Now Reading
Umnotho ukulokhu okuthandayo nogxile kukhona
Dark Light

Umnotho ukulokhu okuthandayo nogxile kukhona

Kumnandi ukubona umuntu enza into ayithandayo, ayaziyo, eyenza kahle futhi ephumelela uma eyenza. Kubakuhle kwedlulele uma leyo nto ayenzayo kube yiyo engumongo wokuphila kwakhe, ibe ngumnyombo womnotho azoziphilisa ngawo. Lolu thando uyaye ulubone kwesinye isikhathi lapho abantu bedlala umdlalo othize abawuthandayo, uze ugcine unezibukeli, kodwa futhi ungumgogodla wempilo yomnotho walowo muntu.

Omunye wababhali woHlanga wathi, ‘Uma intombi ithanda insizwa iyaye ithande ngisho izintaba zangakhona; kepha seyiyalile leyo nsizwa kumbe iphoxeke ngandlela thizeni, yona leyo ntombi iyaye izonde ngisho umoya ovunguza uqhamuka ngakubo kwaleyo nsizwa.’

Wuthando lwempela-ke lolu, olungafani nalolu oluvamisile namuhla, lapho kuhlukanwa kungahlukanwa kugcina ngokuthi abebethandana babe ngabangane. Kulezi zinsuku sekwande uthando olugxamalazile, kuze kuthiwe akulungile ukuma
ngomlenze owodwa. Umbuzo uthi-ke, ‘Wuthando olunjani-keb lolu olugxamalazayo’? Uthando olugxamalazile alugxili. Kuthi noma luphela omunye umuntu azitshele ukuthi kungcono ngoba kusenomlenze wesibili.

Ukuze uphumelele-ke emsebenzini owenzayo kumele uwuthande kanjalo. Angiqondileke ukugxila othandweni lwababili, kodwa ngithanda ukuveza ukuthi uthando olunjalo olungagxamalazile luyadingeka emnothweni.

Izinto eziphathelene nomnotho zinesikhwele. Awukwazi ukuyiqala bese nje wethemba ukuthi izozikhulela. Kuyadingeka ukuthi into oyenzayo uyithande
ngenhliziyo nangengqondo yakho. Akwenzi mqondo ukuba utshale bese uyafulathela wethembe ukuthi kuzozimilela nokhula luzihlakule. Kuyadinga ukuba
uzinike isikhathi ukhombise ukuthi le nto oyenzayo iseduze nenhliziyo yakho, futhi
uyondle. Uma kunjalo konke kuyazizela ngoba umuntu usuke enza into ayithandayo futhi anokuyifela uma isimo sidinga loko.

Emnothweni kuyinto engangathekiswa ukuthi ngeke uphumelele entweni oyithanda kancane. Noma iyiphi into oyenzayo kuhle ukuba uyithande ukuze ukwazi ukwakha amasu okuyivikela.

Emqondweni womuntu ogxile emnothweni kuhlala kukhona ukuthi kunezinto ezithile angenakuzenza ukuze ahlale esemnothweni. Ngike ngakusho ukuthi intuba yokungena emnothweni kungaba yinoma yini. Imfihlo isekutheni leyo nto uyithanda kangakanani futhi uyazi kangakanani. Uma sewunalo uthando nolwazi kumele ubheke izintuba okuzongena ngazo imali uma wenza le nto oyithandayo.

Aluluhle uthando uma lungenanzuzo. Kwesinye isikhathi kuletha iminjunju ukubuka ibanga okusamele silihambe njengesizwe ukuze sifunde ukuwuthanda siwuvikele umnotho wethu. Sinothile kodwa kungenzeka ukuthi asiwuthandi njengokufanelekile umnotho wethu ukuthi singawuvikela, futhi siwufele uma kudingeka.

Kwesinye isikhathi size siwuthandelwe ngabanye abantu, bese bewuthatha bawusebenze njengowabo bese sidla entendeni yesandla sabo.

Ngiyaye ngifise ukuthi ngithole oyoke angichazele ukuthi yiyiphi imboni esingaziqhayisa ngayo ukuthi aboHlanga bayengamele futhi bangongoti nojikelele kuyo. Ikhona yini imboni esingathi imfihlo yayo ikithina nje boHlanga, ofuna ulwazi nokungena kuyo kumele abuze kithi? Ngingajabula uma singazibuza lo mbuzo ngenhloso yokuthi sizibhekisise izinga esikulo ekuthandeni umnotho.

Ukucacisa lokhu engikushoyo ngenhla ngizoxoxa kafushane ngemboni yezinyoni ezingamajuba engenye yezimboni abamhlophe abathile abakuyo. Bayawafuya la majuba bawafundise izinto ezithile ezigcina ziwenza ehluke kwamanye amajuba
aziphilelayo nje engafuyiwe.

Le mboni abangenanga kuyo ngokubandlulula omunye umuntu, kodwa bayisungula bayikhulisa imihla namalanga base beyivikela. Kwesinye isikhathi ukuvikela kwabo lokho okungamagugu abo kuyaye kugcine sekunokubandlulula okucashile. La majuba agcina esetshenziswa emidlalweni enhlobonhlobo, kodwa okugcina kuvule uhlobo oluthile oluyimboni yomnotho kubafuyi nabafundisi bamajuba.

