Ishoshozela, isiboshwa, ungqondongqondo


Mhla zintathu kuNhlolanja 1989 kwenye yezincwadi eziningi esasibhalelana zona, uMnuz uNelson Mandela wangibhalela wathi: “Empilweni yami neminyaka eminingi ngikwezombangazwe, kazikho izinto eziningi ezangidalela ukudangala njengokubona abantu bakithi bebulalana bodwa ngale ndlela ababulalana ngayo njengamanje.”
Ezingxoxweni ebesiba nazo noMadiba udaba lokubuyisana lungenye yezinto ebesivame ukuluxoxa. Ngakho sasikubona kumqoka ukunqamuka kwempi uKhongolose ayeseyethe igama wathi “Impi Yabantu.” Umkhankaso wezithunywa zikaKhongolose ezazingaphandle kwezwe wokungingcofa neNkatha wawusukela ezingeni eliphezulu kakhulu. Sobabili, sasikushabashekela ukuba kube nokubuyisana noxolo. Kepha sabhekana nokuphikiswa okwesabekayo.
Ngethulwa kuMnu uMandela nguMnu uWalter Sisulu. Lokhu kwakungaphambili kakhulu kwecala uMnu uMandela nabanye bakaKhongolose abagcina bethweswe lona elaziwa ngokuthi ‘Icala LaseRivonia’. Yilona abhadliselwa lona ejele uMadiba. Ngithandana nendodakazi kaMnu uZachariah Mzila ngafike ngazi ekhweni lami ukuthi uMadiba wayengumngani omkhulu womkhwe wami uMnuz uMzila. UMnu uMandela wayeyisivakashi esasivamile ukuhambela uMnu uZachariah Mzila kanye nomkakhe uNkk uTabitha Mzila (uMaNdlovu). Babehlangana futhi nomkhwe wami eBantu Social Centre lapho umkhwe wami wayeyingqwele yomdlalo wamadraughts. Uze wahamba emhlabeni uMadiba incoko lakhe elikhulu nomkami uMaMzila ethi; “Wena njalo-nje nxa ngivakashele kini wawuthi ungangibingelela bese ubamba umlomo ungihleka” Abesethi uMadiba kusho ukuthi kukhona okwakukugigithetkisa uma ungibuka (athi ngesilungu; “I must have looked very funny”). Bese kuhlekwa. Nasekuhambeni komukhwe wami uMzila emhlabeni kwaba yimi njengomkhwenyana engacela uMnu uMandela njengommeli ukuba alungise udaba lwamafa omukhwe wami uMnu uMzila.
UMadiba bekungenzeki nxa ngiseGoli angangimemi ukuba siyodla isidlo sakusihlwa emzini wakhe. Waqala ukungimema kanjalo esaganwe nguNkk u-Evelyn Mamase. Nalapha eseganwe nguNkk uNomzamo Mandela. Ngesinye isikhathi ngowe-1963 ngaphelekezela iSilo saKwaKhethomthandayo uBhusha egula, wasimema naso iSilo ukuba siyodla isidlo sakusihlwa emzini wakhe. Yilapho asethula khona iSilo kuKumkani yaBaThembu, iNkosi uSabatha Dalindyebo.
Bengifuna ukucacisa ukuthi amaxhama ayengihlanganise noMadiba kwakungewona kuphela akaKhongolose, sasixhumene nanjengomndeni.
Nalapho amaphoyisa ebopha iSilo saKwaKhethomthandayo ngodaba lwepasi, nguye uMadiba, ummeli, engacela ukuba aphathe lolo daba. Ngakho-ke noma eseboshiwe ejele saqhubeka sabhalelana, ezinye izincwadi uMadiba ayengilobela zona wayaye azibhalele umkami uMaMzila. Ingxenye yalezi zincwadi esasibhalelana zona noMadiba zikhona emabhukwini; i-A Prisoner in the Garden neConversations with Myself nakwekaNkk uWinnie Mandela.
