Now Reading
IWEF eseKigali nobumqoka bayo
Dark Light

IWEF eseKigali nobumqoka bayo

Umbali uveza umlando nobumqoka besithangami seWorld Economic Forum esihleli e-Afrika kuleli sonto

 

NAMHLANJE sizoke sibuke inhlangano ebizwa ngeWorld Economic Forum (WEF), nenhlanganiso ezobe inayo ezweni laseRwanda ekomkhulu layo iKigali. Umlando weWEF ngamafuphi, yinhlangano eyaqanjwa ngonyaka wezi-1971 iqanjwa nguSolwazi uKlaus Schwab. Le nsizwa yomJalimane yasungula le nhlangano ngenhloso yokuhlanganisa imiqondo yabantu abehlukene emhlabeni ukuze bathuthukise umhlaba ezigabeni eziningi ngokomnotho.

Kususelwa embhalweni wencwadi yakhe ayishicilela ngonyaka aqamba ngayo iWEF, esihloko sithi “Unternehmensführung im Maschinenbau (Modern Enterprise Management in Mechanical Engineering” uSolwazi uSchwab ucacisa kabanzi ngokuphathwa kwezimboni ngokuthi akumele zibhekelele abaninizo kuphela, kepha zimele ukubhekelela nabo bonke abantu abakhele zona okuxuba abasebenzi, imiphakathi kanye nemvelo. Lapha ugcizelela ubumqoka bensebenziswano nobudlelwano obuhle okumele mabubekhona phakathi koHulumeni nabanikazi bezimboni.

Ngenxa yalo mbono kaSolwazi uSchwab, iWEF isidlondlobale kakhulu yaba yisakhiwo sokuthuthukisa ulwazi nokuxhumana kwamazwe omhlaba ekucobelaneni ngolwazi olujulile maqondana nentuthuko yomnotho jikelele. Akumangalisi-ke ukuthi iWEF seyaphenduka inkundla la kuhlangana khona oMengameli bamazwe omhlaba, osozimboni, osomabhinisi, nabantu abaningi abamqoka ekulawulweni kwesimo sezepolitiki nomnotho jikekele. Njalo ngonyaka kuba khona isithangami ekomkhulu lale nhlangano iDavos, eSwitzerland, okuthi emva kwalokho kubekhona imijikelezo yalesi sithangami nakwamanye amazwe omhlaba.

Akumangalisi-ke ukuthi i-Afrika njengezwekazi elibonakala lithuthuka kakhulu ngokomnotho, nalo lizithola lisingatha le nhlanganiso yeWEF esuke ibhekene ngqo nokuthi i-Africa kumele mayizibandakanye kanjani emkhankasweni wokuzithuthukisa. Kulo nyaka-ke izwe laseRwanda elinikezwe ilungelo lokusingatha lo mcimbi oqale ngoLwesithathu, ngomhla. Kulo mhlangano wamazwe omhlaba, ikakhulukazi ase-Afrika, le ngqungquthela izobheka uhlelo olubizwa ngeHlandla Lesine Lokuthuthukiswa Kwezimboni (Fourth Industrial Revolution). Kuzokhumbuleka ukuthi, ukuthuthuka kwezomnotho emhlabeni jikelele ngamagama aqoqekile, kunezigaba ezine eziphenduke inkombandlela yokuqhubezela phambili umnotho womhlaba: esokuqala yintuthuko ngokwamandla ezolimo; esesibili kube yintuthuko ngokwamandla ezezimboni; okwesithathu kwaba yintuthuko ngokwamandla olwazi, ezokuxhumana nobuchwepheshe; kanti manje umhlaba ususesigabeni sesine okuyisigaba sokuthuthukiswa ngamandla olwazi, ezokuxhumana ubuchwepheshe, ezesayensi nezempilo. Lesi sigaba-ke sihlanganisa zonke izigaba ezike zenzeka ngaphambilini.

