UMzizi emkhankasweni wokulungisa ukukhuluma
Yize kungenzeka ukuthi uMbeki unephuzu kulokhu akusho kepha akubukeki kuzoguqula izimpilo zalabo abaphila negciwane kanti usolwa nangokuba negqabho
UTHATHWA njengomunye wezincithabuchopho zase-Afrika. Izinkulumo zakhe ngezwekazi i-Afrika kanye nalokho okumelwe kwenziwe zivusa uhlevana kulabo abazigqajayo ngokuba ngama-Afrika. Kanti nesikhathi sokubusa kwakhe sithathwa njengaleso esaletha uguquko olokhulu eNingizimu Afrika, e-Afrika nasemhlabeni jikelele. Lona nguMnu uThabo Mvuyelwa Mbeki. Nokho njengoba isiZulu sisho ukuthi akusoka lingenasici, nakuye okaMzizi (abakwaMbeki) akubanga kuhle konke. Kwaba khona okungamachashaza emlandweni wakhe. Ichashaza okubukeka laba libi ngesikhathi sokuphatha kwakhe kwaba yizikhulu ezabe zimeyamanisa nalabo ababephika ukulumbana kwesandulelelangculaza (HIV) kanye negciwane lengculaza uqobo (Aids). Izinkulumo zangaleso sikhathi zabe simsola uMzizi ekutheni inqubomgomo kaHulumeni wakhe yabangela ukufa kwezinkulungwane zabantu kuleli, nokuyinto nanamuhla okaMbeki nalabo abamesekayo besayiphikisa.
Le nkulumo yanda kakhulu ngesikhathi iNyuvesi ehlonishwayo emhlabeni iHavard yethula uMbiko owaphetha ngokuthi “abantu abangaphezu kwezi-300 000 babhubha kungenasidingo ngenxa yenqubomgomo kaHulumeni owabe uholwa nguMbeki”. Ngokwalo mbiko ukundoda ekusabalaliseni imishanguzo yama-ARV eyabe ithathwa njengesithiyo ekusuleleni isifo esivela kumzali siya kusana lwakhe. Lokhu kukhuluma kuqhubekile nokumlandela yize sekwaphela iminyaka eli-13 asuka ekubeni nguMengameli. Nanamuhla uma kukhulunywa ngaye akusali ukuthi waba yimbangela yokufa kwabantu njengoba kwakusho umbiko waseHarvard.
Ukulungisa ukukhuluma
Esenzweni esibukeka njengokulungisa ukukhuluma, uMzizi ngaphansi kophahla lweThabo Mbeki Foundation wethule uchungechunge lwezincwadi ezicacisa kabanzi ngalokho okwabe kwenzeka ngesikhathi sokubusa kwakhe. Lezi akuzona nje izincwadi ezikhuluma ngezangaphakathi eqenjini lakhe lezepolitiki i-African National Congress (ANC) noma kunqubomgomo yezangaphakathi kepha ngobuchule ibuka nepolitiki yasezwenikazi kanjalo nalokho okwenzeka kupolitiki yamazwe ngamazwe. Odabeni olulungisa ukukhuluma ngodaba lwengculazi olungathinti uMzizi kuphela kepha amachaphazelo atholwe nangabanye oNgqogqoshe bakhe okufana noDkt uMantombazana Msimanga owabe ephethe ezempilo ngalezo zikhathi. Encwadini yakhe engaphansi kwesihloko esithi: A Brief Commentary on the Question of HIV and Aids, uMzizi ugadla ngezandla zombili lapho elibeka elokuthi ukukhuluma okwabe kuthi yena wathi iHIV ayiyidali i-Aids. Kulokhu kukhuluma ukhomba umunwe labo ababehlomula ezinhlelweni ze-Aids (okubalwa abakhiqizi nabadayisi bemishanguzo nalabo abadlelana nabo). Kule ncwadi ngokusobala uMzizi ukhiphela izimbangi kanjalo nalabo athi babemnyundela inselelo, ubacela iqhude ukuthi uma abe ekusho kulokhu nangeminyaka eyedlule kuliphutha kabaphumele obala bamphikise, beze nobufakazi besayensi.
Yize kukhona abaphakimise izandla kulokhu nokho kubukeka bengabhekani nobufakazi abethulile kule ncwandi yakhe. Omunye wabaphawulile ngombhalo kaMbeki kube nguMnu uMark Heywood nowabe engumholi weTreatment Action Campaign (TAC) neyabe isekhaleni lokuliswana nenqubomgobo kaMbeki nxa kufika ekulashweni kwesandlulela ngculazi kanye negculazi uqobo. Yize engalimisanga ngesihloko uMzizi kepha yiTAC eyabe iqhuba umkhankaso othi iHIV idala i-Aids nathi uMbeki yibo ababhebhethekisa okungelona iqiniso ngakushoyo ngoba behlomula ngalokho. UHeywood ucashunwe ethi “Incwadi kaMbeki kayenzanga okutheni ukugeza igama lakhe, kunalokho ivuse amanxeba njengoba eqhubeka ephikisana nobufakazi besayensi obukhona. Obekumele akwenze yena ukuphendula ngqo izinsolo ezithi inqubomgomo yakhe iyimbangela yokufa kwabantu.” Kanti izolo neTAC nayo ikhiphe isitatimende nayilapho ibimudla luhlaza uMzizi. Kulesi sitatimende iTAC ithe: “Iningi lezihlobo zethu, abangani bafa ngesikhathi uMbeki noHulumeni wakhe bendonda ekwenzeni izinto belibele wumsangano wesayensi, khona lapho ezincwadini zakhe azibhalayo asizwa lapho ethi uyaxolisa khona.”
Umhlaziyi wepolitiki owabe esebenza ngaphansi kukaMbeki uMnu uPrince Mashele naye umsolile uMzizi nathe lokhu akwenzile (ukubhala izincwadi) kumenzele phansi kunokuba kumfukule. “Engingamelukela ngakho wukuthi akabhale ibhuku eliphelele uma efisa ukuchaza ezinye zezinto kepha lokhu akwenze manje (ukubhala izincwadi) akumsizi ngalutho kunalokho kumbeka njengomuntu onegqabho ongakuquki kulokho akholelwa kukho noma ngabe kunobunye ubufakazi, kanti futhi ubukeka njengomuntu ofuna ukulungisa abathize acabanga ukuthi babemyundela.”