Kwala noma kade sisebenzisana nomholi kaKhongolose uMnu u-Oliver Tambo, kwadaleka uqhekeko phakathi kwakhe noKhongolose kanye nami ngeNkatha, lokho akuwanqamulanga amaxhama okuxhumana phakathi kwami noMadiba. Uqhekeko lwadaleka ngenxa yokuba emihlanganweni esaba nayo noMnu uTambo nethimba likaKhongolose kanye nami nethimba leNkatha yeNkululeko ngowe-1979 asivumelananga ngodaba uKhongolose ayethi asiluvume ukuba izinkampani zemisebenzi zaphesheya zibhoncule izikhonkwane zomnotho. Eyesibili umholi uMnu uTambo wayefisa ukuba sivumelane ukuba kuthathwe izikhali kuliwe nombuso owawusicindezele. Kasixabananga noMnu uTambo ngalokho kungaboni kwethu ngaso linye kulezi zihloko ezimbili. Wayethembisile uMnu uTambo ukuthi sizolokhu sixhumene, kwathi-ke ngisabheke lokho kwaqala umkhankaso kaKhongolose wokungigxibha neNkatha emhlabeni wonke. Uqhutshwa ngumsakazo kaKhongolose iRadio Freedom. Namaphephabhuku abo afana neSechaba baze babhala nebhuku ngesandla sikaMnu uNobleman Nxumalo.
Konke lokhu akusehlukanisanga noMadiba. Waze wathumela umlayezo ethi kangiye eLusaka ukuba sizame ukubuyisana nomholi kaKhongolose uMnu u-Oliver Tambo. Kepha ngenxa yokwenyuka kokungigxeka okwakwenziwa nguKhongolose emazweni angaphandle kanye ne-UDF noCOSATU lapha ngaphakathi kayibange isababikho indlela yokuba ngikwenze lokho uMadiba ayethi angikwenze. Okukhulu futhi kwakukhona nezinkulumo zamatulo okungibulala. UMadiba wayezimisele ngokuba kubuyiswane. Ikakhulu nangokuba kwathi ngivakashele uMengameli waseZambia uDkt uKenneth Kaunda ngiyombonga ngokukhoselisa abafowethu nodadewethu ababebhace eZambia. Wasengeluleka ethi kufanele ngiqale inhlangano enobulungu. Ngenxa yokuthi sasisebenza ngokubambisana noMnu uTambo ngathumela kuye ukuyokuzwa ukuthi ngikwenze yini lokhu okushiwo nguMengameli uKaunda. Njengoba sasivele silumbimbi lukaKhongolose ngabe sengithatha izwi likaMnu uTambo ethi ngingaqhubeka ngikwenze lokhu okushiwo uKaunda. Ngacela izeluleko kuSobaba uBishop u-Alpheus Zulu wathi ukuze kungagqami ukuba lumbimbi kwethu noKhongolose asizame ukusebenzisa igama leNkatha ngesiNgisi sayiNational Cultural Liberation Movement.
Ngedlulela kuMengameli uJulius Nyerere ngiyombonga ngokubhacisa abaholi bethu bazo zonke izinhlangano ezazibhace eTanzania.
Incwadi-ke lena engiqale ngayo wayiloba uMadiba eseseVictor Verster Prison ethi uma ephuma sibonane, sizame ukuletha ukuthula, kunqamuke igazi elaseligobhoza yonke indawo lempi yabantu. Ekuphumeni kwakhe ejele uMadiba wangishayela ucingo egcizelela isidingo sokuba sibonane masinyane. Kepha lokho akwenzekanga. Kwaze kwathi uMadiba evakashele eTranskei (i-Eastern Cape) aMakhosi aseTranskei ambuza uMadiba ukuthi njengoba wena noButhelezi ningabangani abangaka kwaze kwaqhubeka isikhathi esingaka ningakabonani kwenziwa yini lokho? UMadiba wathi njengomholi weqiniso uvinjelwe ngabaholi bakaKhongolose ne-UDF abathi angaze ahlangana nami. Waze wathi uMadiba labo baholi kusalele ukuba bangiklinye.
Kwaze kwacishe kwahlangana unyaka singabonene noMadiba. Evinjelwe. Kodwa ngenxa yobuqotho bakhe kwathi kuRally yokuqala ayekhuluma kuyo eThekwini uMadiba wangibonga neNkatha ngokuba sakhankasela ukuba akhululwe etilongweni. Baze abanye bamthuka bathi; “Kanti leli khehla linguklova” benengwa ngukuba ekhuluma iqiniso. Lokhu kwakhombisa isibindi esikhulu sikaMadiba njengomholi oneqiniso. Saze saba nomhlangano noMnu uMandela nethimba likaKhongolose mhla zingama-29 kuMasingana 1991 eRoyal Hotel eThekwini.
Lo mhlangano wathatha usuku lonke. Kwathi sekufanele ahambe uMnu uMandela ayobamba indiza eya eGoli kwasiza uMnuz u-Arnold Zulman waqasha indiza ukuba imthathe sesiqede umhlangano.
