Now Reading
Akukuhle phakathi kwaMakhosi ezizwe nezinduna
Dark Light

Akukuhle phakathi kwaMakhosi ezizwe nezinduna

USIHLALO WeNdlu YabaHoli Bomdabu KwaZulu-Natal, iNkosi uPhathisizwe Chiliza usekhwele wadilika ezinduneni zalesi sifundazwe ngesimemezelo sazo sokuthi zihlela ukuphazamisa ukhetho loHulumeni Basekhaya ngenxa yokungaholi kwazo.

Lokhu kulandela ngemuva kwesimemezelo sezinduna zaKwaZulu-Natal ngesonto eledlule sokuthi emhlanganweni ebezinawo eNewcastle zithathe isinqumo sokuthi zizoluphazamisa ukhetho ziphinde zidunge nokuhlala kweSishayamthetho SesiFundazwe zi-2 kuNhlangulana ngowe-2016. Zithi futhi zizonyakazisa nabokufika abahlala ezindaweni zaMakhosi uma kungukuthi uHulumeni akahlangabezani nezimfuno zazo lungakafiki ukhetho.

Okhulumela izinduna, uMnu uPercy Nkosi utshele iBAYEDE ukuthi abahlehli esinqumweni sabo sokuphazamisa ukhetho uma uMengameli wezwe, uJacob Zuma engabuyi ngokushesha nezimpendulo zokuthi bayithola nini imali yemihlomulo yabo.

“Emhlanganweni esasinawo noMengameli uZuma ngoNhlolanja kulo nyaka wasethembisa ukuthi nakanjani uzoyilungisela ngokushesha inkinga yemihlomulo yethu kodwa kuze kube manje akakabuyi kithi nezimpendulo. Sesiyabona-ke ukuthi sekwenzelwa kudlule ukhetho bese besishaya indiva. Yingakho nathi sithi uma kuze kushaye isikhathi sokhetho singakayitholi imali yethu nakanjani sizoludunga,” kusho uMnu uNkosi. Ubuye wabuza ukuthi wehlulwa yini uHulumeni ukubakhokhela ekubeni ekwazi ukunikeza abokufika ebebekhahlamezwe wudlame imali ezi-R7000 umuntu emunye.

“Phela lokhu ezihlela ukukwenza kufana nokugibela phezu kwendlu yesonto. Kuzomele abomthetho babhekane nazo. Ukuvota kuyilungelo likanoma ngubani ngakho akekho onelungelo lokuvimbela omunye ofuna ukuyovota,” kusho uChiliza.

INkosi uChiliza uqhube sekunesikhathi bezwa ukuthi sekukhona amakomiti ezinduna ahlangana ngasese ngenhloso yokunyakazisa izwe ukuze lingabuseki ekubeni kungekho noyedwa oseke weza ngaphambili ezinhlakeni zobukhosi ukuzokwethula izinkinga ezibhekene nezinduna.

“Izinduna kuzomele zikhumbule ukuthi ziphethwe ngaMakhosi nawo aphethwe yiSILO ngakho akekho umuntu ozovunyelwa ukudala udungunyane ezweni leSILO,”

INkosi uChiliza ithi: “Kuyaxaka lokhu ezikhala ngakho ngoba uMengameli wezwe emhlanganweni owayebize kuwo namahasi wakubeka kwacaca ukuthi ucela zimnikeze ithuba ake ayobonana nabeSilulu Sezwe (Treasury) ukuze kutholakale imali yazo. Manje angazi ukuthi seziphuthumani njengoba sezithi sezingena emgwaqeni.”

INkosi uChiliza yexwayise izinduna ukuthi azikwazi ukuqhamuka sezingena emgwaqeni kodwa zingakaze zibikele iMbube ngezinkinga ezizikhathazayo njengoBaba Wesizwe.

“Lokho nje ezikuhlelayo kukhombisa ukungayihloniphi iMbube neSihlalo. Sizonxusa amaphoyisa ukuba ame ngomumo ukubhekana nale mibhikisho ehlelwa izinduna,” kuqhuba iNkosi uChiliza.

Izinduna zaKwaZulu-Natal zibhekene ngeziqu zamehlo noMnyango iCogta ngenxa yemihlomulo ezithi aziyitholi ekubeni izinduna zakwezinye izifundazwe ziyithola.

Ngokusho kwazo zithi selokhu uMnyango iCogta wazethembisa imiholo kusukela ngowezi-2006 azikaze ziyithole yize zihlale zigcwalisa amafomu nyanga zonke aqinisekisa ukuthi sezikhushulelwe imali.

