Now Reading
UMkhankaso wokumisa elaboHlanga
Dark Light

UMkhankaso wokumisa elaboHlanga

Kuhlanganiswa imali yabameli emizamweni yokukhipha abokufika epulazini nokubhekana neBAYEDE

Abokufika manje sebesibeka icala lobugqila. Iphephandaba lendawo likhiphe amakhasi amathathu. Lokhu kusolwa ngeke kunganakwa futhi sesithinta abameli bethu ukumisa abezindaba kanye nokugunyazwa ukukhipha laba bantu. Sidinga izi-R10000 ngokushesha ukuze kuqalwe. Uma uzizwa ukuthi ungakwazi ukusisiza, ngicela ungithinte. Ngisadinga imininingwane lapho kungafakwa khona imali.”  lona ngumyalezo ophuthumayo okhishwe ngumnini wepulazi iGood Hope, uMnu uAndrew Whartnaby awubhalele abalingani bakhe kuFacebook.

Lesi senzo sidalwe wumbiko weBAYEDE wangesonto eledlule lapho idalule isikhalo somphakathi wabokufika abathe uWhartnaby usebaphendule izimbamgodi. Akugcinanga lapho ngoba iBAYEDE ithole nemilayezo eshisayo ebivela esixukwini ebesizibiza ngabahlobo bomndeni wakwaWhartnaby.

Lesi sixuku obekubonakala ukuthi kasilifundanga ngisho udaba kepha siphawula ngenzwabethi sishiye esingalazi kubaphathi beBayede kanye nezintatheli. Phakathi kwezinto ebithukwa ngayo iBAYEDE bekuwukuthi leli phephandaba lizonda “abamhlophe”. Khona lapho lithukwe ngokuthi lijutshwe yinhlangano ye-Economic Freedom Fighters (EFF), iNkatha Freedom Party (IFP) kanye neSILO. Liphinde lathukwa ngokuthi isenzo sayo (iBAYEDE) siyimizamo kaHulumeni wokunyundela lo mndeni ngoba vele iminyango ethile kaHulumeni isempini nawo.

Kulesi sixuku kukhona uNks uSharon Adele Chick othe: “IBAYEDE iphephandaba elisekwa Inkatha. Kusukela iSILO sasolwa ngokuqubuka kwenzondo yabokufika kuyacaca ukuthi leli phephandaba liphume umkhankaso wokuzama ukuzwelana nabokufika ukuze iSILO sibukeke kahle. Kucaca bha nje lokhu ukuthi okwezombusazwe. Ngicabanga ukuthi kufanele nisiqonde ngqo iSILO noma niye kwabezindaba uma sinqaba. Shona kuso iSILO.”

Kuthe kusenjalo waqhamuka nombhalo kaNks uSharon Aurests ogadle wathi: Ubani onikhokhelayo ukwenza lokhu? Ngabe niliphepha le-EFF? Niyabazi laba bokufika? Niyazi ukuthi bayitholaphi imali? Kunokuthi nenze izinsolo ezilimazyo ezingamanga okuzonifaka ezinkingeni zomthetho, kufanele niphenye kabanzi nithole amaqiniso athakeselwayo. Yini nibe yizithumuthumu kangaka?

Omunye kube nguNks uMichelle Kingsford othe: “Laba bokufika bangavila axakayo engiwaziyo. Sonke isikhathi uma ngiye epulazini okukanye nona kabili ngesonto, bahleli nje abenzi lutho noma bayapheka… okufanele vele bakwenze ukuze bondle imindeni yabo. UNkulunkulu uyakubona lokhu kungcola nokubika okungeyikho, okumhlophe kulokho… nizowuthola umvuzo wokusabalalisa amanga. Nina kanye nabokufika. Uma nicabanga ukuthi nizovele nibike noma yini eniyithandayo, nishaye phansi, lo mhlaba okaNkulunkulu futhi uyakubona lokhu, ngeke nidabule ngenikushoyo nenikwenzayo okungumathanda wenu. Kuba wusuku losizi uma nibika amanga ukuze nenze iphepha lenu lithandeke.”

IBAYEDE kayibona omantolombana bamuntu, kayisatshiswa

Lawa ngamagama oMhleli ephendula lemizamo yokuginga elaboHlanga

“Enye yezinto iphephandaba laboHlanga elizigqaja ngayo wukungesabi ukumela iqiniso kanjalo nokunika ithuba zonke izinhlangothi ezithintekayo odabeni. Lokhu sikwenza ngaphandle kokwesaba. Ekwenzeni kwethu lokho asigcinanga nje ngokutuswa kepha sithole nezinhlaba. Bebodwa abasipha abazali abasha okuthiwa yibo abasikhokhelayo.

Esikhathini esifushane nje sesizenzele igama ngokukhonjwa kubazali abehlukene  kusuka kuhulumeni kuya kumaqembu aphiksayo. Okuba yihlaya lapha wukuthi phezu kwethuba esibanika lona abagxeki bethu akekho osaqhamuke nobufakazi bokuthi sondliwa yilabo okuthwa bondla amaphephandaba ukuze abhale abakuthandayo. Namanje sisathi akuze ubufakazi ukuze sikubhale phansi izwe lazi ukuthi sihleli nje kukhona abagila imikhuba abakhokhela amaphephandaba nemisakazo ukuba kusho abakufunayo.

Odabeni oluthinta  umphakathi wabokufika kanye nomikazi wepulazi iGood Hope kasingabazi ukuthi sikwenze konke okuhlanganisa nokukhuluma nabantu abayisithupha abathintekayo okubalwa naye umninipulazi.

Kasigcinanga lapho kepha ngisho nequlu elizibiza ngabangani bakhe silinika ithuba lokuba liphikise lokho okuqoshwe phansi okushiwo ngabokufika. Sibanikile ithuba izolo, siyabanika namuhla futhi nangesikhathi esizayo sizobanika. Okwenze sadedela abokufika bazikhulumele futhi sakuqopha lokho, bekuwukuqinisekisa ukuthi akukho okufihliwe.

See Also

Ezinsongweni zokuthi “sizomiswa” noma siqondiswe, impela sonke sesimi ngomumo ukuba sibuke ukuthi engabe iyozala nkomoni. Phezu kwezinsongo nokumemeza kwezixuku elaboHlanga lizoqhubeka liveze izindaba ezingagcini nje ngokufundisa kepha nangokuba lapho kwenziwa khona amanyala kugilwa imikhuba. Lokho siyokwenza ngaphandle kokuchema nokwesaba ngoba siyazi ukuthi wena njengomfundi wethu ufanelwe ngokungcono. Siyakumema ukuba uzizwele wena abokufika bebeka usizi lwabo bese uthatha esakho isinqumo.

Ungavakashela ku-www.soundcloud.com/bayede-news (Ishaneli yeBayede News kuYouTube)

Sigqugquzela nalabo ababona ukuthi bekungafanele sikubhale esikubhalile nona bethi senze iphutha ukuba bahambe baye ezinhlakeni ezibhekelele izimo ezinjalo ukuze basizakale. Siyazeseka izintatheli zethu ngomsebenzi eziwenzile wokunika zonke izinhlangothi ukuba ziphawule ngalolu daba.

Usazozalwa ozokwenza elaboHlanga umantolombana ngoba kuze kube yimanje kasimantolombane kamuntu.

Siyazi nagemi khankaso yokusinyundela kusetshenziswa eminye imithombo.” – Abaphathi beBAYEDE.

Scroll To Top