Now Reading
Impi isisemkhathini: Izindiza zamazwe kaziphephile
Dark Light

Impi isisemkhathini: Izindiza zamazwe kaziphephile

Bekuhlale kunokuqagela ukuthi impi noma ukuhlaselana kwamazwe kuzoba kuphi nokuthi kuzobangelwa yini.

Kepha kukhona impi noma ishashalazi okungakhulunywanga ngalo nosekubukeka ukuthi yikho okungase kungagcini ngokuba yisizathu sempi kepha kube yinkundla lapho amazwe kanjalo nezimbangi zikhiphelana khona unya namangwevu. Lolu wudaba lwezindiza.

Ukuphahlazeka kwendiza yaseRussia ezweni iGibhithe  ngomhla zingama-31 kuMfumfu kufakazele inkinga amazwe omhlaba asazobhekana nayo uma kufika odabeni lokuphepha kwezindiza kanye nobushokobezi.  Kule ndiza yaseRusssia kusale phansi abantu abangama-224 okungabagibeli kanye nezisebenzi. Indiza le kuthiwa ibiphikelele eSt Petersburg eRussia. Yize uphenyo lungakaphothulwa sekukhona asebelibeke ngembaba elithi lena akubanga yingozi kepha kuqhume ibhomu.

Isigameko saseGibhithe silandela impicabandala yokuduka emkhathini kwendiza yaseMalaysia mhla zili-17 kuNtulikazi 2014. Indiza i-MH17, eyayilibangise eKaula Lumpur yanyamalala emkhathini nokwagcina kutholakale ukuthi iphahlazeke  e-Ukraine. Lapha kwasala phansi  abantu abangama-283, isibalo esasihlanganisa izingane ezingama-80  nezisebenzi zendiza ezili-15. Uphenyo luveze ukuthi nembala le ndiza yahlaliswa phansi yisiqhumane.  Zonke lezi zigameko zivusa umunyu eMelika nayo ngonyaka wezi-2011 yahlaselwa. Lapha kwadunwa izindiza ezine ngamadoda ali-19 angamalungu e-Al-Qaeda. Lokhu kwalandela isigameko lapho izindiza ezimbili okwakuyi -American Airlines Flight 11 kanye ne-United Airlines Flight 175  aphahlazeka ezakhiweni iWorld Trade Centre eNew York.  Konke lokhu kwathatha imiphefumulo yabantu abayizi-2996 okuhlanganisa nabaduni.  Kanti umonakalo wengqalasizinda wahlawumbiselwa ezigidinigidini ezili-$10.

Kanti esinye isigameko esingelibaleke kwezezindiza yileso esenzeka ngonyaka we-1998. Lapha abantu abangama-243 babhubha endizeni iPan Am Trans Atlantic eyayisuka eFrankfurt eGermany iya eDetroit eMelika, izokwedlula eLondon naseNew York. Le ndiza yaqhuma eScotland endaweni yaseLockerbie. Okwengeza isibalo sabantu abafa kwaba wukuthi ekuqhumeni nasekuphahlazekeni kwalo lawela emizini yabantu kwafa abali-11 kwaboshwa abantu baseLibya.

Izehlakalo zakamuva zokuqhumiswa kwamabhanoyi kanye nokubhubha kwabantu abaningi seziletha ukwesaba kubagibeli kanti izinhloli zamazwe ngamazwe sisangene amakhanda ngoba ukuphahlazeka kwendiza ethutha abantu baseRussia eGibhithe kudala ingcindezi nokubhekana ngeziqu zamehlo kulawo mazwe omunye ekhomba omunye esweni.

See Also

Kanti okunye okubukeka kwethusa izinhloli nohulumeni bamazwe izindaba zokuthi ophuma silwe abafana ne-Al-Qaeda ne-ISS sebenabo ubuchwepheshe  bokwenza imishini esezikhumulweni zezindiza ongakwazi ukubona uma kunesiqhumane. Uma lokhu kuliqiniso okusho ukuthi akekho ophephile ngoba uma ugibela indiza namuhla kungenzeka kube wusuku lwakho lokugcina emhlabeni. Okucacayo wukuthi lena yimpi noma yinkundla umhlaba obungayilindele.

Loludaba lwashicilelwa: 12-19 kuLwezi 2015

Scroll To Top