Umbuzo ucwaningo elingawuphendulanga
UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Yize umlilo wodlame wabhebhethekiswa yimthombo yabezindaba neyezokuxhumana akekho obabiza esitikini
NGESONTO eledlule umbiko okade ulindwe ngabovu mayelana nezigameko zodlame phakathi kwezakhamuzi zakuleli kanye nabokufika. Izinhlangothi ezehlukene bezilinde ukuzwa okuthile kulo mbiko. Okokuqala bekukhona abafuna ukuzwa ukuthi ngabe umbiko uthini ngeSILO oselokhu kwathi nhlo kunabathi yiso, ngenkulumo yaso, esadala udlame. Kanti abanye bebebheke ukuthi ngabe lezi zenzo zabe zihlelilwe noma yimisebenzi yezinswelaboya. Lufikile-ke olwamanqamu ngoLwesibili olwedlule lapho lo mbiko ubudalulwa khona.
Igumbi obekuhlangenwe kulo belilungiswe kahle ukuze labo abebezokwethula lo mbiko okunguMehluleli uNavi Pillay obehambisana noNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMhlonishwa uSenzo Mchunu nesigungu sakhe. Abanye abebekhona bekungamalungu amakomiti ophenyo kanye nabezindaba abebezocoshela. Yize kube nezethulo kanjalo nemibuzo kukhona okuhlaluke obala kepha kwaba khona okungacaci. Okuhlaluke obala wukuthi iningi lezigameko zabe zihlangene nobugebengu. Okwesibili kwacaca kwathi bha embikweni ukuthi uphenyo kalibutholanga ubufakazi bokuthi nembala inkulumo yeSILO yiyona eyadala umsindo. Ukufakazela lokhu uMehluleli uPillay ukuvezile ukuthi ekwenzeni uphenyo lwabo baye bafika nasendaweni yasoPhongolo nayilapho bengabutholanga ubufakazi bokuthi inkulumo yeSILO yiyo eqale umlilo. Lokhu okushiwo nguMehluleli uPillay kuphendula umbuzo owabuzwa yiso iSILO ngesikhathi kunembizo ngalolu daba ezinkundleni zaseMabhida lapha iMBUBE yomhlaba yathi “Uma impela lokhu okushiwoyo kokuthi kube yinkulumo yami edale udlame, yini pho abantu basoPhongolo lapho engathula khona inkulumo bona bengenzanga lutho” kusho iSILO. Ukwamukela leli qiniso akwenziwanga nguMehluleli uPilay kuphela kepha namathimba amabili abe enza uphenyo olufanayo asho kanjalo. Ophenyweni lwayo lwesikhashana iHuman Rights Commission (HRC) eholwa ngu-Advocate uLawrance Mushwana kanjalo neKomiti lePhalamende elabe liholwa nguMhlonishwa uRuth Bhengu nalo lithola okufanayo.
Imithombo yabezindaba
Kepha kukho konke lokhu kukhona okungaveli obala, okuyiqhaza labemithombo yabezindaba. Umlando walo msindo uyakuveza ukuthi emuva kwenkulumo yeSILO kwabanombiko iphephandaba lesiZulu eliphuma nsuku zonke yilo elaqala labika ngalokho elakubiza njengenkulumo yeSILO enohlalwana ebhekiswe kwabokufika. Emuva kwalokho kwalandela amaphephandaba esiNgisi kanye namathelevishini ikakhulukazi iSouth African Broadcasting Coopertaion (SABC). Okuqaphelekayo kuyo yonke imibiko wukuthi abezindaba babelimisa ngembaba elokuthi banayo inkulumo yeSILO njengobufakazi.
Embikweni wakhe uMehluleli uPillay uthe: “Inzwabethi, ulwazi okungeyilo, amaividiyo nezithombe okungamawuwa, kanye nezihloko eziyihaba kwaba wumlilo wequbula ezinkundleni zokuxhumana Kanye nakwezinye izinda zokwazisa kwaphakamisa amaphaphu kuso sonke isifundzwe.”
Nokho uMehluleli njengeminye imibiko akabange esakuveza ukuthi ngabe uphenyo lwakhe lukhomba bani noma obani embonini yezokusakaza kanye namaphephandaba okungekho ukungabaza ukuthi uma ethi inkulumo yeSILO akuyona eyadala umsindo.