Now Reading
Nani maNdebele kanibancinyane
Dark Light

Nani maNdebele kanibancinyane

Ngesikhathi lapho umhlaba uqhahakambisa ubukhazikhazi. Lapho lokho okuhle nokuligugu kuguquguquka ngenxa yesikhathi, kunoyedwa obekelwe ukuthi ngezandla zakhe asikhumbuze ukuthi phezu kwempucuko kwesinye isikhathi impendulo isemlotheni. Lowo ngugogo u-Esther Mahlangu. Ubuso bakhe kabukhombi nje ibanga aselihambile ngeminyaka kepha buwubufakazi ngekwabo – ukuthi yena uyintombi yomNdebele. Lokhu akwenzayo yisipho sabakwabo ngoba uma elanda uthi isipho lesi wasithola esemncane ngesikhathi eyingxenye yesiko lokukhuliswa kwamantobazane amaNdebele.

Esandleni sakhe kubekwe okumangalisayo nokuyinqaba kutholwa. Bheka ngoba ngezandla zakhe uxoxa umlando waboHlanga, abeNguni bakaNdebele. Akagcini ngokuwuxoxela izizukulwane zakhe kepha nabaphesheya kwezilwandle bayakleza.

Lo mfazi omabele made ngokufundisa isintu esebenzisa ubuciko bokudweba uguqule imiqondo abaningi ngemidwebo yase-Afrika kanye nengqephu. Buthule wenze okungakaze kucatshangwe muntu ukuthi ‘into yezandla’ neyenziwa ngumuntu nje wezinyawo osekhulile isinganyakazisa ngisho izinjinga zabenzi bezimoto.

Imidwebo yakhe yavunywa ngamaJalimane nokwathi ngonyaka we-1999 abakwaBMW bamcela ukuba ahlobise imoto yabo yohlobo oluphambili okuyi-525 Sedan. Kamuva nje abakwaRolls-Royce kuleli bathe ngeke basale njengoba bamcele ukuba ahlobise iPhantom nokuyimoto ezobizwa nge“The Mahlangu”.

See Also

Nembala ugogo wakwaMahlangu wenza sisho ngeqholo ukuthi nembala nani maNdebele anibancinyane!

Scroll To Top