Ngisakhula bengiye ngibone izinyoni ezingamajuba ezifuywe ngabamhlophe ababakhelene nezindawo zethu zindiza ziyohlangana nomninizo endaweni ethize. Zazindiza ziwumshungu lezi zinyoni, bese sizwa ukuthi umnikazi-majuba uwathathe wahamba nawo wafike wawadedela endaweni ekude nasekhaya, ukuze azibonele ukuthi ayakwazi yini ukuthola indlela eya ekhaya.

Ngaleso sikhathi kwakungimangalisa nje ukuthi abelungu banesikhathi sokudlala. Kwakungafiki lutho emqondweni wami oluhlanganisa lo mdlalo wokundizisa amajuba nomnotho. Eningini lethu kwakungukuthi abelungu banesikhathi sokuganga nje, kumbe wumdlalo wabo wokuchitha isizungu, lapho befundisa izinyoni ukundiza zibuyele ekhaya. Lolu hlobo lo mdlalo bawufukamele kunganake
muntu, manje abanye bangongoti kuwo.

Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule bekunomncintiswano lapho abahleli bomncintiswano wokundizisa izinyoni babefuna umuntu onejuba elikwazi ukuthola indlela ebuyela ekhaya kuqala kunawabanye. Ophume phambili kulo mncintiswano
wayezothola umklomelo oyizi-R2 400 000, kuthi ophume isibili athole izi-R1 600 000, kuqhubeke njalo kuze kufike kophume waba ngowekhulu athole izi-R24 000.

Lo mncintiswano wawungenelwe ngabantu abehlukahlukene abavela emazweni angamashumi amathathu nesishiyagalolunye ahlukene emhlabeni jikelele.

Owaba ngowokuqala ukubuyelwa ngamajuba akhe ongowaseNingizimu Afrika waphuma waba ngowesihlanu emncintiswanweni jikelele.

Ngayo yonke iminyaka kunalo mncintiswano oyintandokazi kwabathile bohlanga olumhlophe. Lapha kulolu hlobo lwemidlalo akugxilwa nje kuphela ekundiziseni amajuba bese kuphelela lapho. Kulolu hlobo lwemidlalo ezinye izinhlanga yilapho zithola ithuba lokuxhumana kwaziwane, kushiyelwane imiqondo ethize, banikezane amathuba bese beyavikelana bebodwa. Lokhu uyakuthola futhi kubadlali begalofu. Ngeke ubehlukanise kalula nje. Lokho kwenza umnotho wabo uvikeleke, ungaphumi kalula nje ezandleni zabo. Lokhu bakwenza kalula nje bengaphuli mithetho yezwe, kodwa kuthi uma uzama ukungena kulelo qembu ungabi nandawo uma ungowolunye uhlanga.

Lena ngenye yezinto ezingavamile kwaboHlanga. Noma yenzeka yenzeka ngezinga eliphansi kakhulu. Uma ucabanga ngamazwe angamashumi amathathu nesishiyagalolunye ahlangana kule midlalo yokundizisa amajuba, kuyacaca ukuthi
lapho kunethuba lokufunda izinto ezintsha ezenziwa kulawo mazwe, kube kuhlangenwe ngomdlalo nje. Lapha umuntu ulunguza emathubeni akhona kwamanye amazwe, kuxoxiswane, kuvunyelwane basungule futhi bamise umnotho
wabo.

Kithina boHlanga uhlobo lwenyoni esiyaziyo futhi esiyijwayele, yinkukhu, kanye naleyo esakhula ishaywa ngesihlilingi iwe siyose sidle inyama. Kuhle ngigcizelele ukuthi siyadinga ukubuka izinto ezingabukeka zingenamsebenzi ongako ezinye zazo zenziwa samdlalo kodwa ziyisisekelo somnotho omkhulu.

Uma sikhuluma ngepolitiki yomnotho ngiyafisa ukuba sijule ngokucabanga, singacabangi nje ukuthi yinto ehlezi obala. Icasha kuzo izinhlobo zemidlalo enjengalena, lapho uthola ukuthi ukuhwebelana kucasha futhi kuzungeze kulelo nalelo qoqwana labantu abahlangene ngenhloso eyodwa. Wena obukelayo uyolokhu ubona izinyoni zindiza kanti kuningi okunye okuxhantile kumbe okucashiswe kuzo lezi zinyoni.

Kumele njengaboHlanga sihlale sivule amehlo, sibuka izinhlobo ngezinhlobo zezinto
esikhule ziyimidlalo, sibone ukuthi singesungule yini okusha okungaba yinkundla yomnotho esizogida kuyo. Uma senza kanjalo siyosimama siqhubeke sihlonishwa futhi kwaziwa ukuthi siyakwazi ukusungula uhlelo lomnotho futhi siluthande sikwazi ukuluvikela.

Scroll To Top