Ezinqumeni ezimqoka ezathathwayo yithi sihlangene kwathiwa kusukela ngaleso sikhathi sekumele uMnu uMandela nami sikhulume emihlanganweni ehlanganise amalungu kaKhongolose naweNkatha ukuzama khona ukuba sibuyisane. Sakuthokozela sonke. Ngabe sengithola isimemo khona ngalezo nsuku ukuba ngiyokhuluma kuRally yeNkatha ngaseMgungundlovu KwaThethi (Taylor’s Halt). Ngamshayela uMadiba wavumela phezulu ukuthi siye sobabili nokuthi iRally kube ngeyamalungu kaKhongolose kanye naweNkatha. Kepha ngeshwa kwathi sekusele izinsuku ezimbalwa lufike usuku lokuba siye noMadiba KwaThethi ngase ngitshenwa nguNobhala-Jikelele weNkatha uDkt u-Oscar Dhlomo ethi uzwe ukuthi uMadiba akasayi nami KwaThethi. Ngamshayela ucingo uMadiba ngifuna ukwazi iqiniso lalokhu ukuba engasayi nami KwaThethi. Wangitshena ukuthi kwatheleka umholi kaKhongolose wasesifundeni saseNatal uMnu uHarry Gwala nabaholi bakaKhongolose besifundazwe saseNatal behamba ngebhasi eShell House, bamtshena ezikabhoqo uMnu uMandela bathi abafuni aye nami KwaThethi.
Emva kwalokho saya eKomitini Yokuphepha (UN Security Council) eNew York noMadiba. Ngezwa obukhulu ubuhlungu ngizizwela ngezindlebe zami ngikhona uMadiba ebiza Inkatha njengezincelebana zombuso wobandululo (a surrogate of apartheid). Nokho kangizange ngithathe ngokuthi lawo mazwi ayevela enhliziyweni yakhe uMadiba. Ngavele ngaqonda ukuthi leyo nto uyibhalelwe yibo laba abasivimbele ukuba siye sobabili KwaThethi.
Ngaya mhla uMhlonishwa u-Aziz Pahad eyokwethula ibhuku ayesanda kulibhala. Ngamangala nxa kulotshwe ukuthi mina ngaguqulwa nguMnu uMandela ngoNdasa 1994 ukuvuma ukuba mina neNkatha singene okhethweni. Lokhu akulona neze iqiniso.
Iqiniso yinanti; ukuthi njengoba Inkatha yayifisa kucaciswe ngoBukhosi bukaZulu ngaphambi kokhetho, sasithe kuhle kufike abalamuli bamazwe angaphandle ukuzoxazulula ukuthi uBukhosi beSILO buyoma kanjani nxa sesiqhuba ngentando yabantu. Bafika abalamuli kodwa ngenxa yoMhlonishwa uCyril Ramaphosa kanye noMnu uRoelf Meyer bayichitha indaba yokuba balamule laba balamuli, sebefikile. Kwaze kwathi mhla zili-19 kuMbasa 1994 ePitoli ngenxa yokungenelela kulolu daba nguProfessor uWashington Okumu waseKenya, sasayina isivumelwano noMnu uMandela noMnu uF.W. de Klerk ukuthi Inkatha nathi sizongena okhethweni mhla zingama-27 kuNdasa 1994 bese kuthi emva kwalo banikwe ithuba abalamuli bangaphandle ukuzoxazulula lolu daba loBukhosi beSILO. Sangena kanjalo okhethweni.
Kangikhohlwa futhi mhla iNyuvesi yaseZululand imhlonipha uMadiba ngeziqu zobudokotela lapho acasula abaningi esekhuluma ethi kokunye siyosizwa kukho yibo oShenge laba ngoba thina besisemajele nasemahlathini. Miningi imilomo eyaphukulwayo yayizintaba kwayilapho eseshilo uMadiba.
Okwedlula konke ngobuqotho bakhe ngonyaka wezi-2002 wenze isitatimende esathukuthelisa abaningi eqenjini ayelihola wathi ekhuluma ngami; “Akukho esingakusebenzisanga ukumqeda nya. Kodwa sehlulekile. Yilokhu ekhona. Kasikwazi ukungamnaki. Uyingcwepheshi yokuphepha.”
Ngumuntu weqiniso nomholi oqotho kuphela owayengavuma lokhu angabi nandaba ukuthi abanye eqenjini akulo ngeke kwehle kahle kubo.
Ah! Dalibhunga!
- UMntwana uMangosuthu Buthelezi. Uyilungu lephalamende. Nomengameli weqembu lenkatha yenkululeko
- Loludaba lwashicilelwa: 3-10 kuZibandlela 2015