bahlale khona e-USA.

ULetta wathi uma ebuyela eNingizimu Afrika ngonyaka we-1965 wahlangana nezimbila zithutha, lapho uHulumeni wobandlululo wamdingisa; waya e-USA. Ngesikhathi efika lapho wafikela kwabanye ababedingisiwe bakuleli abafana noMiriam Makeba, uHugh Masekela kanye noJonas Ngwangwa.

Inkakha yomculo weJazz uCannonball Adderly walithanda iphimbo likaLetta Mbulu ngesikhathi emuzwa ecula kwezinye zezindawo eNew York, wabe esemcela ukuba ahambe naye ukuyocula ezindaweni ezahlukene, bese uCaiphus Semenya eba nguphrojusa wezingoma. Ngonyaka we-1966 lezi zithandani zacula kanye neqembu iSafaris elalihlanganiswe uJonas Ngwangwa kanye nonkosikazi wakhe uMamsie Ngwangwa, lapho bashaya lamanoni iwalking Around, iFor God and Country.

Ngonyaka we-1990 uLetta kanye noCaiphus Semenya babuya beza eNingizimu Afrika emva kweminyaka engama-26 ekudingisweni, baye bacula kuFestival eyayibizwa nge-Unity 91, lapha ke kwakungokokuqala becula ndawonye nabaculi bakuleli, ekhaya.

Ngesikhathi sebebuyile ekudingisweni  uSemenya wasebenza kumaphrojekthi omculo ahlukene njengoba wafike waqamba umculo kuMolo Fish, kuVicious Circle kanye nakuGaba Mootho okwakuyimidlalo eyayivezwa yiSouth African Broadcasting Corporation (SABC)

Ngonyaka we-1992 uLetta Mbulu wakhipha i-albhamu yakhe yokuqala kuleli lizwe ethi Not Yet Uhuru, eyayishaya ngala manoni iWe Can Do It, iNot Yet Uhuru kanye namanye.

Empeleni nje laba ababili kusukela kudala babenza yonke into ndawonye. ULetta akagagcini nje ngokuba nekhono lokucula kodwa uphinde abe nelokulingisa njengoba ayelingisa engqayini iRoots wathola indodo ku-Emmy Awards, waphinda walingisa kuWarm December neColour Purple. Lapha ke umyeni wakhe wayegxile emculweni kulezi zingqayi, kanti waze wathola ukuqokelwa i-Oscar Awards.

See Also

Laba baculi sebeqathe indima ebalulekile kwezomculo e-Afrika, njengoba bengamalungu enhlangano i-Union of South African Artists (USAA). Le nhlangano yasungulwa ngonyaka we-1953 ngenhloso yokusiza abaculi basemazweni ase-Afrika kule ndima, ikakhulukazi labo abasafufusa kwazise kwakungekho lula ukungena kule ndima. Le nhlangano iphinde ifundise abaculi ngamalungelo abo iqinisekise ukuthi awahlukunyezwa. Inkakha yomculo uGibson Kente ungomunye wababeqeqesha basebenze kule nhlangano

Singasho nje ngaphandle kokunanaza ukuthi lezi zithandani ziyisibonelo esihle e-Afrika. Ngokubambisana sebenqobe izinto eziningi kusukela ekulwiseni ubandlululo ngokusebenzisa umculo wabo, ukungapheli amandla ngisho besekudingisweni, kanti okubalulekile ukugcina umshado wabo kungowabo bobabili bengawufaki emehlweni abezindaba.

Laba baculi bavele babasanganise abalandeli babo uma sebecula ndawonye esiteji sebeshaya amanoni afana nalawa i-Angelina, iZiph’inkomo, noNomalanga.

Laba ababili sebesebenze nabaculi abaningi abahlukene, abafana noMiriam Makeba, uJonas Ngwangwa, uBra Hugh Masekela, uQuincy Jones, uMichael Jackson kanye nabanye abaningi. Umndeni wakwaSemenya ungamanxusa eNingizimu Afrika nase-Afrika jikelele. Lokhu akungenxa yengoma kuphela kepha nokuba yisibonelo sokuthi e-Afrika umndeni nokusebenzisana kusemqoka.

Scroll To Top