Now Reading
Isigingiwe indlovu yakwaDakw’udunuse
Dark Light

Isigingiwe indlovu yakwaDakw’udunuse

UMholi we-EFF uMnu uJulius Malema uthe iqembu lakhe lizomgudluza uZuma liphinde limbophe. Khona manjalo kuvela imibuzo ngohlobo lwabameli abeluleka uMengameli

 

USUKU okade lubikezelwa selufike lwedlula. Izolo (ngoLwesine) iNkantolo YoMthethosisekelo ikhiphe isinqumo odabeni oluthinta uMengameli wezwe, uJacob Zuma, iHhovisi loMphakathi, iPhalamende kanye namaqembu aphikisayo okuyi-Economic Freedom Fighters (EFF) kanye neDemocratic Alliance. Lesi sinqumo simayelana nezakhiwo ezithile emzini wakhe (uMengameli) wakwaDakw’udunuse eNkandla. Inkantolo kayilahlanga uZuma nje kuphela kepha ilisolile nePhalamende ngalokhu elikubize ngokwehluleka ukwenza umsebenzi walo wokuqinisekisa ukuthi uZuma uyazilandela izincomo zeHhovisi loMvikeli WoMphakathi.

Lapha umvusi wenyamazane kwaba  yi-EFF eyasebenzisa isahluko 167 (4) (e) soMthethosisekelo, esithi iNkantolo YoMthethosisekelo  inganquma  ukuthi ‘iPhalamende noma uMengameli wehlulekile ukwenza lokho okungumsebenzi wakhe’.  Lokhu kulandela ukuthi bobabili uMengameli kanye nePhalamende bebe nezaba ekulandeleni umbiko woMvikeli WoMphakathi.

Kulesi sinqumo ebesihlalelwe yisigungu sonke sabehluleli beNkantolo yoMthethosisekelo, uMahluleli Omkhulu uMogoeng Mogoeng usole uMengameli ngokungawuvikeli uMthethosisekelo wezwe njengenhloko yoMbuso.

“UMengameli uyinhloko yombuso, uyisakhamuzi sokuqala saleli lizwe, isizwe sonke sethembele kuye ukuba ahole izwe enyathukweni okuyiyo” kusho uMogoeng.  Uqhube wathi “Ekwehlulekeni ukuhlangabezana neziphakamiso (ezabe zenziwe yiHhovisi loMvikeli WoMphakathi) uMengameli wehlulekile ukuvikela nokuhlonipha umthethosisekelo.

Akukho ukungabaza ekuthini la mazwi kaMahluleli Omkhulu angase abe yisikhali esinamandla kumaqembu aphikisayo oselokhu kwathi nhlo akhala ngokuthi uMengameli wephula umthetho kulolu daba. Iqembu elikhulu kwaphikisayo iDA isizame amahlandla amabili ukuthola isivumelwano kuwo wonke amaqembu akhona ePhalamende ukuba avumelane ngokuthi uMengameli akahoxe nokho ubuningi beqembu elibusayo bekwenza le mizamo ingaphumeleli. Ngasohlangithini lwePhalamende isinqumo seNkantolo sibukeka sizofaka lesi sakhiwo ehlazweni kanjalo noNgqongqoshe abathize. Selokhu kwaphuma isinqumo soMvikeli WoMphakathi ngodaba lakwaDakw’udunuse bekunokuqophisana phakathi kuka-Advocate uThuli Madonsela kanye namalungu ePhalamende ikakhulukazi avela ngaseqenjini elibusayo.

Kulesi sinqumo akuwona wodwa amaqembu aphikisayo ajabulile kepha neHhovisi loMvikeli WoMphakathi nalo ngoba ngaphandle nje kwepolitiki, isinqumo lesi sicacisa okuningi ngamandla alo. Lapha uMahluleli Omkhulu ufanise iHhovisi loMvikeli WoMphakathi njengoDavide waseBhayibhelini owabe ebhekene nesikhondlakhondla esinguGoliyathe. Uphinde wakugcizelela ubumqoka baleli Hhovisi elakhiwe kulandelwa umthethosisekelo.

Ephawula emuva kokuphuma kwesinqumo, loyo oliPhini loMvikeli WoMphakathi, u-Advocate  uKevin Malunga  usishayele ihlombe isinqumo senkantolo. “Lolu wusuku olukhulu lweHhovisi loMvikeli WoMphakathi Kodwa kungukujabula okukhulu kweSouth Africa. Bengihlale ngibatshela ukuthi iHhovisi loMvikeli WoMphakathi linamazinyo hhayi okufakelwa. Ngenye indlela siyiso lomphakathi. Futhi konke esikwenzayo sikwenza ngokuzimisela,’’ kusho u-Advocate uMalunga.

Uphinde wathi: “Siyaziqhenya. Lesi kube yisinqumo esihle esikhishwe nguMahluleli Omkhulu uMogoeng Mogoeng. Eminyakeni engama-50 kusukela manje, sifuna ukubona uMvikeli WoMphakathi onomgogodla kanye neHhovisi lakhe elinamandla,”

See Also

Abanye abathole ukusolwa kulesi sinqumo ngabameli bakaMengameli nabasolwa ngokumholela Ophathe. Lapha uMahluleli Omkhulu uthe: “Kungenzeka ukuthi uMengameli ubekwenza konke lokhu elandela izeluleko ezingalungile zezomthetho, yena engenazo izinhloso ezimbi. Yize kunjalo ukungabi semthethweni kwezenzo zakhe kumile”. Lokhu kukhuluma kubukeka kuzokhomba umeluleki kaZuma wezomthetho ummeli uMike Hurley okade kukhalwa ngaye ekutheni nguye odonsela uZuma Ophathe njengoba ehlala ehlazwa ezinkantolo.

Bathi sebeyigingile indlovu

Njengoba bekulindelekile ukuphuma kwalesi sinqumo kudale isiminyaminya sabezindaba kwaphinde kwapha ithuba amaqembu aphikisayo abesekhaleni lalo mkhankaso wokuginga indlovu ithuba lokuba agiye. Ephawula ngesinqumo lowo ongumholi weDA, uMhlonishwa uMmusi Maimane uthe “Izenzo zikaMengameli uZuma ziwukwedelela umthethosisekelo, nokubeka ngokusobala izizathu zokuthi ahoshwe.”

Ngakolunye uhlangothi umholi  we-EFF, uMhlonishwa uJulius Malema yena uthe, sesifikile isikhathi sokuthi abantu baseNingizimu Afrika bayilalele i-EFF uma ikhuluma. Uqhubeke wathi iqembu lakhe lizomgudluza uZuma liphinde limbophe.

Lesi sinqumo sinyakazise nobuholi obuphezulu be-ANC obekulindeleke ukuba buhlangane izolo ukuzodingida isinqumo nomthelela waso. Khona lapho kuvele ukuthi kungenzeka kube nesidingo sokubiza umhlangano wesiGungu Esiphezulu sale nhlangano.

Scroll To Top