Esigabeni sesine uma eloba uSolwazi uSchwab, encwadini yakhe ethi “The Fourth Industrial Revolution” ukubeka ngokusobala ukuthi umhlaba usungene manje esigabeni lapho kuzobakhona ukuhlanganiswa kwezinhlaka eziningana zokwakheka komnotho wamazwe. Yikho lapha abalula khona ngezinto ezimangalisayo ezizothi zithuthukise umhlaba nezomnotho ngesivinini. Lapha ubalula amarobothi azozilawula ethatha imisebenzi ekade yenziwa ngabantu, uhlelo lwamakhompuyutha olwenza kubelula ukukhiqiza noma yini edingakalayo, umqondo wokuzakhela olawulwa amakhompuyutha, izimoto ezikwazi ukuzishayela, ukusinyanyiswa kwenqondo yomuntu ngisho kuthiwa usemdala ikwazi ukusebenza kube ngathithi usevuselelwe kabusha, ukushintsha uhlelo lokwakhiwa komuntu ngendlela umuntu okumele abengayo ngokuthanda kwalabo abafuna abeyikho.

Konke lokhu kuzwakala kuyimbudane nxashana kukhulunywa, kodwa kuzokhumbuleka ukuthi izinto eziningi namuhla okufana namabhanoyi, amathelevishini, ukuvakasha kwabantu enyangeni nokunye okuningi kwakufana nephupho, kepha sekuyenzeka.

See Also

Umbuzo uthi, ‘ibaluleke ngani le nhlanganiso esiloba nje, iyaqhubeka eKigali’? Ezinhlelweni esizibalulile ezintathu zezomnotho i-Afrika ibilokhu isilela emuva kuzo zonke. Omunye wabaqondisi beWEF e-Afrika, uNks u-Elsie Kanza ubalule ukuthi umongo walo mhlangano ukuthi i-Afrika mayingaphinde isilele emuva ngentuthuko ehambisana nalolu hlelo lwesigaba sesine sezomnotho. Uphinde wabalula futhi ukuthi lokhu kuzodinga uguquko olukhulu lwenqubomgomo yezomnotho ngezwe nezwe lase-Afrika. Kuzokhumbuleka ukuthi yize noma uhlelo lomakhalekhukhiwini lungenisile e-Afrika, nokho uhlelo lobuchwepheshe bedijithali (digital technology) lusephansi kakhulu ngoba lulinganiselwa kuphela kumaphesenti angama-20 e-Afrika jikelele. Kukodwa lokhu kuveza ukungalingani okukhulu okumele makuqedwe phakathi kwama-Afrika, ngokuthi oHulumeni balawule imithetho ezosheshisa ukuthi abantu bangene kwezokuxhumana nge-inthanethi. Uma kungenzeki lokhu, i-Afrika isazozibona ikhomba utalagu ngokwentuthuko yesine yomhlaba, ekubeni amanye amazwe omhlaba eqhubeka egabadula ebheke phambili ekuzithuthukiseni. Lokhu-ke angeke kuyisize i-Afrika nezindimbane zabantu bayo, ikakhulukazi abasebasha entuthukweni.

Njengohlelo lokwakhiwa kweWEF, isixazululo sisekutheni amazwe ase-Afrika kumele abambisane, asebenzisane futhi enze ubudlelwano obuqinile phakathi kosomabhinisi, osozimboni abazimele kanye noHulumeni babo nemiphakathi abayakheleyo. Lokhu kuyobeka i-Africa ethubeni lokuveza igalelo elizwakalayo emhlabeni kulesi sigaba umhlaba osungene kuso sezomnotho. Okunye okubalulekile okuzobhekelelwa amakhono adingakalayo e-Afrika kanye namandla kagesi azokwenza lula ukuthuthukisa ezomnotho.

Lokhu kwenzeka ezweni iRwanda, okuyizwe eselitshengise umhlaba ukuthi izwe elalikhungethwe yizimpi zobuhlanga ngonyaka wezi-1994, lapho kwafa izigidi zabantu bebulalana lingakwazi ukushintsha njengoba sazi ukuthi umnotho walo ukhula ngesivinini esibabazekayo. I-Afrika nayo ingakwazi ukuguqula isimo ngesivinini esifanayo.

Scroll To Top