NgoZibandlela nyakenye iBAYEDE yabika ngezinsolo zomkhonyomvu wemihlomulo yezinduna namalungu omkhandlu abathi uthinta izikhulu zoMnyango iCogta.

Ekuqaleni lezi zinsolo zomkhonyomvu zadalulwa ngamalungu omkhandlu iKwaBhejane Traditional Council eNseleni ngaphansi kweNkosi uR. Khoza osewakhothama kanye nezinduna zesizwe saseMadungeni.

Isizwe saseMadungeni singaphansi kweNkosi uNdabingehlele Chiliza ongumfowabo weNkosi uPhathisizwe Chiliza. Lezi zinsolo ziphinde zaqubuka nezinduna zesizwe saseMaqadini eLembeni ngaphansi kweNkosi uMlangeni V.T. Ngcobo oyiphini likaSihlalo WeNdlu Yabaholi boMdabu KwaZulu-Natal.

INkosi uChiliza ithe akukhathaleki ukuthi zingakanani izikhalo zezinduna kodwa azinalo ilungelo lokuphazamisa ukhetho.

UMnu uZakhele Mpanza ongomunye wezisulu zale nsambatheka yokungaholi, oyinduna yesizwe saKwaBhejane, wabikela iBAYEDE ukuthi selokhu baqashwa nguMnyango iCogta ngowezi-2006 ngemuva kokubaqeqesha abakaze imali yabo yomhlomulo wanyanga zonke ababethenjiswe yona. “Manje okubuhlungu asikwazi ukuyofesela omunye umsebenzi ngoba kuvela ukuthi siqashiwe nguMnyango iCogta,” kusho uMnu uMpanza.

Uqhuba uthi lesi simo sesidale nokungazwani emindenini yabo. “Okuxakayo njalo sihlale sigcwalisiswa amafomu nemininingwane yasemabhange. Amanye amafomu asitshela ukuthi sesikhushulelwe imiholo kodwa sibe singayazi kwaleyo mali,” kuqhuba uMnu uMpanza.

See Also

NoMnu u-Abel Ntshangase uhambe emazwini kaMpanza egxeka uMnyango iCogta.

“Uma sibuza eMnyangweni iCogta kuvele kuthiwe asilinde seyiyalunga indaba yemali yethu. Kodwa manje sekuphele iminyaka sibanjiswe udonga. Inkinga enkulu le nto isichaphazele nasemalini yethu yempesheni ngoba uma beciphiza amamakhompyutha kuvela ukuthi siyahola eMnyangweni,” kusho uNtshangase.   

NoDkt uBongani Thabethe nozakwabo uMnu uKwenzakakufani Dladla abayizinduna emaQadini nabo bagxeke uMnyango iCogta ngokuthi ugcwele umkhonyomvu.

“Sifuna manje kungenelele iHhovisi loMvikeli Womphakathi ngoba sesikhathele ukudlala umacashelana okwenziwa nguMnyango iCogta,” kusho uThabethe.

Kuthiwa zikhona izinduna ezithola imali yesibonelelo esingamarandi ayikhulu neshumi ngomhlangano ngamunye ezisuke ziyihambele kodwa yilezo nduna kuphela ezaqokwa nguMnyango iCogta ezithola leyo mali.

“Uma kungukuthi asiqashiwe pho sasifungiswelani yimantshi kanye nabe-Independent Electoral Commission (IEC). UMnyango wawusiqeqeshelani waze wasinika nezitifiketi zokuphothula uqeqesho uma manje ungasasinakile,” kubuza uMnu uMpanza.

“Ngomhla zili-11 kuNtulikazi kowezi-2014 uHulumeni wadweba umthetho ogunyaza imihlomulo yezinduna, aMakhosi kanjalo namalungu emikhandlwini yaMakhosi. Ngokwaleso siphakamiso sikaHulmeni iNduna kumele ihole izi- R79 423 ngonyaka. Uma sithi siyabuza ngale mali yethu uMnyango usitshela ukuthi awunayo imali yokusiholela kodwa kwezinye izifundazwe bayayithola,” kuphetha uThabethe.

Nokhulumela uMnyango iCogta KwaZulu-Natal, uMnu uLennox Mabaso wakuqinisekisa ukuthi impela uMnyango uyazikweleta izinduna. Wathi inkinga ukuthi abazi bazoyithathaphi le mali yokuzikhokhela ngoba isinkulu kakhulu njengoba yanda zinyanga zonke.

Scroll To Top