Now Reading
Ithi nyawo ngibelethe iGambia kuCommonwealth
Dark Light

Ithi nyawo ngibelethe iGambia kuCommonwealth

Ukuphuma kwezwe laseGambia enhlanganweni yeBritish Commonwealth kakuthukuthelisi uMbuso wamaNgisi kuphela, ne-European Union (EU) kanye ne-USA siyabacasula isenzo sikaMengameli uYahya Jammeh

 

IGambia izwe elakhelene neSenegal e-Afrika. Ngonyaka we-1965 iGambia yaba yilungu leCommonwealth emuva kokuthola inkululeko yokuzimela geqe. UNdunankulu waseGambia kwakunguSir Dawda Kairaba Jawara owaketulwa nguMnu Yahya Jammeh ngowe-1994.

Sizowuyeka umlando waseGambia ngoba inhloso yethu ngukukhuluma ngokushiya kwayo inhlangano yeBritish Commonwealth. Emuva kweminyaka engama-48 uSir Jawara abethela izwe lakhe esiphambanweni seBritish Commonwealth ngonyaka wezi-2013 uMengameli uJammeh umemezele ukuthi iyaphuma iGambia enhlanganweni yeBritish Commonwealth. Ukuphuma kwezwe lakhe ngukugqabula amaketango obukoloni.

Isenzo sikaMengameli uJammeh sithukuthelise iMelika yamisa ubulungu beGambia enhlanganweni ye-African Growth and Opportunity Act (AGOA). Ne-European Union (EU) imise izigidi ezili-$16 ebizinika iGambia. Konke lokhu kukhombisa ukuthi ubulungu beBritish Commonwealth kakuphathelene nepolitiki yokuzikhethela. Yize okhulumela iBritish Foreign Office ethe: “Izinqumo zobulungu beCommonwealth ziwudaba lwalowo nalowo mbuso oyilungu. Sidabuka kakhulu ngeGambia noma iliphi ilizwe, elicabanga ukuhoxa kuCommonwealth” Kakuyona imfihlo ukuthi amaNgisi athukuthele kakhulu ngokuhlubuka kweGambia.

Ngonyaka wezi-2014 abaseGambia, besekelwa yizizwe zase-Europe, bazama ukuketula uHulumeni kaJammeh. kodwa behluleka. Mhla zilishumi nambili kuZibandlela ngowezi-2015 uMengameli uJammeh umemezele ukuthi iGambia seyizobizwa ngokuthi i-Islamic Republic of Gambia. Esinye sezikhulu zikaHulumeni sithe: “IGambia ayisophinde nanini ibe yingxenye yokubuswa yinhlangano ebhozomela izwe ngoba inothile.” IGambia kayilona izwe lokuqala ukuzibiza nge-Islamic Republic. NeMauritania isibizwa ngokuthi i-Islamic Republic of Mauritania.

Futhi iGambia kayilona izwe lokuqala ukushiya iBritish Commonwealth. NeZimbabwe seyaphuma kule Nhlangano yamaNgisi. UMengameli uKwame Nkrumah waseGhana wabiza iBritish Commonwealth ngenhlangano ebhozomela amazwe ngomnotho. NoMengameli u-Idi Amin wase-Uganda wayisola iCommonwealth wathi uKhwini akakhethiwe liningi lamalungu enhlangano ngakho imele ubukoloni.

IBritish Commonwealth njengeFrancophone yaseFrance zinhlangano ezaqalwa emuva kokuphela kobukoloni. Inhloso yazo kwakungukunciphisa ubuhlungu obabuzwiwa yizizwe ezasezilahlekelwe ngamakoloni azo. Kwadalwa amasu amasha aheha izizwe ezazikade zingamakoloni ukuba zihlale zingaphansi koMbuso waseNgilandi ngobuCommonwealth. Ngakho ukuphela kobukoloni kakulethanga ubuhlungu emaNgisini.

See Also

Konke lokhu kwabaheha abaholi base-Afrika babona amazwe eselingana ne-England. Base bephisela amazwe abo esiphambanweni seBritish Commonwealth. Ukuhlakanipha kwamaNgisi kwenza ukuba izizwe ezikhululekileyo ziqhubeke nokuba yizicabucabu ze-England.

Maningi amazwe afuna ukushiya iBritish Commonwealth kodwa abaholi bawo bayesaba ngoba amaNgisi anamandla okumisa izimali okuthiwa zithuthukisa i-Afrika. Ngakolunye uhlangothi kukhona amazwe afuna ukuphuma  kuFrancophone ajoyine iBritish Commonwealth. Kakumangalisi ukuthi  amazwe ase-Afrika asengaphansi kwemibuso eyayiwacindezele ngezikhathi zobukoloni. Ngenyanga kaZibandlela 2016 kuzoba nokhetho eGambia. Isifiso samaNgisi ngukuba angakhethwa uYahya Jammeh.

Abaholi be-ANC sebadinsila iSouth Africa kuBritish Commonwealth. Bakwenza lokhu ngaphandle kokuchazela abantu bakuleli lizwe. Ngenxa yobandlululo lwayo iSouth Africa yayichithwa kuBritish Commonwealth. Kodwa ngenxa yokuthi maningi amaNgisi ahlala kuleli lizwe i-England yaqhubeka nokusekela uHulumeni wamaBhunu. Nokho kwakufanele batshelwe abantu baseSouth Africa ngokujoyina kwezwe labo iBritish Commonwealth. Isenzo sabaholi be-ANC siyefana nokwenzeka emazweni ase-Afrika. Abantu kabatshelwa lutho ngobulungu bamazwe abo. Kayilungile lepolitiki.

Scroll To Top